Umntwana ulwile ukulwa okuhle



USol uNxumalo ngungoti wolimi nomhlali wezincwadi ezahlukene.
Aphumaphi amagama akwazi ukwenanela, ukuhalalisa, ukubonga nokuchaza umuntu akuzwayo emzimbeni nasemoyeni ngokuguqa kweqhawe emaqhaweni uMntwana uMangosuthu Buthelezi? Siyamdumisa uNkulunkulu ngokusihlanganisa neqhawe lakhe elisikhombise ukuthi izigodi ziyeqeka, izilwandle ziyaweleka, ubandlululo lwamabhunu luyaphoqoka. Ngaye safunda ukuthi lapho bekungekho lutho khona namuhla, kusasa kungama izindlu nezikhungo. ULundi luyindawo yabantu bezihlalele, bezilimela bezelusela. Namuhla kumi idolobha nezizinda zemisebenzi.
Kuyisibusiso sikaNkulunkulu ukwazi ukuthi wenza kanjani ukuchusha lapho uvinjelwe. Usisebenzisa kanjani isimo semithetho ethi yana ezweni lakho owazalelwa khona, ukhululeke khona. Bavele bakwephuce elinye izwe lakho elisemadolobheni asebaligolima. Wenzenjani uma abaphethe uMbuso bethi hamba uye ezindaweni zakini uyophila impilo ekukhipha kubalozimali zasemadolobheni. Naleyo nkece ibe isetshenzelwa nguwe emadolobheni, kunguwena othenga okuningi kunabacindezeli, uze uthele intela eningi kunethelwa yibo ngoba wena uyingxenye yesizwe esiningi. Ufuqelwe ezindaweni eziphethwe nguhulumeni ezinodokotela nothisha nonesi abayingcosana, nabo abahalela ukuyohlala emadolobheni basebenze khona ngoba becabanga ukuthi khona kunamadlelo aluhlaza? Intshumayelo yoMntwana yokwazisa imvelaphi yethu, yokuzinza emasikweni ethu sisenge izaqheqhe ezakha izimilo, nokuziqhenya ngobuthina, iyobongwa namasemazulwini.
Isihlangu soMntwana waKwaPhindangene sephukile. Ngezikhathi ezinjena eziza nomunyu nokuninga ngokuningi esahlukweni sempilo yomuntu, kufika imicabango yokuthi engabe amagalelo akhe eyeme yini endaweni azalelwa kuyo, kangakanani? Abanye bahlulelwa ngazo izindawo namakhaya abazalelwa bakhulela kuwo. Abanye bazibukela bona phansi ngenxa yezindawo abaxosha, beqela kuzo amankonyane atshakadulayo. Kodwa abanye bathaka leyo mpilo nelandelayo, bazibona bebusisekile. Ezikhathini zokulawulwa yizifikanamithwalo, nesasasa lokwehluka kwabakini nabakwenu, egameni “lempucuko” abanye bayadideka badedele amafagugu abo agqitshwe yizindonga kuqhwakele kuwo iziduli zemihlwa.
Kulabo abayohlaziya izisusa zenhlakanipho, zesibindi, zombonotalagu, namaqhingasu okubhekana nezingqinamba, ngempikelelo, bayojuluka ezimathonsi. Wayengabesabi abesatshwayo lapha emhlabeni, ngisho sebemesabisa kangakanani. UMntwana wakwaPhindangene uzalwa yiNkosi uMathole kaTshanibezwe, kaMnyamana, kaNgqengelele. Uzalwa nguMntwana uMagogo kaDinuzulu kaCetshwayo kaMpande. Kanti kuzothi ekukhuleni kwakhe kade efunda eMahhashini, esikoleni iMpumalanga, esasiseduze nakwaDlamahlahla, ayithande imfundo futhi akhaliphe. Okwenza wagcina e-Adams College. Esefunda umatikuletsheni, waba nethuba lokubhalela uDkt u-Isaka kaPixley Seme, umkhwenyana waseNdlunkulu, izincwadi ayembizela zona njengoba wayesekhishwe elinye iso. Ngenxa yale nxaphepha eyayingalindelwe muntu, uMntwana uMangosuthu wacosha ukwazi okunzulu mayelana nezombusazwe namaqhingamasu kwezombusazwe. Wasuka e-Adams College wayofunda eFort Hare. Ukuhlolwa kweziqu zakhe wakubhalela ngaphandle kwenyuvesi njengoba baxoshwa beyinjenjane ye-ANC. Wabhala ukuhlolwa kwakhe ngaphandle kwaseNyuvesi, esesizwa ngoDkt u-Edgar Brooks. Waba nguMabhalane kwaNdabazabantu, kubameli uCowley and Cowley wayeseba sehhovisi lommeli uRolly Arenstein lapho ayesebhalisele ukuba yithwasa lobummeli khona.
