Now Reading
ISILILO : Hamba Kahle Qhawe Mfu Erlo Stegen
Dark Light

ISILILO : Hamba Kahle Qhawe Mfu Erlo Stegen

Hamba kahle qhawe lamaqhawe thwala umqhele wakho bese ulala embhedeni uthi ja. Phakathi kwakho namazulu kukhona uphahla lwendlu olukade lwalukubuka: uthandaza, udumisa, ucela, ubonga, unethemba noma unovalo lokungaphumeleli. Lukubuke sewuphumelele sewutusa. Kodwa futhi phakathi kwakho namazulu, luyadeda uphahla. Umoya wakho ugcakagce njengovemvane emazulwini okade wawuphupha ngawo, okade wawulunguziswa kuwo ngokomoya. Giya ngoba uhlale noZulu omthande kwaze kwaba sekugcineni. Giya ngoba umbonile kaningi egiya. Giya uqephuze. Giya ngoba emva kwezinhlungu, sewuyaziphumulela. Amaphiko ezingelosi mawaphaphazele akuphakamise, akubelethe, akubeke ezinyaweni zalabo abasondelene neNkazimulo yaphakade.

INDE INDLELA YAKHO – IKHAYA LAKHO LABA YIZIKO LAKUSASA

Siyamdumisa uNkulunkulu ngohambo lwakho. Uma sikhumbula konke osixoxele ngakho mayelana nempilo yakho siyakhexa. Wathi wazalelwa emakholweni. Uma sesikhuluma nawe sisakubona uthe ja phambi kwethu, sithi kasibonge kubazali bakho nabakwenu ababa yisibonelo nesiphephelo sakho ekukhuleni. Sengathi kungathi abezwa ngokukhula kwakho kuleli bhuku lempilo yakho, nebhuku lezintshumayelo , bababonge abazali noma abakhulisi babo ngakho konke ababenzela khona.

UGCOBO LWENGUQUKO KOKWAFUNDWA KUYA KOKWAMBULELWA

Sifunde lukhulu ngempilo yakho. Namuhla uma sikhuluma lawa mazwi phezu kwakho, kwenanela imishini elobayo, kuqhaqhazele iminwe echofozayo, sibabaza ubuNinini Nanini bukaNkulunkulu. . Kungathi kudlala umfanekiso ophenya amakhasi ngamakhasi nosiwelisa amazibuko ngamazibuko. Sikhanyelwa yikuthi uNkulunkulu uBaba wethu osezulwini osithukusa kubazali bethu, uyaqhubeka enathi ethasisela ugcobo lwakhe. Abanye abazali ngokwezizathu eziningi eziphathelene nezinselelo zempilo, zezigameko zezimpi, nezehlakalo zendlala nokuba ngabagilwa ezimweni zomhlaba bayakhubazela baphelelwe ngamandla. Abanye abahlali emphakathini bagutshuzelwa yibuholi benkohliso bezifikanamthwalo. banqotshwa yizitha ezisuke zilubalubela izwe labo abazalelwa kulo njengokhokho babo. Abazali, bekhulisa izingane bekulesi simo, kuyenzeka bangatshali okufanele okumsulwa ezinganeni, kodwa kudluliseke ezinganeni inzondo noma izinkolelo eziphambene nentando kaNkulunkulu. Waba ysibonelo sokulale abazali noNkulunkulu.

SIFUNDE LUKHULU EMPILWENI KABABA UMFUNDISI ERLO STEGEN

Wakhulela emzini omkhulu owawunezingane eziningi ngokomqondo wamanje , yena engowesine. Kubalwa izigigaba eziningana ecishe elimala. Esokuqala isigigaba kwaba mhla kade ebanjwe ngabafowabo bemzwibekisa beshaya naye uzungezane. Bambona esephelelwa ngumoya. Waphuthunyiswa kudokotela. Udokotela wathi kayingangaye, akajahiswe eMgungundlovu kusukwa eNew Hanover. Emgwaqeni omaqhuzuqhuzu ongenatiyela imoto yashaya kakhulu kwelinye idundu. Kwaqhasha uhlamvu olwalumbambe emphinjeni u-Erlo wasinda. Sifunda ukuthi uNkulunkulu usiphephisa kokungakanani ebonelela abazali elungiselela iviyo lakhe okufanele enezezele ngalo ekusizeni amsindisayo. Zikhona futhi ezinye izigemegeme asinda kuzo ezitholakala encwadini ethi Inceku kaKristu: Erlo Hartwig Stegen
(2022). Ngenye indlela futhi siyakufunda ukuthi abantu abagcina benogcobo lukaNkulunkulu babonakala ngezigigaba ezithile besebancane ezinobumfihlo bamandla oMdali – sithi yinhlanhla, sithi yidlozi, sithi ngabadala. Kanti kusuke sekuyilo uphawu lokuthi lo uyokhula angafani nabanye.

