Abalimi bakhala bayazithulisa ngokuntuleka kwemvula



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Abalimi bakhala bayazithulisa ngokuntuleka kwemvula
Ukushintsha kwesimo sezulu kuye kwaxhunyaniswa nezinselelo zokuvikeleka kokudla ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Ngokombiko wamaphakathi nonyaka wezi-2022 emhlabeni jikelele mayelana nezinkinga zokudla, balinganiselwa ezigidini eziyi-140 abantu base-Afrika ababhekene nokushoda kokudla.
Abalimi abasafufusa esigodini saseGa-Matsepe, ngaphandle kwaseGroblersdal eLimpopo, bathi isimo sezulu esiguquguqukayo sakamuva sibe nomthelela omubi ezitshalweni zabo futhi sanciphisa nenzuzo yabo.
Akukabikho imvula ebonakalayo, ngaphezu kwezinsuku ezingama-20 kuMandulo esigodini saseGa-Matsepe. Umoya omncane upholisa ilanga elishisayo. Kokubili umuntu nomhlaba komile ngenxa yokushisa. Ephrojekthini yokulima iDipokolo, umhlaba ubukeka uvundile.
Abalimi abasafufusa batshale ubhatata, utamatisi, nommbila, okumila emhlabathini. Omunye wabalimi, uMichael Mamadisa, uthe ukulima kwaba kuhle ekuqaleni komsebenzi wabo wokulima ngowezi-2012. “Ngesikhathi siqala ukulima lapha, besinesivuno esikhulu samazambane. Besivuma ngokwanele ukugcwalisa lelo loli elikhulu kabili futhi silidayise endaweni yokukhokhela i-SASSA. Ummbila ubuye wasinikeza isivuno esanele.”
Inkinga yamanzi
“Kulo nyaka ubhatata wethu awusinikanga lutho; sasingakwazi ngisho ukugcwalisa iloli elilodwa ngommbila; asitholanga lutho ngohlobo lwemvula esiyibonile; asazi nokuthi singayinciphisa kanjani; asazi nokuthi singamcela yini uNkulunkulu ukuba asiphe imvula encane; asazi ukuthi senzeni.”
Abalimi bakule ndawo bakhathazekile ngokushoda kwamanzi. Bathi amanzi awekho ngendlela efanayo okusho ukuthi nabo kumele bangene emaphaketheni ukuze bathenge amanzi. “Silahlekelwa kakhulu ngoba izilimo nxa zisenza kahle ngenxa yezulu siyakwazi ukuthi sithathe ezinye izilimo siye emakhaya ukuze sondle imindeni yethu kodwa nxa izulu lisenza lokhu sisuke siswela amandla, nxa izulu likhetha ukunganethi siyabe sibhekane nenkinga yokuthi sithathe ezethu izimpesheni siyothenga amanzi kulabo abanemigodi.”
Iqiniso lithi kokubili abalimi nomhlaba babheke esibhakabhakeni, banethemba lemvula edingeka kakhulu.