Now Reading
I-ATM kubukeka isiwuqalile umkhankaso wokhetho
Dark Light

I-ATM kubukeka isiwuqalile umkhankaso wokhetho

UMENGAMELI we-African Transformation Movement(ATM), uVuyolwethu Zungula, uthe abantu abangenayo intando yezepolitiki ngeke bathenjwa ukuthi baphathe izwe. Ubekhuluma namakhulu abalandeli bakhe emhlanganweni wabo wesifunda saseGoli eSoweto.

UZungula uthe eminyakeni emibili edlule bekukhona amasosha ezweni ukuze aqinise imithetho yemvalelwekhaya kodwa ibingekho intando yezepolitiki yokubhekana nezingqinamba eziningi.

“Asikwazi ukuba nezwe elibuswa abantu abangenawo amandla epolitiki okuxazulula izinkinga zabantu. Eminyakeni emibili edlule bekuno khuvethe, kwase kuba imvalelwekhaya futhi kwakukhona amasosha yonke indawo ngoba kwakukhona intando yezombusazwe yokugcina abantu ezindlini zabo, kodwa uma kunezidakamizwa iphi intando yezombusazwe, lapho kukhona abavukuzi abangekho emthethweni abahlukumeza abantu bakithi yintando yepolitiki, uma abantu befa ngenxa yemikhiqizo ewumgunyathi eSoweto iphi intando yepolitiki, uma kune-load shedding ebulala osomabhizinisi abancane iphi intando yepolitiki? Kungani leyo ntando yepolitiki ingeyokuhlomula kosopolitiki kuphela, hhayi izakhamizi?”

Uqhube wathi sesifikile isikhathi sokuthi abantu baseNingizimu Afrika bazibambele mathupha ngekusasa labo, bakhethe uhulumeni ozobeka izimfuno zabo phambili.

See Also

Ukhumbuze ababekhona, ukuthi bangenza umehluko ngowezi-2024 wabakhuthaza ukuthi basebenzise amandla abo. Lomholi we-ATM uthe abantu baseNingizimu Afrika abajwayelekile sebelahlwe okwenyongo yenyathi.

Scroll To Top