UKWEMUKELA OMUNYE NJENGOMUNTU KUWUVUTHONDABA LWEMPILO ECWEBISEKILE KANKULUNKULU

Ekhulela ekhaya elikholwayo. Ethanda esontweni efunde nesikole sangesonto. Ewuzwa umoya wokuthanda ukushumayela ebe ezalwa ngabazali abakhonzayo nokunabefundisi olibweni lwabo. Esebenzile nabantu emisebenzini yasekhaya naseplazini, okuningi ayekubukela kuyise kwakungokwedukisayo nokongenabulungiswa nabukholwa.
Incwadi ebhalwe ngempilo kaMfu Stegen ithi: “Ngokuhambisana nesimomengqondo seningi labelungu abangabalimi, abakwaStegen babephatha izisebenzi zabo zaseplazini ngesankahlu. Esengumfana u-Erlo wayevama ukubukela ubaba wakhe ethukuthelela futhi ephatha kabi izisebenzi zasepulazini ngolaka, nakuba wayengumdala oholayo ebandleni labo. Umqondo ka-Erlo wawumatasa ugxile kakhulu ekwenzeni imali kunokunaka impilo yezisebenzi zabo noma ukufunda ulimi lwesiZulu. Eseyingane, u-Erlo wayecabanga ukuthi umuntu ongumAfrika wayengenawo umphefumulo.”
Ngenhlanhla yakhe uMfundisi, engakakhuli nakukhula, engakaganwa, wambulelwa wathanda abantu walala emaxhibeni abo edla izinkobe nomcaba. Amehlo afuswa yintuthu aze ayejwayela waba ngumuntu phaqa. Kuthiwa kwake kwathi ehambela amakhaya noMfundisi osemncane ompisholo baphiwa ukudla. Waqalaza waqalaza uMfundisi omncane ebheka ukuthi angakudla yini ukudla kwalapho, uMfu Stegen wazidlela ngenkulu inkululeko le.

AMABHONGO ANGAKA – IMPUMELELO ESIBEKELANA NJENGAMAGAGASI –IPHI IMFIHLO?

See Also

Umbuzo akuwona nje ukuthi iphi imfihlo sizoqonda konke, kodwa ngowokuthi thina emabangeni nasemazingeni ethu ahlukene,kasiyisebenzisi ngani njengoba wayeneka obala ubaba uStegen? Isizwe sibhekene nezinhlobo eziningi zezinhlupheko. Yizifo. Izimo zezulu eziza ngamandla. Indlala. Ukumonazelana. Yikuba abaholi abaningi bazibhekelele bona kunabantu abathembele kubo ukuthi bayobakhipha ebunzimeni. Ukungcofana kwabaholi. Utshwala. Yizidakwamizwa. Ubugebengu. Ukuhlukumeza abesifazane nezingane. Ukuntula umsebenzi. Utavatava lwempilo olwephuca umuntu ifa lenala nokudumisa lokho esakwabelwa nguNkulunkulu Kodwa kwaSizabantu sikhuluma ngempumelelo ephuphumayo. Imfihlo isekukholweni kukaMfu Stegen.

