Kuzanywa ngazindlela zonke ukunqanda umlilo eBay



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Sekuvele ukuthi kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje obuhlanganisa namakhemikhali, ukuze kucimeke umlilo osekuyophela isonto uvutha.lomlilo uqubuke enkampanini eyenza izingodo iNCT Woodchip Mill, eRichards Bay ngaphansi kweKing Cetshwayo District Municipality.
Maphakathi nesonto izikhulu zikaMasipala iKing Cetshwayo zithe, zisiqaphe ngeso lokhozi isimo somlilo ukuze ungangeneleli kwezinye izimboni.
Ongoti bezempilo bathe uzogcina ubanga ukugula kubantu okubalwa nesifo sofuba, lokho okungadalwa umoya ongcolile.
UMphathi Jikelele enkampanini iNCT Woodchip Mill uMnu uDanny Knoesen uthe ungaphezulu kwezigidigidi ezi-R3 umonakalo odalwe umlilo kulenkampani. Ekhuluma nethimba lezindaba uKnoesen ukuqinisekisile ukuthi angeke balahlekelwe umsebenzi labo abasebenza kulenkampani abangaphezulu kwekhulu. Uthe bawuvimbile umlilo ukuthi uyoshisa umkhiqizo waseTWK, oseduze neFoskor.
UMnu uPhilani Sibiya, oyiMeneja kuMasipala iKing Cetshwayo, uthe sekutholwe umshini osebenzisa ubuchwepheshe besimanje, okhipha uketshezi oluzovimba umlilo ukuthi unabele kwezinye izindawo. Wathi futhi baxosisana nezinhlaka ezihlukene ukuthi kucishwe umlilo kusukela kuhulumeni wesifundazwe, kuya kokazwelonke.
Ucele abantu abakhele iRichards Bay, ukuthi behlise umoya ngoba kunamabhanoyi acisha umlilo alokhu endize njalo, ukuze kuqinisekiswe ukuthi umlilo awubhebhetheki kakhulu. Umlilo ubanjwe masinyane ungakoni kakhulu eRichards Bay eMhlathuze.
Kuqubuka lo mlilo nje, ngoNhlaba kuke kwasha amahhovisi eMhlathuze kodwa washeshe wabanjwa masinyane ungakabhebhetheki kwezinye izindawo.