Now Reading
Isicathamiya: Igugu elisabukelwa phansi kuleli
Dark Light

Isicathamiya: Igugu elisabukelwa phansi kuleli

Njalo ngoMgqibelo ebusuku, emathunzini amahostela lapho kwakuhlala khona abasebenzi emadolobheni, abeNgabadi babehlangana bazithokozise ngomculo emva kokusebenza kanzima.

BEKUDE nemindeni yabo namakhaya abo, abasebenzi babephila kokumba igolide nedayimani ezinzulwini zezimayini besebenzela imindeni yabo. Umsebenzi wawunzima kakhulu kanti nenkokhelo incane kakhulu yize yayibenza bahlale bethembele kulo msebenzi ukuze baphile. Ukuziduduza kanye nokuqinisa imimoya yabo futhi bahlale bexhumene nesiko, abasebenzi babethokozela ukuphela kwesonto ngokuhlangana ndawonye bacule futhi bagide.

Kodwa-ke lena kwakuyiSouth Africa yeminyaka yokuqala ngokuhweba ngegolide nedayimani lapho umculo ohambisana nokwakwaziwa ngokuthi ‘isikhwela jo’ kwakucasula omakhelwane nobasi ababengabaqaphi. Lo mculo waqala waziwa ngomculo weMbube ngokuculwa kwawo sakubanga umsindo kuhle kokubhodla kwebhubesi (imbube) negama lawo eladunyiswa iculo “iMbube” elaqoshwa umfo kaSolomon Linda.

Ukuvikela le ngxabano, ngokuhamba kwesikhathi abasebenzi baguqula indlela yokucula nokudansa, indawo yayo yathathwa umculo wamazwi amtoti ashayela phansi kanye nomdanso ocothoza ngokungabangi msindo. Ukugxoba kakhulu nokuklabalasa kwaba umlando, endaweni yakho kwangena umculo ohlelekile kanye nomdanso oshaya kancane phansi – uhlelwe ngendlela yokuthi uzwakale kuphela ngaphakathi kwezindonga lapho kuculelwa khona.

Abasebenzi baqala ngokuzibiza nga“Bafana bakaCothoza” noma o“Cothoza Mfana”. Lolu hlobo lomculo lwase lubizwa ngokuthi “Isicathamiya”. Leli igugu lesizwe elasungulwa ngobuchule amaciko akithi ebhekene nezimo ezinzima zobandlululo nokuphucwa umhlaba. Umculo wesicathamiya kwakungumculo wamadoda alangazela ukubuyela ekhaya ngenxa yenkumbulo, bebodwa ezinzulwini zasemadolobheni.   Isicathamiya – umculo wegugu lesizwe othi ubungaza isiko kodwa ube ukhala ngokufa kwesiko – uthi ubanga usizi kodwa ube uvusa nosinga.

Lo mculo womdabu, isicathamiya, oculwa kakhulu abesilisa usubambe elikhulu iqhaza lokuphakamisa amagugu esizwe saseNingizimu Afrika. Yize lo mculo udumile futhi uthandwa kodwa ukukhula kwawo akufani nedumela lawo. Yingakho amaqembu amaningi alo mculo ebukeka sengathi agida ndawonye yize iqembu eliholwa uSolwazi uJoseph Shabalala  iLadysmith Black Mambazo seliwuthathe lawubeka phezulu emazweni omhlaba kodwa namanje usabukeka ungozabalaza kanzima. Okunye okuwubuyisela emuva ukunganakwa kwawo emisakazweni ikakhulu lena yolimi lwesintu ngisho eyemiphakathi imbala. Kumabonakude khona awubonwa nakubonwa kuthukela nje ucushisiwe lapha nalaphaya. Amaqembu esicathamiya asabelele nezwe lonke kodwa ikakhulu ezifundazweni iGauteng, iKwaZulu-Natal, iMpumalanga ne-Eastern Cape.

Ukuvela kwemisakazo yesintu ikakhulu lona osuwaziwa ngoKhozi FM namuhla yikho okwenza umculo wesicathamiya ube nabalandeli abaningi futhi ugcine sewusabalele kakhulu. Umsakazi owawuthuthukisa kakhulu lo mculo kwaba uMnuz uWelcome Bhodloza Nzimande ngohlelo lwakhe olwaluthi Ziqubuka Olwandle, lapho ayefanisa lo mculo wesicathamiya nokuvungama kwamagagasi olwandle.

See Also

Amaqembu afana neKing Star Brothers ka-Enock Masina kanye neMpangeni Home Tigers ngamanye enza lo mculo wesicathamiya waphakama futhi waba ngelinye lamagugu amakhulu emculweni wesintu kuleli lizwe. Namanje iseminingi imincintiswano yesicathamiya evame kakhulu eGoli naseThekwini.

Kuningi okumele kwenziwe ukuthuthukisa leli gugu lomculo ukuze ungashabalali futhi nentsha iwuthande. Okuhle nje ukuthi usekhona nasezikoleni yize ukuxhaswa kwawo ngezimali kucikizela kodwa lokhu akukwehlisi ukuthandwa kwawo. Khona kuyamangalisa ukuthi kungani lo mculo othandwa kangaka kuleli naphesheya kodwa ungakutholi ukwesekwa kanye nokusatshalaliswa umhlaba wonke. Namanje kuseyiLadysmith Black Mambazo esaphuma ingena amazwe ngamazwe nesiqophe umlando ngamaGrammy Awards amane.

Impela kumele kube nokwenziwayo ukuphakamisa okuyizinto eziyigugu lethu, kesiyeke ukudumela izinto zabanye bese sikhohlwa okungokwethu. NgeSoccer World Cup 2010 sahluleka ukuqhakambisa amagugu ethu kwezobuciko ngabe sisazohluleka na njengoba sesigixabezwe ngamaCommonwealth Games 2022?

Scroll To Top