Iqembu ekugcineni lingelomuntu ayi abalandeli



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Empilweni nangelilodwa ilanga ungabothembela entweni yomuntu, ngoba ngelinye ilanga uyokuvezala ukuthi leyonto eyakhe. Ingakho kukhona isisho esithi “Into yomuntu umhluzi wempisi”.
Kuliqiniso ukuthi nakule sizini baningi abalandeli banobhutshuzwayo abazokhala, ngenxa yomuntu oyedwa otshengisile ukuthi into ngeyakhe. Labo balandeli ngabeBloemfontein Celtic esithengwe nguNozipho Fortunate Ngubo ongudadewabo wesiqumama sase-Ethekwini uShauwn Mkhize owaziwa ngelikaMam’Mkhize.
Uma ukhuluma ngeBloemfontein Celtic ebiphethwe uMax Tshabalala umuntu ofika kuqala uBotha Msila, ongumlandeli wokuqina waleli qembu. Cishe inhliziyo yakhe kuyimanje igaya izibozi, ngoba iSiwelele Samasele (iCeltic) ubeyilandela noma kuthiwa idlala kuphi lo mlandeli.
Kwenzeka lokhu nje nangonyaka odlule abalandeli beBidvest Wits, bashiywa ehlane njengoba abaphathi bayo badayisa igunya layo lokudlala kuDStv Premiership belidayisela iTshakhuma Tsha Madzivhandila F.C. (TTM) yaseLimpopo. Lokho kwasho ukushabalala kweviyo labadlala izinsimbi zomculo ebelinandisa emidlalweni yeBidvest Wits ikakhulukazi emidlalweni yaleliqembu yasekhaya eBidvest Stadium. Kwaphinde kwalahleka abalandeli abesebeneminyaka belandela leli qembu njengoba beselineminyaka engama-99 laba khona.
Kuliqiniso ukuthi kwaba nzima kumlandeli owayelandela leli qembu ebeselizakhele udumo ngokunqoba izicoco yize belingabalwa kumaqembu amakhulu ukuba ayolandela izimbangi.
Ngawo futhi unyaka wezi-2020 iHighlands Park eyayisizakhele udumo ngokuthwalisa kanzima amaqembu avakashela iMukholong Stadium eTembisa ngenxa yoxhaso elithola kubalandeli bayo. Kwakugcwala kuswelakale indawo yokuhlala mangabe kudlala leli qembu kulenkundla ibebomvu yonke inkundla. Konke lokhu kwashabalala ngesikhathi leliqembu lidayisela iTS Galaxy igunya lokudlala kuDStv Premiership.
NakuGladAfrica Championship kwaba esifanayo ngesikhathi iReal Kings ithengwa u-Andile Mpisane manje wayibiza ngeRoyal AM. Lokho kwenza abalandeli beReal Kings beqhubeke nokulandela leli qembu ku-ABC Motsepe KwaZulu-Natal.
Elinye iqembu elidayisiwe nyakenye nga-AmaZulu FC kodwa ngenhlanhla athengwa usomabhizinisi wakhona esifundazweni iKwaZulu-Natal uSandile Zungu, lokho kwenza abalandeli bawo baqhubeka nokuseka Usuthu oluyoyibamba kumqhudelwano omkhulu e-Africa iCaf Champions League.
Phambilini abalandeli bamaqembu afana neMpumalanga Black Aces basala dengwane ngesikhathi iphenduka iCape Town City isuka eMpumalanga. Okwenza isiFundazwe iMpumalanga ingabe isaba nalo iqembu eligijima esigabeni esiphezulu kwalahleka izinkumbi zabalandeli.
IManning Rangers FC eyaba iqembu lokuqala ukunqoba iPremier Soccer League (PSL) ngesizini yowe-1996/97 Yadayiswa ngowezi-2005 kwashabalala umlando osuka ngowezi-1928 kanye nabalandeli abasebeneminyaka beseka leliqembu.
Lokudayiswa kwamaqembu kungase kuxoshe abalandeli abaseka amaqembu ikakhulu ezinkundleni. Lokhu kubonakala ngesikhathi amaqembu amakhulu iKaizer Chiefs, i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns bedlala ekuhambeni kuba ngabalandeli balamaqembu agcwalisa izinkudla.
Kunzima ukukhulisa isizinda sabalandeli kumaqembu amancane bengazi ngekusasa labo kwazise amaqembu asedayiswa ubuthaphuthaphu.
Yize kubuhlungu kubalandeli kodwa angeke kwagxekwa izikhulu zamaqembu ngokudayisa amaqembu, ibona abasuke bazi izinkinga abasuke bebhekene nazo bebona nokuthi lokhu okusuke kubekwe etafuleni ileso sikhulu esuke sizothenga kusuke kuconsisa amathe nezinkinga ziphela.
Uma kungakhulunywa iqiniso izikhulu zeBidvest Wits bezingafisi ukuthi ziqhubeke nokuphatha leli qembu, bengene nalo emlandweni wokuhlanganisa iminyaka eli-100 laba khona. Kodwa ngenxa yezinkinga izona ezenze bayidayisa.
NoTshabalala naye ubengafisi ukudayisa iCeltic kwazise abalandeli baseBloemfontein bakhombise ukuseka leli qembu ngezikhathi ezinhle nezimbi.