Now Reading
Ungalidlala igalofu ngokulingene iphakethe
Dark Light

Ungalidlala igalofu ngokulingene iphakethe

Kuvamisile ukuthi umuntu odlala igalofu abizwe ngenjinga. Lokhu kungoba abaningi bathatha lo mdlalo njengodla kakhulu iphakethe. Abanye bakhala ngokubiza kwezimpahla ezigqokwayo uma kudlalwa lo mdlalo kanti abanye bakhala ngezinduku zokudlala, kuyilapho kukhona abababaza amanani okukhokhela ukudlala. Umdlalo wegalofu awushibhile wona, kodwa akuwona umdlalo wezinjinga. Kule ngxenye yochungechunge lwegalofu, sibheka ukuthi yiziphi izinto ezikhokhelwayo uma kudlalwa igalofu. Lapha sibala izinduku zokudlala (ezingavunyelwe ukweqa kwezili-15), isikhwama segalofu, amabhola, izithiyo, okugqokwayo, inani lokudlala, nokuya ethunjini.

Izinduku zokudlala igalofu ziyashiyana ngamanani. Zingasukela ezi-R3000, ikakhulukazi ngezikhathi zendali kuya kwezilinganiselwa ngaphezulu kwezi-R20 000. Izikhwama zegalofu ezidingeka ukuthwala izinduku nokunye zingaqala cishe ema-R600 kuya enanini elingaphezulu kwezi-R10 000 Amabhola okudlala nawo ahluka ngamagama. Kukhona amagama ahlonishwayo kulo mdlalo njengawakwaTitleist, akwaNike, njalo njalo. Isethi yamabhola amathathu ingabiza ama-R70 kuya phezulu. Kuyaye kudingeke uwathenge athi xaxa ngoba kulula ukulahleka kwebhola legalofu. Izithiyo zegalofu ziyiyonanto eshibhe kunazo zonke izinto ezidingeka ukudlala igalofu. Izithiyo ziyilokho okwakhiwe ngokhuni noma ngepulasitiki okuhlonywa emhlabathini umdlali abeke ibhola phezu kwako ukuze ashaye kahle ibhola. Zibuye zisetshenziselwe ukuhlonza ukuthi ibhola eliphakanyisiwe lisuswe kuphi. Okokugqoka egalofini akubizi kakhulu ngoba uyakwazi ukudlala ngezingubo zakho zansuku zonke ngaphandle kwalezo ezingavumelekile njengamajini, ama- ovaroli.

Okuye kuthande ukulumela yimali yokudlala. Izinkundla zegalofu zibiza imali engafani yokudlala. Izinkundla ezingasenadumela nezimpofu noma ekungezikamasipala zivamise ukubiza imali encane ngomzuliswano ngamunye wokudlala. Uma udlala enkundleni ezimele neyezinga eliphezulu, lindela ukuthi uzohlukana nemali eningi. Isibonelo wukuthi uma udlala eDurban Golf Course (Papwa) ungalindela ukukhokha i-R140 ngomzuliswano owodwa, kanti ngaphesheya nje komgwaqo eDurban Country Club ungahlukana nemali elinganiselwa ema-R500 ngomzuliswano owodwa. Le mali ayifaki ukukhokhela inqola yegalofu noma lowo ozokuthwalela isikhwama sakho.

See Also

Njengoba umzuliswano wegalofu uthatha okungenani amahora amahlanu ukudlala imigodi eli-18, kuyacaca ukuthi umdlali uyakudinga okuya ethunjini nokokuphuza. Uma kudlalwa imigodi eli-18, kuphunyulwa imizuzu eli-10, emveni kwemigodi eyisi-9, kudliwe bese kuyaqhutshekwa. Emva kokuqeda umzuliswano maningi amathuba okuthi umdlali usuke esenxaniwe, ikakhulukazi uma liklasile ilanga. Kuthatha njengomkhuba omuhle nonomoya ‘wobudlali ukuyongena endaweni yokucima ukoma ekhona enkundleni. Yiyona Nndlela futhi ikilabhu ephethe inkundla eyenza ngayo imali yokukhokhela izindleko zenkundla. Kuyabonakala ukuthi noma ukudlala igalofu kungashibhile kodwa uma wenza okulingene iphakethe lakho ungawujabulela lo mdlalo owaqalwa abelusi bezimvu baseScotland.

Scroll To Top