Ubuso bubodwa buxoxa indaba ngobuhle
Nawo-ke amaduku athwalwa ngendlela yezimfashini, ngoba phela nazo zikhona. Angithi omame bamaXhosa baneyabo imfashini yokuthwala amaduku, ngisho nomame bamaOvambo eNamibia baneyabo imfashini yokuthwala amaduku. Zonke izizwe abesifazane bazo banezimfashini ngezimfashini zokuwathwala.
Uthini-ke uma sebeziqhinile izinwele zabo, bazenza izinsongololo kuhle okwamashongololo. Uma umbheka umuntu wakhona ufice ikhanjana seliyimbokojwana enezindlela eziklaywe kahle esengathi yilamafu okuthiwa abikezela isifo, lana afana namagagasi. Ungakhohlwa-ke ukuthi lezizinhlobo zokuqhina zinamagama ezibizwa ngawo.
Kukhona umqhino abathi yisiBhaca, kubekhona obizwa ngokuthi izimpondo, kubekhona okuthiwa uMorobozo, nalona-ke osemfashinini abathi yiCrochet. Wo, bababahle badele uma sebeqhinile abesifazane boMdabu.
Ukuqhina kwabo kuyabakhanga abesilisa kangangokuba abanye babo sebeyaqhina nabo, bathi phela benzela ukuba izinwele zabo zikhule zibezinde.
Ebusweni phela akusaphathwa, yibona obuyinkundla yomncintiswano nokuqhudelana nokuphikisana ngobuhle. Yilapho abesifazane bezibona khona ukuthi bahle, bathatha ikhekhe.
Yilapho imiholo iphelela khona ngenxa yokuthenga imikhemisi nezinongo nokhilimu ngezinhlobo zabo. Abasemabhodleleni nabasemakopini nabasemathunjini, abayisijingi nabawuketshezi. Kulaba okhilimu abagcotshwa ebusweni kukhona abasebusuku kukhona nabasemini.
Ukwedlula lapho, sekukhona izindawo ezibizwa ngokuthiwa yizitudiyo lapho kulungiswa khona ubuso babesifazane, izinwele zabesifazane, nalapho benikwa khona amasu okuhlala bebahle njengezimbali eziqhakazile ezinephunga elimnandi elidonsa inyosi izedlulela.
Kulezizitudiyo kukhona ochwepheshe nawompetha ekwenzeni ubuso “obenziwe” ukuze umuntu abe muhle.
Angikhohlwa mhlazane umkami ayevela kwesinye salezizitudiyo kade eyokwenziwa muhle, ukuze ubuso bakhe bukhange — engangingazi ukuthi wayebusolani, lokhu muhle noma egcobe uvaselina nje uwodwa.
Wabuya enje: amashiya ayependwe ngensizi emnyama khwishi, aze athi ukudonswa lapha emachosheni awo enza into esengathi umsila kafezela ukugoba. Izinkophe lezi zizinde njengamashoba amnyama futhi zigotshelwe phezulu lezi ezingenhla kwamehlo, ezingezansi zona zigotshelwe ezansi.
Lapha ezigobheni zamehlo kuluhlaza uhlaza oluthe cwe, lapho ungafunga uthi amehlo kaqhothetsheni okhanda liluhlaza. Kuthi lapho ecimeza, ufice esengathi ubheke ngamehlo aluhlaza, kuthi lapho ewavula amehlo kube sengathi yimibala iyaguquka lapha ezigojeni kuhle okwemibala yenhlwathi isisondela kumuntu efuna ukumgwinya. Lapha ezihlathini wayegcotshwe ngesikhupha esibomvu, esengathi kwakungaseyizo izihlathi zakhe zesidalo kwase kungotamatisi abavuthiwe, esengathi zizoputshuka uma ngizibamba.
– Iyaqhubeka ngesonto elizayo.