URamaphosa wethule uhlelo lokuqapha emngceleni iBeitbridge


Umngcele oxhumanisa iNingizimu Afrika neZimbabwe onqamula esifundazweni iLimpopo uphinde waba sematheni izolo ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa nozakwabo waseZimbabwe uMengameli u-Emmerson Mnangagwa bethula uhlelo lokuhlola olubizwa ngeBorder Management Authority.
Laba baholi bebephelezelwa ngongqongqoshe bezasekhaya emazweni womabili. Kuthe engakaligwinyi-nje uMengameli uRamaphosa abantu bese beqalile ukukhononda ezinkundleni zokuxhumana ngabakubize ngokubukela phansi abakuleli ngokumenywa kukaMnangagwa ogxekwa ngokuhluleka ukubhekelela abantu bezwe lakhe abagcwele kuleli.
URamaphosa uthe abazokwena nozakwabo eMusina ukuzohlola ukuphuma nokungena kwabantu nokuthi banazo yini izincwadi ezisemthethweni ezibagunyazayo. Ngesikhathi labo mengameli belapha ezokuphepha beziqinile kungaphithizeli njengemihla lapho abantu besuke bephuma bengena ngezinyawo nangamaloli.
UMengameli uRamaphosa uthwale kanzima ephonswa imibuzo ngokuthi kukhona yini lapho kuzofika khona ekutheni kuvalwe thaqa ukungena ukuthutheleka kwabantu baseZimbabwe kuleli ngokungemthetho.
Umbiko owakhishwa ngemuva kancane kokuqala koKhuvethe kuleli ngo-2020 waveza ukuthi bayadlula kuma-30 abantu ngosuku abangena eNingizimu Afrika ngokungemthetho besuka eZimbabwe.
Lesi sibalo siyanyuka minyaka yonke lokhu kugqama ngesikhathi samaholidi sebebuyela emakhaya. Ucingo kulo mngcele lulungiswa mihla namalanga abantu baphinde balunqamule kungakapheli nesikhathi esingakanani. Engena esikhundleni njengoNgqongqoshe Wemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda uMnu uSihle Zikakala wahambela kule ndawo wathembisa ukuthi ucingo luzovuselelwa kuqiniswe nomthetho.