Now Reading
UMgabadeli ubonga akaphezi kwancele kubo esibhakeleni
Dark Light

UMgabadeli ubonga akaphezi kwancele kubo esibhakeleni

Ubonga abamucathukisile efika esibhakeleni oqokelwe esikhundleni esiphezulu kwi-KwaZulu-Natal Professional Boxing Federation.  UDkt uHlula Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions, emasontweni edlule lapho obekuqokwa khona ubuholi baKwaZulu-Natal esibhakeleni, unikwe  isikhundla sokuba uSihlalo. 

Engxoxweni nelaboHlanga uDkt uDladla, ubelokhu ebonga laba athe efika ekubeni uphromotha, bangambukela phansi.  “Ngiyabonga kakhulu ukuthi ngithe ngifika kulo mdlalo ngafica abantu abanjengodadewethu nabafowethu. Bangamukele ngezandla ezifudumele, bazinikelile ekutheni bangifundise indlela yokuphokophela phambili, namanje ngisancela kakhulu kubona. Lapho ngikhuluma noNomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Boxing Promotions, uZandile Malinga weStarline Boxing Promotions noSandile Vilakazi weSyathaba Boxing Promotions ukukha phezulu. Lesikhundla engisibambile, kumele bazi ukuthi badlale ingxenye enkulu ukuba ngisinikwe”.

Abanye abagixabezwe ngezikhundla uGcina Mjadu oyisekela lakhe uDkt Dladla, uNobhala uMagcaba-Shezi, uThema Zuma oyisekela, uXolani Malinga ongumgcinimafa, uFazel Malinga oyi-PRO noNhlakanipho Gumede yena oyi-Cooperative Development.

“Ukunikwa lesi sikhundla kuza nenselelo enkulu kakhulu, ngoba kumele ngenze isiqinkseko sokuthi izinhlaka eziphakela isibhakela esikhokhelayo zihlangele njengoba zike zahlakazeka. Ngiphinde ngiqinisekise ukuthi sisebenza ngokubambisana, siqhubeke nokuthuthukisa lo mdlalo esifundazweni. Kuzomele ngiqonde ukuthi izinqumo engizozithatha ngeke zonke zahambisana nami” kubeka uDkt Dladla. Kwikhalenda lika-2023 isifundazwe iKwaZulu-Natal sibe nezimpi eziningi okukhona kuzona nezamabhande amaningi ahlukahlukene. 

“Kuyathokozisa ukuthi unyaka awukapheli kodwa sibe nezimpi ezithokozelwe kakhulu abantu. Asigcinanga lapho ezinye zezimpi zibanjelwe ezindaweni zasemakhaya, okubalwa eStcourt nakoVryheid. Sikhuphukile isibalo samabhokisa amasha asuka kuma-Amesha eya kwesikhokhelwayo. Njengoba elinganiselwa kumabhokisa angama-54 amaningi akwazile ukuthi angene eringini okokuqala. Sifuna ukuqeda nalaba ophromotha abangena ngenhloso yokuthi bazodla imali, lena eqhamuka kuMnyango WeZemidlalo. Lokho kugcina kube engathi umqhudelwano wenziwe uMnyango weZemidlalo ayi uphromotha” kubeka uMgabadeli (abakaDladla).

IKwaZulu-Natal  ingeyokuqala ukusingatha umqhudelwano lapho okuhlonishwa khona abesifazane. Lowo mqhudelwano wawuhlelwa ngokuhlanganyela iHle Jobe Boxing Promotions kaHlengiwe Sithole, iMvelo Boxing Promotions, iStarline Boxing Promotions neSugarboy Boxing Promotions kaNomfundo Malinga. 

Isitebela iHlula Dladla Boxing Promotions isungulwe ngowezi-2022, kodwa

isinompetha abahlanu. Kulabo mpetha kubalwa uMxolisi “The Nation” Zuma ongumpetha weWorld Boxing Federation

(WBF) International Junior Featherweight,

See Also

uLindelani Sibisi yena ophethe isicoco seKZN Featherweight, uBathabile Ziqubu ophethe ibhande leWBF Bantamweight, uTheo Mhlungu ophethe eleWBF Mini Flyweight noNkosingiphie Sibisi KZN Flyweight.

Lesitebela sinamabhokisa ali-13 bonke baziqeqesha eSibongile Boxing Gym edume

ngokuthi isemgodini eDundee, kubaqeqeshi abakhona uNathi Last Born noMtuseni Dube. 

“Sizimisele ukukhiqiza ompetha abaningi abazophatha amabhande amakhulu aseNingizimu Afrika, sifuna ukunika inselelo uSibisi ukuthi abhekane noJack Chauke ongumpetha weSA Flyweight” kuphetha uMgabadeli. 

Scroll To Top