AMAZWI APHILISAYO APHUMELELISAYO

Akekho oziphilelayo. Ngalokho sisho okungavamisile ukunakwa ukuthi noma ngabe impilo yomuntu injani, iyabathinta abanye, kahle noma kabi. Uma ibathinta kahle, kuyanda okuhle. Uma ibathinta kabi, kuyancipha okuhle. Umbonotalagu kaMfu Stegen, ebuka izindawo ethi kudingeka amasimu lapha. Ebuka izinkalo, athi kudingeka kumbiwe amanzi lapha ngoba siyeza isikhathi lapho eyothengisa khona amanzi. eNingizimu aqalaze aqalaze athi lapha kufanele kwakhiwe izikole okuyofunda kuzo izizwe ngezizwe . Esho engenasenti ebhange. Esho engabanikelisile labo abazolalela izwi ayelithunywe kubo nguNkulunkulu wamabandla onke. Esho ngoba ekholwa ukuthi uma akwenzayo kukuhle kuNkulunkulu, nguye kanye oyokuphumelelisa. UMfundisi ulanda isisusela sethemba nempumelelo yakhe. (Kukhona ezinkulumweni zakhe lapho ethi ukunikelisa kunokuholela esilingweni sokugxila kakhulu emnikelweni kunasekukhonzeni nokudumisa uNkulunkulu – bese konke kubekwa ezandleni zakhe.

ISIPHETHU SEMPUMELELO KAMFU STEGEN.

“Ngemuva kokuphenduka kwami, ngisemusha, incwadi yaba ngemnandi kakhulu, izedlula zonke ezinye futhi iligugu kakhulu kimi. Izethembiso zeBhayibheli zazimnandi kakhulu, zedlula uju. Lapho ngifunda incwadi ngokukaJohane 15:7: ‘Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.” Ngathi, “O Nkosi ngifuna ukuhlala kuwe, futhi amazwi akho ahlale kimi. Ingabe lokho kusho ukuthi ngingakhuleka futhi wena uyophendula lowo mkhuleko.”
Ngangingesiyena umuntu okhonze izincwadi, kodwa… ngesikhathi uKristu engena empilweni yami ngangingakafiki ekwenelisekeni yile ncwadi. Ngafunda izahluko ngazazi ngenhliziyo. Incwadi kaJohane
14:12. “Ngiqinisile ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi imisebenzi engiyenzayo, naye uyoyenza, futhi nemikhulu kuna le, ngokuba mina ngiya kuBaba.” Ngathi Nkosi ngiyakholelwa kuwe. Kuyiqiniso ukuthi uma umuntu ekholelwa kuwe, imisebenzi owayenzayo, naye uyoyenza.” Namuhla izintaba zakwaMaphumulo zengamele izithantala zezakhiwo nezindlu zokuhlala, nesonto nezindawo zokukhiqiza ezahlukene, nezingadi, nesibhedlela. Ubuka kuphele amehlo. Umlilo olokozayo othungela entandweni nasezwini likaNkulunkulu ungakwazi ukudala isicikacolo kudaleke imisebenzi. Uyakwazi ukukhulisa ukholo, kwemukelwe kuwo wonke amagumbi omhlaba bonke abafisayo ukuzobona, ukuzohlala, ukuzohlunyeleliswa, nokuzophulukiswa.
Yilangabi lalo mlilo elithungela ugqozi olubhebhethekayo lokwenza okubusiswa nguNkulunkulu kulanguke kungadambi kungacimi.

LALA KAHLE NKUNZI KAYIHLABI NGAMPONDO IHLABA NGEZWI NANGEZENZO
Gqanqulani phambi koMdali nezinye izinceku enadudana ngobuhle nangenkozo yezinkonzo nabo. Banixolele enabanyathela emshikashikeni wokufakaza ngemisebenzi yoMdali. Banixolele abanyatheleka kusetshenziswa izakhiwo noma amagama enu. Banithethelele ezonweni enaba buthaka nazenza nasezonweni zokuphutha – zalokho eningakunqandanga kwAkufanele nikunqande. Sengathi inhlwanyelo eniyishiyile ingachuma kuphume izithelo nezivuno njengoba nanicelile futhi nisacela kuNKulunkulu. Makunqandeke okudumaza imisebenzi kaNkulunkulu athumela nina ukuba niyedlulise, niyisabalalise, niyise ezingosini ngezingosi, ezizweni ngezizwe, kwababusayo nababuswayo, kwabazithwele nabazithobile. Ngenxa yokuzinikela kwenu, makwande abadumisa okuhle, bamemezele okusindisayo nokunikeza ithemba kunabandisa okubi, bamemezela imbubhiso baqede abantu ithemba.

Scroll To Top