IMabhida isikulungele ukumumatha izinkukungwane zabalandeli
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IMenenja yenkundla iMoses Mabhida uDkt uVusi Mazibuko, iyalele abantu ukuthi basheshe bafike enkundleni okungenjalo kuzoba nzima ukuthi babuke umdlalo yize bezobe benawo amathikithi okungena. Le nkundla izosingatha owamanqamu eMTN 8, phakathi kwe-Orlando Pirates evikela isicoco neMamelodi Sundowns ngehora lesithupha kusihlwa.
Le nkundla elayisha abantu abayizinkulungwane ezingama-85 izogcwala phama njengoba amathikithi kungaphelanga ngisho amahora amangakanani iPremier Soccer League (PSL) yabika ukuthi asedayiswe aphela.
“Umyalezo omkhulu kunawo wonke ukuthi siyale abantu ngokuthi basheshe bafike enkundleni. Ukufika kwabantu ngesikhathi senzela ukuthi kungabi nesiphithiphithi esingenasidingo. Inkundla izovulwa ngehora lesibili, kusho ukuthi abantu bengafika ngalo ihora lesibili. Nyakenye khona abagcina bengawubonanga umdlalo, abanye bafika sekuyisiwombe sesibili kwazise kwase kunzima ukungena enkundleni njengoba yayiminingi imicimbi eyabe iseduzane neMoses Mabhida Stadium” kusho uMazibuko.
Kulokhu kuzobe kukhona umcimbi wamakholwa ozobe ukhona eHollywoodbets Kings Park, kulindeleke ukuthi nawo ugcwale phama okungaphazamisa ukungena eMoses Mabhida Stadium.
“Noma kungathiwa umdlalo udlala namhlanje, amaqembu womabili ngeke akhale nakancane ngenkundla. IMoses Mabhida Stadium ihlezi ilungele ukusingatha noma kuthiwa imuphi umdlalo. Konke okubhekene nezokuphepha, kuzolungiswa iPSL esingangabazi ukuthi bazokwenza konke ukuthi ziyaqina kakhulu. Kuzobe kukhona amaphoyisa aka-SAPS noMetro, ngeke kugcine lapho kuzophinde kube nenkampani yamaSecurity ezobe ilekelela. Lokhu kuchaza ngokusobala ukuthi impela abazokwenza okungalungile bazojeza” kuphetha uDkt uMazibuko