Sekuyisikhathi sokuba iNdlunkulu kaZulu ibumbane njengakuqala



UDokotela Vusi Shongwe, Emgungundlovu, kwisiFundazwe saKwaZulu-Natal
Uma kukhona isikhathi lapho iNdlunkulu kaZulu okumele ibumbane ngaso ukuze ikwazi ukunikeza uholo nomhlahlandlela ngobuqotho, leso sikhathi simanje.
Isizathu sokuqala ukuthi ayibhaliwe phansi inkambiso okufanele ilandelwe maqondana nokubusa kweNgonyama eSihlalweni, iSilo uMisuzulu kaZwelithini ezenza ukuthi udaba lobumbano luphuthume. Isizathu esihamba phambili esokuthi izinkambiso okufanele zilandelwe ezihambisana nokubusa kweNgonyama eseSihlalweni, iSilo uMisuzulu kaZwelithini, iningi lazo noma zonke azibhaliwe phansi. Lesi simo sidala ukudideka okukhulu okugcina ngokuthi kudaleke amaphutha athunaza iSihlalo soBukhosi.
Ngifisa ukuphawula ngezinto ezimbalwa ngenhloso yokwakha neyokukhanyiseleka emaphuzwini athile. Ngiyafisa futhi ukugcizelela ukuthi ukubhala kwami akuhlangene nepolitiki futhi akuchemi namuntu. Yebo kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi engizophawula ngakho kwenzeka ngesikhathi izinga lokushisa kwezombangazwe linyuka nsukuzonke okunomthelela wokuthi ofunda umbhalo wami afunde lokhu afuna ukukufunda hhayi lokho engikubhaliIe Engikubhalile kungumbono wami onhloso yawo ukwakha nokukhanyisela isizwe, hhayi ukugceka okunengenasidingo.
INgonyama kayizili
Ngifisa ukuqala ngiphawule ngesimo sonke somcimbi womgubho weSilo uShaka owenzeke ngoMgqibelo zingu 23 KuMandulo wezi-2023. Kunokushayisana kwemibono, ngeshwa okuhumusheka ngokwepolitiki uma kukhulunywa ngendlela okumele uqhutshwe ngayo lo mgubho. Umbuzo osuqhulwini uthi ngenxa yokuthi izihlangu bezibheke phansi emva kokukhothama kweNkosi uMangosuthu Buthelezi obenguNdunankulu kaZulu, bekungafanele yini lomgubho uhlehliswe noma ungasagujwa nhlobo? Ngifisa ukuveza ukujula kokuqonda kokusebenza kweNgonyama esesihlalweni. Ngokwesiko iNgonyama ayivumelekile ukuzila ngoba lokho kuletha ingcindezi esizweni sonke uma unomthebe waso engabasesimweni sokuzila.
Empeleni esimweni sesipho iNgonyama noma isuke izothile iyakhuthazwa ukuba isebenze sengathi akwenzeke lutho ukuze ingqondo yayo ingazitholi isigxila ngokucabanga nomufi. Ukukhuthazwa kwayo kungahumusheka kulabo abangalaphi bengqondo nomphefumulo (psychologist) njengenye yezindlela zokuthi iNgonyama ingazitholi isicabanga ngalowo womndeni osendlulile emhlabeni. Kuyawenza umqondo ukuthi ikhuthazwe iNgonyama ukuba isebenze ngoba ngisho noma kungashona izinyane layo noma uNdlunkulu, ayiwuhambeli umngcwabo, kanjalo nokuzila akukho ezintweni iNgonyama ecabanga ngazo.
Omunye uzohlehla ngokomlando athi ngidlala ipolitiki ngoba ngesikhathi kudlula uMntwana oMkhulu uMncwayizeni, iNgonyama uZwelithini KaBhekuzulu yanquma ukuba ungenziwa umcimbi woMgubho weLembe ngenhloso yokuhlonipha ukwedlula koMntwana oMkhulu. Isizathu salokho ukuthi uMntwana oMkhulu wake wasiphatha iSihlalo soBukhosi bukaZulu. Yingakho ekujuleni okunzulu uMdlokombane wakubona kufane ukuthi ungagujwa uMkhosi weLembe ukuhlonipha lowo owake waba seSihlalweni soBukhosi.
Iqiniso elikhulu lithi iNgonyama ayizili. Ngisho noma kungathiwa kuhambe emhlabeni oyigazi layo mhlambe silinganise ukuthi oyindlunkulu yayo uqobo noma izinyane laso uqobo iSilo noma ezalwa nabo. Ayibi kuleso sigodlo okwenzeke kuso lowo mkhuhlane. Ize isibone noma ivakashele kuso isigodlo emva kokuba esebekiwe endlini yakhe yokugcina lowo usuke eselishiyile leli lengabadi kube yima ihlangana nomndeni wonke iwukhalela kukhalelwana.
Isiko uma uzwa belixoxa abadala bathi uma iNgonyama ingaba esigabeni sokuthi iyazila iyaguqa, isizwe sonke siba ntekenteke ngalowo mzuzu. Ngakho ke yona kufanele ihlale njalo iwuphawu lokuma nokuqina kwesizwe noma ngabe kwenzekeni kodwa yona kufanele inikezwe ithuba lokuthi iqine futhi abadala basuke beyikhuthaza ukuthi ayiphumele ngaphandle ingakumumathi okungumkhuhlane okusuke kwenzekile.
Iphumele ngaphandle iqhubeke nemisebenzi yayo sengathi akwenzeke lutho. Yebo isidalwa esingumuntu siyabuzwa ubuhlungu kuyaziwa lokho. Njengomuntu osebenze eduze kakhulu noMdlokombane bengiqaphela ukuthi uma kuseduzane kushaye egazini, ithi mangabe iyaphuma kodwa iphume ngenhlonipho. Ithi noma ngabe kukhona ekwenzayo kodwa kungasabalali kube semehlweni kakhulu abantu kodwa bayayikhuthaza njalo abadala abantu bathi ayingalokothi iguqe ngoba uma yayike yamumatha lobobuhlungu nalokho okusuke kwenzekile, isuke yenza isizwe sibe ntekenteke.
Lezi yizinqubo nezinkambiso umuntu abezicosha ezingxoxweni ezijulile ayeba nazo noMdlokombane sizishayela kancane singajahile isiphuzo engasinikeza igama lokuthi igazi lemvana – iwayini elibomvu..
UDokotela Vusi Shongwe eMgungundlovu, kwisiFundazwe saKwaZulu-Natal