Akangabazi ukuthi ibhande lizolala eMpangeni u”Game Changer”



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Lo somankomane uthi angeke aphoxe kulempi ngoba uya kuyo uzilungiselele
Ufuna ukujabulisa abantu baKwaZulu-Natal ngokunqoba ibhande uKhanyisani “Game Changer” Mbokazi.
Leli bhokisa lasesigodini eNembe, eMandeni, ligixabezwe okokuqala ngempi yebhande lase-Afrika. UMbokazi oneminyaka yobudala engama-25 uzoqhuthana amazenze noLucky Monyebane waseGauteng kweyebhande elingaphethwe umuntu le-ABU Junior Lightweight. Le mpi iyingxenye yemiqhudelwano ehlelwa yiTLB Boxing Promotions, ezokuba kusasa ngoMgqibelo eVodaWorld, eMidrand, eGauteng. Ngalempi kuhloswe ukuhlonipha uLehlohonolo “Hands of Stone” Ledwaba odlule emhlabeni ngonyaka wezi-2021.
Ngehora lesibili ntambama kuzoqala umqhudelwano wabesifazane obizwa ngeRise of Women in Boxing, bese kuthi ngehora lesithupha kusihlwa kuqale owabesilisa.
“Akuwona neze umqhudelwano omncane engizolwa kuwona, ithuba engilitholile alitholwa inoma ubani ngalokho kumele ngijabulise abantu basesifundazweni iKwaZulu-Natal. Iqiniso ukuthi akuvamile ukuthi laKwaZulu-Natal liqhathwe empini enjengalena. Kujwayele ukuthi itholwe ibhokisa laKwaZulu-Natal kodwa eselizinze eGoli. Ngalokho ngizimisele ukuthi ngilibambe ngezandla zombili leli thuba,” kusho uMbokazi.
ULedwaba, ozobe ehlonishwa udabuka eMeadowlands, eGoli wazakhela udumo evikela i-IBF Super Bantamweight amahlandla amahlanu. Wabuye wavikela elikazwelonke leSuper Bantamweight ngesibalo esifanayo. EleWBU waliphatha kwiBantamweight nakwiFeatherweight.
Ngaphambi kokugaxa amagilavu emgibeni, wanqoba iWBA Pan African Super Featherweight.
UMbokazi uthe kusho lukhulu kuye ukuboshelwa kulezi zimpi okuhloswe ngazo ukuhlonipha uLedwaba ambize ngeqhawe.
Ebuzwa ngamalungiselelo nangesitha sakhe ukuthi usazi kangakanani uMbokazi uthe: “Amalungiselelo ahambe kahle kakhulu sengilindele ukungena eringini. Ngiyasazi ukuthi isitha sami siyibhokisa elihlakaniphile kodwa nethimba lami engijima nalo kuningi okungamaphutha esesikubone kuso. Ngasibona ezimpini ze-ESPN. Noma kanjani leli bhande ngibuyela nalo eMpangeni. Angikugqizi qakala ukuthi kuzoba ngokokuqala ngilwela ibhande lomhlaba. Lesi yisiqalo sokufeza amaphupho ami. Ngizibona ngelinye ilanga ngiphethe elinye lamabhande ahlonishwa umhlaba wonke,” kubeka uMbokazi.
Uthe njengoba ebeqeqeshwa uSolomon “Xamukavinjelwa” Ndlovu phambilini, uze kulempi eqeqeshwa uphromotha omncane uSizwe “Bhubesi” Mthembu.
UMbokazi ugcine ukuba seringini ngoNhlolanja, evikela ngempumelelo isicoco seKZN Junior Lightweight kuSandile Dumisa emqhudelwaneni owawuhlelwe iHlula Dladla Boxing Promotions kaDkt Hlula Dladla.
Ezimpini eziyisishiyagalolunye unqobe ezine, wahlulwa kwezine, wadlala ngokulingana kweyodwa.
UMonyebane oshaya ngesipiliyoni sezimpi eziningi. Unqobe ezili-10, wahlulwa kwezintathu. Uzinqobe zonke izimpi ezinhlanu agcine ukuzilwa. Kweyokugcina ushaye uThembani Hobyani waseLimpopo.
Kwezinye izimpi ezizobe ziqhwiza umentshisi ekaBongani Mahlangu waseGoli ozobhekana noLuthando Mbumbulwane wase-Eastern Cape kuSA Junior Featherweight, uYanga Sigqibo wakuleli noJona Matheus waseNamibia kweye-International Junior Bantamweight, uKatlego Khanyisa waseGoli noTalent Baloyi naye waseGoli kwibhande laseGoli leLightweight elingaphethwe umuntu, uMaqhawane Damoyi wakuleli noCedric Kidima waseDRC kwiLightweight, uPenitence Duma wakuleli noThembani Mhlanga waseZimbabwe kweyeJunior Middleweight, uMbiya Kanku waseDRC no-Enock Msambudzi waseZimbabwe kweye-International Middleweight kube ekaThabang Mofula waseNorth West noBheki Maitse waseGoli kweyeJunior Featherweight.