Lapho uhulumeni wobandlululo ngowe-1972 akha umthetho wokuqephula izwe laseNingizimu Afrika libe ngoMazimele, akazange akuvume lokho uMntwana uMangosuthu Buthelezi. Kwala ngisho abanye ababesondele kakhulu kuye, ababemeluleka ngokuningi, njengokuqamba iqembu leNkatha, sebethi akavume okungalungile uyokulungisa phambili, akaze avuma. Kodwa okusha mayelana naleli phuzu engikholwayo ukuthi akukaze kugqanyiswe ukuthi ngesikhathi enqaba yena, zivuma ezinye izinhlanga ukuba nozimele geqe, amabhunu asebenza kanzima ukwenza sengathi akushoyo yikhona khona. Lokho akwenza ngokufakela imali eningi kulabo ababevume uzimele geqe. Mhlawumbe babengeke bayifake leyo mali ukuba uMntwana naye wayevumile. Base bedlala umdlalo kagabigabi. Kodwa lokho kakubulethanga ubungcono kulabo zimele geqe ngoba intuthuko kubo kayiyedlulanga eyakwaZulu eyayiholwa nguMntwana uMangosuthu. Ubuqotho bobuholi nobuchwepheshe bokuphatha izimali zikahulumeni kwacaca ngosuku lokugcina sekuwelelwa kuhulumeni wentando yeningi ngoMbasa wezi-1994, lapho yivelakanci. Sewunakho konke, uceba kakhulu uma njalo ukhumbula ukuthi kuhle, kuyajabulisa, kunoju kakhulu, uma wenza wonke umuntu akwenamele ngoba uthe wakwazi ukumfinyelelisa kukhona naye.
Ukuzinikela koMntwana waKwaPhindangene ekuholeni okunombonotalagu, umbonojukujuku, kucaca kulokho akusho ethula Inkatha Yenkululeko Yesizwe (Inkatha National Cultural Liberation Movement). [kuvela emqondweni wami manje ukuthi abanye bangathi igama elithi “cultural” kalitolikalile uma kuthiwa Inkatha Yenkululeko Yesizwe. Lokho kumumethwe yilo elithi Inkatha ngoba iyiqoqo losiko lwesizwe. Inkatha yinhlanginisela yezinyamazane nezinsila neminye imicwiyo okusetshenzwa ngayo imisebenzi yesizwe eyehlukene, esaba sebukhosini – ezinye-ke ngezincane eziba semakhaya abanumzane).
Wathi: “Sihlangene lapha ukuzothungatha indlela esingakwazi ngayo ukufinyelela kokuhle esidalelwe khona thina baNsundu lapha eNingizimu Afrika.” Sisebenzise igama elithi “yesizwe” ngobubanzi bomqondomsuka waleli gama. Njengoba lisetshenzisiswe lingasho umqondo owehlukene ongaphezu kowodwa. Noma sizosebenzisa uMthethosisekelo mayelana nezindaba zaKwaZulu, lesi yisilulu noma insebenzakwenza engasetshenziswa ngama-Afrika onke. Ngeke sisho ukuthi izwe laseNingizimu Afrika lisengelingakanani. Kodwa liseyiso isizinda esizithola sisasele naso emva kwezimpi ezasishiya sihlwithwe izwe lethu. Sahlwithwa izwe lethu esalabelwa nguNkulunkulu. Nokho yinsiza namanye ama-Afrika asengayisebenzisa uma amaphupho ethu efezeka. Ngakho kufanele sisebenzise noma yiziphi izizinda esisele nazo emva kokunqotshwa ukuze kusigxumisele emagqumeni.