Okuthintithiwe kwendulo kusha emehlweni esizukulwane esisha


Esikhathini esikuso ingqephu eyayihamba phambili kudala isiphenduke yaba ngethandwa kakhulu
Kunohlobo lokugqokwayo, lokudliwayo, lwezakhiwo, lwezindlu nokunye okuningi abantu abaye bathi kusha ngaleyo nkathi kanti akunjalo ngoba abavelisi bayo basuke sebeyiqambe ngegama elisha. Kwenye inkathi sebeyiguqulile, sebeyivuselelile yaba nokubukeka okusha kwangaleyo nkathi nasemehlweni aloyo okusuke sekungeyakhe impahla ngaleso sikhathi. Uzomangala umnikazi wayo uma esafunda umbhalo ochaza ukuthi yakhiwa ngonyaka othile hhayi lowo nyaka abe ngumnikazi wayo.
Abavelisi, abakhiqizi nabenzi bakho konke lokhu, badamane beguqula, bezibiza ngamagama amasha emva kweminyaka ethile. Kuthi uma sezithengwa noma sezithengiwe ngaleyo nkathi, kubukeke sengathi okwangalowo nyaka. Kakade kusuke kukusha ngoba kuqalwa ukubonwa. Othengile noma okuthengile uzozitshela ukuthi uthenge into entsha yangalowo nyaka kanti ushaye phansi kwashunqa uthuli.
Kwakunezitolo ezazidayisa okokugqoka okwakuthiwa ngezolayitha, ngezamarashiya, ngezamajitha, ngezama-awuthi. Kwakunezitolo futhi okwakuthiwa ngezomacaphunakusale, ngezezicebi noma abanikazi bamabhizinisi. Zazikhona nezitolo okwakuvame ukuthenga kuzo ababesemikhakheni wezemfundo, wezomthetho nabameli, kwezokwelapha kanye neminye. Kwakuncokolwa kuthiwe kudliwa indwangu ngaphambi kowezi-2000.
Uma sithi ukujeqeza kancane lapho esizothola khona ukuthi kwakunokokugqoka okwakubiza enkulu imali, okwakuthandwa kakhulu futhi kwakukhonziwe, kwakubizwa ngoDobbshire. UDobbshire wawuwashwa ezindaweni zokuhlanza izingubo hhayi ekhaya. KwakunoDobbshire webhulukwe owawugqokwa ngababebizwa ngamajitha kanye nabafundi basezikoleni, ngeminyaka yowe-1970 nowe- 1980. Kwakukhona nelalibizwa ngoGarbadine, owawuthathwa njengesigaba sesibili sikaDobbshire. Kwakuyibhulukwe elalibukeka sengathi uDobbshire. Phecelezi kwakubizwa ngokuthi umshiza, imitasi beqonde ukuthi i-imitation kaDobbshire. Sikhumbule futhi ukuthi babenezindawo ezahlukahlukene ababehlala kuzona bodwa ngokokugqoka kwabo.
Abanye abafundi babegqoka uDobbshire kuphela ngoLwesihlanu nangeMigqibelo kanti abanye babewugqoka njalo ezikoleni. Abanye babekhuzwa njalo ngothisha bethi uDobbshire wawungelona ibhulukwe lesikole.
NjengoMnu uBongani Biyela eChesterville emgwaqeni uRoad 25 osehlala kuSlovo Avenue wayekhuzwa njalo nguthisha uMnu uPopo Zungu owayebafundisa iMaths eChesterville. Wayethi “mfana kaBiyela akuwona ugrey wesikole owugqokile” UZungu waduma kuLamontville Golden Arrows yangowe-1970 kuya kowe-1978. UBiyela ungowase-Eshowe, eMpaphala, endlini yaseNkonzweni, umzukulu kaZimvu Biyela. KweseNkosi uMeyi kaBhekabelungu, uBhekabelungu kaZalabani, uZalabani kaHhashi Biyela ekwaDaka.
Ngasekupheleni kowe-1990, yabuya seyigqame ngegama ubrentwood, indwangu uDobbshire. UBrentwood wabonakala kakhulu sewugqokwa noma sewukhonzwe ngamaciko adlala ingoma, umculo kamasikandi nokunye. Ikakhulukazi siye sizibone izinsizwa zisina ingoma zigqoke obrentwood. Kungabindaba zalutho. Kwabuya uhlobo lokugqokwa ngaphansi ngabesifazane sekuthiwa itight. Lolu hlobo lwalukade kungamaphenti ayemade ayefika emadolweni njengamatight, okwakuthiwa ngomamhlongo ngowe-1960. Kwezwakala amanye amaciko nomphakathi bethi badla ukotini emva kowezi-2000.
Kanti ezintweni ezidliwayo sicakula ngenkathi abathengi basezitolo bethi bafuna into entsha noma engakaphelelwa isikhathi sokuyisebenzisa nokunye ngokubona kwabo abathengi. Ikakhulukazi isinkwa esibhakwe ngalolo suku. Ekubeni inhlama abanye bathi uflawa okubhakwe ngayo isinkwa kade kwahlala ezinqolobaneni zokudla eziyimibhoshongo emide eyakhiwe ngosimende. Kube nokuphuzwayo okubhalwe iminyaka noma isikhathi esithile okwakhiwa ngayo, kodwa umthengi usuke ekuqonda ukuthi uthenge isiphuzo esidala.
Kwabanabakhi benkathi yamanje, abakha izakhiwo noma izindlu. Bazakhela imiphakathi yasemalokishini, yasemakhaya neyasemijondolo okwathi uma sebezakhile base bezihlobisa ngamazenga abawakhe emakhoneni. Kwabe sekubukeka sengathi kwaqala yibo lokho ekubeni babevuselele okusezakhiweni ezindala ezakhiwa ngamakoloni nezigcwele ezweni lonke njengamaCity Hall.
Kanjalo futhi kunezinto okuyaye kubhekwe noma kufundwe incwajana echaza ukusebenza kwayo. Kuvamise ukubonakala kuleyo ncwajana kubhalwe unyaka othile eyakhiwa ngawo kube sobala ukuthi kanti indala ngoba yakhiwa ngonyaka owendulelayo noma yakhiwa ngenyanga edlule.
Kuyaziwa ukuthi akukaze kubekhona into entsha kungakaze kubekhona kuqala into endala. Ingani isidalwa esiphilayo uma sesisezingeni lobudala, sizala noma siba nabantwana kanti futhi nomntwana uma esemdala uzoba nengane.
Into entsha okukangaze kubonwe phambilini isintu noma imiphakathi yalelozwe. Lapho sekuzovela inkulumo ethi kuyeshwanywa-ke lokho, akukaze kubonwe phambilini. Akwandele bani futhi akuvamile ukuba ngowokuqala ukuvelela ikakhulukazi ezintweni enhle.
Sekuyefana manje ngoba akusekho ukuchizela noma ukukhetha into ngoba sithi isindala kodwa sekungukukhethisisisa kwempahla, okwenziwa ngabanye abathengi. Okumqoka manje ukubukeka kwempahla kanye nentengo kosuke eyithanda. Akuqashelwe nakule nkathi impahla enegama ngoba kungabakhona futhi okungeyona eyangempela esikhohliswa ngayo ezitolo, ababethi imitasi ngowe-1970.