Now Reading
Abavumi ukugoba uphondo ngomkhumbi oyamaniswa nezikhali
Dark Light

Abavumi ukugoba uphondo ngomkhumbi oyamaniswa nezikhali

Yize sekwedlule isikhathi kubonakala amanye amaqembu aphikisayo engafuni ukugoba uphondo odabeni olwasusa umsindo lomkhumbi iLady R okwavela imibiko yokuthi wawukanise echwebeni iSimons Town, eKapa ulayisha izikhali zilibangise eRussia lapho kukholelwa khona ukuthi iNingizimu Afrika yabe iyofaka isandla empini eqhubekayo e-Ukraine. 

Naphezu kwemizamo eminingi yeqembu elibusayo nohulumeni yokuphebeza lolu daba kubukeka kunhlanga zimuka nomoya. Kulokhu ligaya ngomunye umhlathi njengoba iDemocratic Alliance isithathe isinyathelo sokuliyisa enkantolo udaba. Isinqumo seDA silandela isiphakamiso esenziwe umehluleli osewathatha umhlalaphansi uMehluleli  uPhineas Mojapelo lapho ethe abukho ubufakazi obubambekayo bokuthi lo mkhumbi wawulayisha izikhali kuleli chweba lamasosha asolwandle ngoZibandlela.

Okhulumela leli qembu kwezobulungiswa uNkk uGlynnis Breytenbach, usenikele eNkantolo iNorth Gauteng ePitoli ngephuzu lokuthi okuqhubekayo ngalolu daba kuphambene nomthetho. Okunye okuyiphuzu akuvezayo ukuthi iJaji laqokwa isinyenyela ngaleso nophenyo lwenziwa emakhosombeni. UBreytenbach oke wasebenza ophikweni lwezokushushisa njengomshushisi uthi okuxakayo ukuthi umbiko kaMehluleli uMojapelo uvela njengoyimfihlo kulabo abasezikhundleni eziphezulu kuphela.

Elinye ilungu leDA kwezokuvikela uMnu uKobus Marais uthumele isicelo esimayelana noMthetho iProvision of Access to Information Act, eMnyangweni Wezokuvikela lapho enxusa khona ukuba iqembu lakhe linikezwe imininingwane egcwele ngomkhumbi i-Lady R. Phakathi kwezinto athi bayazidinga imininingwane ebhalwe phansi ngokuthi umkhumbi wawuthweleni futhi washiyani eSimons Town. Bafuna ukwazi ukuthi zazithini izivumelwano zangaleso sikhathi ngokufika kwalo mkhumbi kuleli chweba.

IDA ayigcini lapho ithi izophoqa nokuthi umbiko kaMehluleli uMojapelo unekwe ezithebeni zeKomidi Lezokuvikela ePhalamende kanjalo naseKomidini Elihlanganyele Lezokuvikela. Kubonakala kungeyona iDA kuphela eyiphela endlebeni kuhulumeni. 

See Also

Ngasekuqaleni  kwesonto izinhlangano ezimbili zomphakathi ezingenzinzuzo zaseKapa okuyiOpen Secrets, neCampaign for Free Expression,  zifake isicelo eHhovisi likaMengameli uCyril Ramaphosa zifuna ukuba umbiko ogcwele ngeLadyR waziwe ngumphakathi ungagcini nje kwabathile kuphela. Yize lezi zihlangano zingazange ziphumele obala ngokuthi zizosebenzisana neDA nanoma yinaliphi iqembu eliphikisayo, kodwa izinkomba ziveza ukuthi uma udaba lugcina luphelela enkantolo, bayoba baningi abayoma ngakuDemocratic Alliance. 

Emuva kombiko kaMehluleli uMojafelo I-ANC ithe lokhu ingakufanisa nokunqoba umzuliswano onzima ofuqwa yilaba abangahambisani nohulumeni. Yize kunjalo iDA iphinde yaveza ukuthi ngesikhathi iHhovisi likaMengameli uRamaphosa limemezela ukuqalwa kophenyo abakuleli Hhovisi bakha isithombe sokuthi kuzosungulwa ikhomishini, hhayi isicagogwana sabantu abathathu.

Scroll To Top