Now Reading
UBarker ulokotha ngekusasa likaMcCarthy
Dark Light

UBarker ulokotha ngekusasa likaMcCarthy

Inkunzi emdwayidwa kwezokuqeqesha uClive “The Dog” Barker usedalule ukuthi intandokazi yeBafana Bafana uBenni McCarthy isethubeni elihle kakhulu lokuqeda isihlava sezinkomishi kuMaZulu ngemuva kokugila izimanga ngesizini yayo yokuqala.

UBarker ophethe umlando wokuba nguyena kuphela umqeqeshi eNingizimu Afrika ukuhlabana ngesicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) ayinqoba neBafana Bafana ngowe-1996 kwagcina ngaye ukuletha indebe oSuthwini.

Ngowe-1992, wekhala wemuka nesicoco seCoca Cola Cup ebhubhisa iKaizer Chiefs ngo 3-1. Kusukela lapho izinsuku zenjabulo aziphindanga zabuya kuMaZulu. Kunalokho iqembu liphenduke iyoyo ligawula yizembe iminyaka ngeminyaka.

UMcCarthy ophethe irekhodi lokushaya amagoli amaningi kuBafana ubuyise ithemba ngesizini edlule. USuthu luqede endaweni yesibili ku-log yeDSTV Premiership ngaleyo ndlela lazibekisela indawo kuCaf Champions League.

UBarker umthwele ngeqoma uMcCarthy ekutheni uzokwazi ukusiza leli qembu elibalwa namadala e-Afrika ekutheni liqede isomiso sezicoco.

“UBenni wenze umsebenzi oncomekayo ngendlela eyisimanga. Ngichazwa yindlela athaka ngayo iqembu lakhe. Lakhiwe ngabadlali abancane abasalambele impumelelo nalabo asebekade benethwa yizimvula. Benze into yamehlo (ngesizini edlule),” kuncoma uBarker.

“UBenni unalo ithuba lokuqeda indlala yezinkomishi kuMaZulu. Usekwazile ukwakha isisekelo esiqinile ngesikhashana esincane efikile eqenjini. Abadlali bazimisele ngokumlwela futhi babonakala bezinikele ukufela ibheji leqembu okuyinto ejabulisayo ukuyibona,” kuqhuba uBarker.

UMcCarthy unqobe iMTN8 neCape Town City kumasizini amathathu adlule. IWafa Wafa kwaba yisicoco sakhe sokuqala njengomqeqeshi ezingeni elikhokhelayo. Waqumba phansi iSuperSport United kumaphenathi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

“Angingabazi ukuthi uBenni uzolwela ukwenza kahle kulo mqhudelwano (MTN8). Banalo ithuba uma bengaqhubeka lapho begcine khona ngesizini edlule. Ukuqeda kwabo endaweni yesibili kuthumele umyalezo wokuthi AmaZulu avukile emaqandeni,” kubeka uBarker.

AmaZulu selokhu agcina ukufinyelela kowamanqamu ngo-2010. Anenebulwa yiBidvest Wits ngama-3-0 ngesikhathi kuvulwa i-FNB Stadium ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba.

“Mina okwangenza ngaphumelela kuMaZulu wukuba nomgqigqo. Uma ufuna ukunqoba kudingeka ube nomgqigqo. Abadlali kumele bakuthakasela ukugqoka ijezi leqembu. Konke kuhambe kahle ngesizini edlule ngakho angiboni okungashintsha lokho kule sizini ezoqala.” kulandisa uBarker.

USuthu luphansi phezulu namalungiselelo okuqala kwesizini entsha. Njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali leli qembu selisayinise uKeagan Buchanan noMxolisi Kunene bobabili abebegijima kuMaritzburg United ngesizini edlule.

See Also

UBuchanan uke wagijima nakuKaizer Chiefs kumasizini adlule ngaphambi kokufudukela eMgungundlovu. USuthu ludedele uSiyabonga Mbatha noSiphelele Magubane lase lidayisa uSibusiso Mabiliso oseyoyibamba kuChiefs ngesizini ezayo.

Wonke amehlo azobe ethe njo kuwona AmaZulu uma sekuqala isizini entsha yeDSTV Premiership kulandela ukwenza ezibukwayo ngesizini edlule. Phela USuthu beselaziwa njengeqembu elihlale livika izembe ngaso sonke isikhathi.

Selokhu kwasungulwa iNational Soccer League (NSL) ngowe-1996/97, leli qembu seligawulwe yizembe amahlandla amane. Nokho ukufika kuka somabhizinisi uMnu uSandile Zungu kwenze omkhulu umehluko. Iqembu liqede endaweni yesibili ngaphansi kobuholi bakhe.

USuthu luzobhekana neCape Town City esigabeni sama-quarterfinal eMTN8 ngesonto elizayo. IPremier Soccer League (PSL) isazomemezela izinsuku eziqondile nezinkundla.

Scroll To Top