Imbiza izobe iziwa ngothi kowamanqamu eMabhida
Lizobe libhubha eMoses Mabhida Stadium kusasa ngehora lesi-6 ntambama emdlalweni wamanqamu weMTN8 phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.
Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela isibhekela izizathu ezizokwenza le ndumezulu yomdlalo idonse izinkumbi zabathandi bakanobhutshuzwayo. Iqembu elizokhala lemuke nesicoco lizohlabana ngesamba sezigidi esiyisishiyagalombili zamarandi.
Amarekhodi alezi zinkunzi kweyamanqamu eMabhida:
Irekhodi leZimnyama eMoses Mabhida kweyamanqamu emikhumulajezi:
MTN8:
Ngowe-2010 ezikaMagebhula zaqeda indlala yezicoco eMabhida ziqumba phansi iSwallows FC kowamanqamu weMTN8 sekukhahlelwa amaphenathi ngaphansi kobuholi bukaRuud Krol.
Telkom Knockout:
Ngowezi-2011, eZimnyama zathela othulini iBidvest Wits ngo 3-1 kowamanqamu weTKO eMabhida. IPirates yayiholwa nguJuilo Leal ngesikhathi ikhipha iZitshudeni inkani.
MTN8:
IPirates yakhala ngaphansi okokuqala eMabhida ngowezi-2013 ngesikhathi igilwa yiPlatinum Stars sekukhahlelwa amaphenathi.
MTN8:
Amabhakabhaka aphinde aphuma eMabhida ekhihla esikaNandi ngowezi-2014 eguqiswa yizimbangi zawo ezinkulu iKaizer Chiefs kowamanqamu weMTN8 ngo 1-0 wegoli likaTefu Mashamaite.
Nedbank Cup:
Ngo-2015, uVladimir Vermezovic, ubuyise inhlanhla yePirates kweyamanqamu eMabhida ebhaxabula iWits ngo 3-1 kowamanqamu weNedbank Cup kule nkundla kanokusho yaseThekwini.
MTN8:
Ngowe-2021, iPirates ibe ngompetha beMTN8 kulandela ukubhincisela nxaye iBloem Celtic eMabhida kowamanqamu ngo 2-1.
MTN8:
Ngesizini edlule iBucs ishaye AmaZulu ngo 1-0 wegoli likaMonnapule Saleng kowamanqamu eMabhida.
Irekhodi lamaBrazilians eMoses Mabhida kweyamanqamu emikhumulajezi:
Ngowezi-2012:
ISundowns yamangazwa iCeltic kowamanqamu eTelkom Knockout ngaphansi kobuholi bukaJohan Neeskens. UJoel Mogorosi nguyena owabhakuzisa inethini igoli elaweza iCeltic ngelibanzi.
Ngo-2016:
Ngemuva kokugileka ngowezi-2012 kuTelkom Knockout leli qembu lasePitoli libuye sengathi lithelwe ngezibonkolo ngowezi-2016 libhubhisa iKaizer Chiefs ngo 3-1 kowamanqamu weTKO eMabhida. ISundowns yaqopha umlando ishaya iChiefs okokuqala kowamanqamu.
Ngo-2019:
ISundowns iyona egcine ukudla iTelkom Knockout. Ngowezi-2019, yadumisela ngezulu iMaritzburg United ngo 2-1 eMabhida.
Abadlali ababhekiwe:
Monnapule Saleng v Teboho Mokoena:
Wayeqinisile umculi weKwatio uZola uma ethi eyamadoda ayipheli. Ngesizini edlule kusuke esinamathambo kubalandeli bala maqembu amabili ngombango womdlali wesizini ovelele. Ugcine unqontshwe nguMokoena. Abalandeli beZimnyama bakhale ngokubanjwa kukaSaleng inkunzi emini kabha. La madoda azothola ithuba lokhombisa abalandeli ukuthi ngubani inkunzi. USaleng nguyena obe yiqhawe leZimnyama ngesizini edlule kowamanqamu weMTN8 bedla Usuthu. Nguyena futhi ongcwabe iSundowns kowamandulela amanqamu emqhudelwaneni ofanayo ngayo isizini edlule.
Sipho Chaine v Ronwen Williams:
UChaine ufike kwezwakala ezintini kweZimnyama ngesizini edlule. Ukube uyiqalile isizini akungatshazwa ukuthi ubezobasohlwini lonozinti okuqokwe kuyena ovelele. Lo mklomelo ugcine uthathwe nguWilliams. Uma kuyiwa kumaphenathi impi izoba phakathi kwalabo nozinti ababili. Ngabe ngubani phakathi kwabo ozoba yiqhawe osukwini. Nasemdlalweni njengoba la maqembu ehlasela, bazodingeka labo nozinti ukuthi bawasize amaqembu abo.
