Now Reading
Imidanti ehambisana namasiko ngoMkhosi Woselwa
Dark Light

Imidanti ehambisana namasiko ngoMkhosi Woselwa

Ezinyangeni ezingengakhi kuzoba nomcimbi obalulekile ngeshwa imidanti yakhona eyimfihlo ngokuvikela isizwe. Kunokudideka nokukhathazeka kwabanye ukuthi uzokwenziwa kanjani lomcimbi ngoba iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini ayihlali esigodlweni. Ngifisa ukwehlisa amaphaphu kulabo asebakhushukelwe imimoya. Ikakhulukazi, ngiyafisa ukudodisa noma ukukhanyisela isizwe ngengakufunda ngiyinhloko yomnyango wezaseNdlunkulu ngiba nezingxoxo ezinde nezijulile noMdlokombane. Ngangifika ngehora lesibili esigodlweni ngize ngikhululeke ngehora lesithathu ekuseni ngakusasa zisha izingxoxo ezijulile ezinye zazo engiyongena nazo egodini ngingakaze ngizithi vu ngisho kulo oyiswidi lami lomkhuhlane.

Mayelana nomkhosi woSelwa, yebo kuyiqiniso ukuthi iNgonyama ayihlali esigodlweni, udaba olwalumkhathaza uMntwana waKwaPhindangene. UMdlokombane imidanti yomkhosi woSelwa abewenzela esibayeni eNyokeni. Kanjalo NeNgonyama uMisuzulu kaZwelithini ingawenzela umcimbi WoSelwa eNyokeni inqobo uma kungeke kwenzeke iphutha elilodwa elibalulekile. Lelophutha kungaba ukusebenzisa iLawu elalisetshenziswa ubaba wakhe, uMdlokombane. Ngamafuphi, nesintu siyasho ukuthi ingane ayikwazi ukusebenzisa ukhezo lukayise. Ngiyathemba iyasuka inkungu emehlweni kanye nokudideka okukhona.

Okwesibili akukho okungavimba iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini ukwenzela umkhosi woSelwa esigodlweni saKwakhangelamankengane. Lesi isigodlo lapho iNgonyama uMisuzulu yagcotshelwa khona. Lesi isigodlo esakhiwa ngokukhulu ukuzinikela ubuholi nobuhlakani boMntwana uZeblon wakwaMandlakazi omagalelo akhe ekubhaleni nasekwazini umlando waseNdlunkulu ayancomeka. Kungenzeka iNgonyama uMisuzulu inokunqena ukusebenzisa isigodlo sakwaKhangela ngoba egcekeni kutshalwe uMtanenkosi okungumama wakhe. Iqiniso lithi ikwabo Kwakhangela. Ayikho into engamvimba ukuba enzele khona umkhosi woSelwa. Empeleni isigodlo sakwaKhangela, ikakhulukazi isibaya lapho agcotshwa khona, indawo efanele ukuba enzele khona umcimbi womkhosi woSelwa. Nakhona Kwakhangela kufanele agweme ukusebenzisa ilawu elalisetshenziswa uyise wakhe, uMdlokombane. Ngenhlanhla lapha esibayeni esakhiwa uMntwana uZeblon kunelawu elakhiwa izinsizwa zaseMgazini zakhela iNgonyama uMisuzulu ukulungisela ukungena kwakhe esibayeni. Ukuba khona kwalelolawu phakathi esibayeni kwenza kube lula kakhulu ukuba iNgonyama yenzele umkhosi woSelwa khona.

Ngamafuphi, ngokwezigodlo, iMbube ephezulu, iNdlulamithi, inelungelo eliphelele lokusebenzisa isigodlo njengesigodlo saseNyokeni, okwakuyisigodlo esasisetshenziswa iMbube eyizalayo uMdlokombane. Into engeke ikwazi ukuyisebenzisa esigodlweni yindlu ebeyilawu leNgonyama eyizalayo. Ayikwazi iNgonyama esesihlalweni ukungena endlini kayise ngalolohlobo, kodwa ukusebenzisa isigodlo nakhokonke okwakwenziwa iSilo uMdlokombane ngaphakathi esigodlweni okuyinto engamasiko esizwe, inelungelo iNdlulamithi ukuyisebenzisa. Kufanele sikhumbule ukuthi ngokwesigodlo saKwakhangela, iNdlulamithi izalwa khona, ngakhoke inelungelo eliphelele futhi ukuthi ingasebenzisa isigodlo uKhangela njengesizinda sayo sokwenza imikhosi yesizwe. 

See Also

Ukunanazela leliphuzu, ngiyakhumbula lapha esigodlweni lapho uMdlokombane akha khona uphiko lwesigodlo walubiza ngokuthi kuseNdlovini, uMdlokombane wayesixoxela ukuthi isizathu sakhe esikhulu sokwakha uphiko lwesigodlo eNdlovini, okungamaqhugwana amathathu, wayenzela ukuthi abe nezizinda eziningi zokuthi lapho ezokwenzela khona imikhosi. Kufanele kukhumbuleke futhi ukuthi isigodlo uKhangela isona sigodlo sayo esikhulu, okusona sigodlo uMdlokombane ebebusela kuso.

Scroll To Top