Now Reading
Uselubhaqa olukhanyisa i-Afrika kwezokulingisa
Dark Light

Uselubhaqa olukhanyisa i-Afrika kwezokulingisa

Ukuphekwa izinkanka zangaphambilini emidlalweni yeshashalazi yikho osekwenze iciko uThabo William Mnguni wangagcina ngokuba ubhaqa olukhanyisa elakuleli kuphela, kepha useyivulandlela elikhanyisela nè-Afrika ngokubanzi.

Ngaphandle kokusebenza nesithwalandwe uGibson Kente, imisebenzi kaMnguni ekulingiseni ichume kakhulu nangesikhathi esebenza nenkakha kwezokulingisa uMandla Thabethe (Bhongo)  emdlalweni wamahlaya kuthelevishini eminyakeni edlule. Njengoba iNingizimu Afrika igubha iNyanga Yamagugu okunguMandulo, leli ciko liphakathi kwamanye anochungechunge lwemicimbi enhlobonhlobo ethinta amagugu nobuciko.

UBra Steve okuyigama alithola emdlalweni iFamily Bond, uzakhele abalandeli elingisa emdlalweni owuchungecunge okhonjiswa kuSABC1 uZalo lapho ayedlala khona indawo kaMnu uMbatha onguMfundisi ongaqondakali ukuthi uyisikhathi sini. Phakathi kwabalingisi balo mdlalo, uMnguni ubesebalwa nabanye abayizimfivilithi kubabukeli. Wajoyina lo mdlalo ngeSizini yawo yesibili ngonyaka we-2016. Wazalwa zingama-25 kuNcwaba wezi-1965 elokishini eMlazi. Ngaphandle kwekhono lakhe ekulingiseni uphinde waphekwa kulo mkhakha eNyuvesi yaKwaZulu-Natal lapho azuza khona iziqu emkhakheni weDrama.

Washiya ekhaya emuva kokuphothula umatric uyise engafuni ukuba ahambe, kodwa wadlubulundela walibangisa eGoli ngoba ephokophelele ukufeza iphupho lakhe lokulingisa. Kuyilapho ke ahlangana khona nenkakha yemidlalo yeshashalazi uGibson Kente owayaziwa ngo“Father of Theatre”, owamcija  wamnika nethuba lokuzibonakalisa. Wabuya eGoli esecijile wabhalisa eNyuvesi yaKwaZulu-Natal  enza izifundo zeDrama exhaswe uThemi Venturas umlingisi ongumqondisi eCatalina Theatre.

See Also

Eminyakeni eyevile kwemihlanu angena kulo mkhakha, amagalelo akhe asebonakele ngoba useke waqokwa kumaSouth African Film and Televishion Award njengeBest Supporting Actor kuFamily Bond.

Scroll To Top