Akuqiniswe ekuqasheni abantu abanolwazi oludephile: Maluleka



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMcwaningimabhuku Jikelele uTsakani Maluleke, ugcizelele ukubaluleka kokuqasha ochwepheshe abaqeqeshiwe, abanekhono, nabaziphatha kahle ukuze kuqinisekiswe uzinzo kuhulumeni wasekhaya.
UMaluleke uphinde wazwakalisa ithemba ngokusabela okuhle kwezikhulu zikahulumeni wendawo ekucwaningweni kwemiphumela, kodwa wabuye wagqamisa ukubaluleka kokuziphatha ngendlela efanele ekwenzeni umsebenzi wazo, ikakhulukazi ekuqinisekiseni ukuthi izinsiza zezimali zisetshenziselwa izinhloso zazo.
UMaluleke ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo eTurfloop Graduate School of Leadership ePolokwane, lapho bekucutshungulwa khona izici ezehlukene zempilo kanye nokuphathwa kwezimali.
Ubalule uhlaka olusha oluvunyiwe lweProfessionalization Framework, okuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukuthi izici ezibalulekile zobungcweti nekhono zihlanganiswa nokusebenza kukahulumeni wasekhaya kanye nomkhakha wemisebenzi kahulumeni ngokubanzi. UMaluleke ugcizelele ukuqeqeshwa okuqhubekayo, ukuthuthukiswa, kanye nokuziphendulela njengezingxenye ezibalulekile zokwakha uhulumeni wasekhaya ozinzile nophumelelayo.
UJohn Mpe, uSihlalo weSouth African Local Government Association eLimpopo, uphawule ukuthi omasipala baya ngokuya bethanda ukuqasha abantu abaqeqeshiwe, okuhlanganisa namachartered accountants, ukuze baphathe izimali zabo. Uvumile ukuthi nakuba abanye omasipala abancane bengase babhekane nezinselelo zokuheha abantu abaqeqesheke kakhulu, kodwa siyakhula isifiso sokwenza umsebenzi ngendlela efanele kuhulumeni wasekhaya.
Uhlaka Lwezobungcweti, olwavunywa yiKhabhinethi ngowezi-2022, lusebenza kuwo wonke amazinga kahulumeni kanye nezinkampani zikahulumeni. Umgomo wawo uwukuqinisekisa ukuthi abantu abaqokelwe ezikhundleni zokuphatha bafanelekile futhi banekhono.