Zakhele Lepasa v Peter Shalulile:
Namanje igoli elehlisa ibhokisi leKaizer Chiefs kowamanqamu eNedbank Cup ngowezi-2019 kusakhulunywa ngalo. Ngubani oyokhohlwa yileli goli likaLepasa elawinela iTS Galaxy owamanqamu eNedbank Cup seliyozilahla konina? UmfokaLepasa usethubeni elifanayo. Njengamanje nguyena ohamba phambili ngamagoli kweZimnyama. Uzobe ebhekene nesikhwishikhwishi esinguShalulile ongayibheki imidlalo emikhulu. Usedle umklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi emidlalweni yeligi amasizini amabili elandelana. Impela iyolala ibonene kula madoda amabili.
Themba Zwane v Ndabayithethwa Ndlondlo:
Impi yasesiswini izolawulwa yila madoda. UNdlondlo usenaso isipiliyoni sokudlala kweyamanqamu. Unqobe izicoco ezimbili nePirates ngesizini edlule (eseMTN8 neseNedbank). Uke wadlala kwemibili yamanqamu eNedbank neMarumo Gallants. Ubheke nenkunzi emdwayidwa uMshishi. Ohlezi esefomini embi.
Izizathu ezintathu ezinganqobisa eZimanyama:
Irekhodi likaJose Riveiro kweyamanqamu:
– Usedlale kweyamanqamu amabili akayazi induku. Ukeqe AmaZulu FC neSekhukhune United. Asikho isicoco adlale kusona wahluleka ukusinqoba.
– Igcindezi yokudliwa:
IPirates isanda kushaywa yiSundowns ngo 1-0 emdlalweni weDSTV Premiership. Kuthe kusenjalo yakhishwa yiJwaneng Galaxy koweCaf Champions League. Iphinde yadliwa yiStellenbosch emlenzeni wesibili womdlalo owandulela amanqamu eMTN8. Lokhu kwenza iSundowns iye kowamanqamu ibhekwe ngabomvu. IPirates isethubeni lokusebenzisa ukunganakwa kwayo ukunqoba owamanqamu.
Abalandeli:
IPirates kubhekwe ukuthi iyigqibe iSundowns ngezihlwele kulo mdlalo. Yebo, iSundowns isijwayele ukudlala phambi kwezinkumbi zabalandeli kodwa lokhu kungaba yisikhuthazo kubalandeli bePirates.
Izizathu ezintathu ezintathu ezinganqobisa iSundowns.
Ayigayelwa mphako:
– ISundowns ayibambeki. Isiyinqobe yonke imidlalo yayo kule sizini kuyo yonke imiqhudelwano. Njengamanje isifunde ukunqoba imidlalo noma ingadlali kahle izitha ziyicindezele.
Umuzwa wokunqoba:
ISundowns iyazichanasela ebholeni laseNingizimu Afrika. Isobozela kwasani olubhayizela phambi kwayo. Iningi labadlali bayo bayayazi ingcindezi yokudlala kweyamanqamu.
Inabadlali abaningi abangayinqobela umdlalo:
KuPirates bayabaleka abadlali abangayinqobela umdlalo. KuSundowns kungaqhamuka uMothobi Mvala, Grant Kekana noMosa Lebusa ngekhanda. UShalulile naye uyingozi. UZwane noNeo Maema bangaqhamuka nomlingo.
Zithini izingwazi ezingamanxusa akaMTN ngalo mdlalo, okunguHlompo Kekana noTefu Mashamaite.
Kekana:
“ISundowns kumele yehlisa umoya oza nokudlala kowamanqamu. Okwesibili akumele bavumele iPirates icanase. IPirates iyibhubesi elimanxebanxeba. Bazofika ngomfutho ngokuzojika amatafula. Abadlali bayo bazobe befuna ukuziveza ukuthi abafika kowamanqamu ngephutha. Ngilindele iPirates angeke ihlale emuva. Uma kukhulunywa ngeqembu elingayisabi iSundowns kusuke kukhulunywa ngePirates. Osukwini kuzoya ngokuthi ngubani olambe kakhulu. Ngihlalele ethembeni lokuthi iSundowns izoqhubeka nomgqigqo wayo wokunqoba izinkomishi.”
Mashamaite:
“Ngiyinika iPirates ngoba uHlompo uyinika iSundowns. IPirates ayinakiwe. Kubhekwe ngabomvu iSundowns. Kumele izame ukukusebenzisa lokho ekutheni kubanqobele umdlalo osukwini.”