Now Reading
Kuyoba nini kucwebe iziziba kuFifa ngokucwaswa kwabadlali  boHlanga
Dark Light

Kuyoba nini kucwebe iziziba kuFifa ngokucwaswa kwabadlali  boHlanga

Inhlangano ephethe unobhutshuzwayo emhlabeni iFederation International Football Association (FIFA), ngiyazibuza ngiyaziphendula ukuthi engabe ithule ithini njengoba ulokhu uqhubekile lomkhuba wokucwaswa kwabadlali ngobuHlanga emaqenjini aphesheya kwezilwandle. 

Lento yokucwaswa kwaboHlanga ayiqalanga manje, kudala yaqala kodwa kunokuthi kube khona okwenziwayo kuvele kuthuleke nje. Kungani ngempela engajeziswa lawo maqembu enza lokho noma lowo mdlali okanye umqeqeshi. Muva nje abadlali beqembu lase-Italy iNapoli bakhombise ukucwasa ngobuHlanga kuVictor James Osimhen waseNigeria leli phephandaba elibikile ngakho ngeledlule 

Lokhu kwenzeke emva kokuthi lo mgadli eshwebe iphenathi leli qembu . Emuva kokuhluleka ukubhakuzisa inethi, ozakwabo  bamhlekile kwaba khona nabakhuluma amazwi anokucwasa. Okubuhlungu ukuthi ngokushweba iphenathi uphenduka iqaqa, ekubeni eselenzele okukhulu kangaka. Ngesizini edlule lo mdlali uvalele amagoli angama-26 emidlaweni engama-32, nokusize leli qembu linqobe iligi emvakweminyaka kwagcina ukwenzeka lokho. Kule sizini emidlalweni eyisikhombisa ayidlalile usebhakuzise inethi kahlanu. 

Ezinye izigameko abadlali abathathu base-England uBukayo Saka, uJadon Sancho noMarcus Rashford babhekane nalesi simo ngesikhathi beshweba amaphenathi bebhekene ne-Italy.  Abantu base-England bakhwela badilika kubona. 

USiyanda Xulu wakuleli egijima eqenjini laseRussia iRostov FC wakuthola ukucwaswa, nokwagcina ngokuthi umqeqeshi amiswe imidlalo emine ngenxa yesenzo sakhe. 

Abanye abadlali base-Afrika asebeke bathwala kanzima eminyakeni edlule uDidier Drogba wase-Ivory Coast owayedlalela iChelsea, u-Ivan Toney odlalela iBrentford, uNaby Keita owayedlalela iLiverpool FCwaseGuinea.  USadio Mane eqenjini laseGermany iBayern Munich, uthwale kanzima kwazise naye bebemucwasa. Kumazwe okuyiwo ajwayele ukucwasana ngobuHlanga ise-England, Spain, Italy, Netherlands naseRussia. 

See Also

Unyaka nonyaka izigameko ziyenzeka, njengoba abanye abadlali begcine bebizwa ngamagama athize. IFIFA impela kanti yini umsebenzi wayo ngoba inawo wonke amandla.  Isikhathi sokuthi le nhlangano yenze isibonelo ngeqembu elilodwa ukuze izoncipha lento. 

Nakweminye iminxa yeZemidlalo kumele kube khona indlela eqedwa ngayo lento. Kudala bemucwaswa uLewis Hamilton ongumshayeli wezimoto zeFormula One, uNaomi Osaka kwezomphebezo uke wacwaseka. 

Scroll To Top