Now Reading
Ukukhuluma okuthi “kwamukelekile” ngokwepolitiki mkhulu umonakalo okuwenzile
Dark Light

Ukukhuluma okuthi “kwamukelekile” ngokwepolitiki mkhulu umonakalo okuwenzile

Siqhubeka engosini yangeledlule. Umbuzo uthi uma insakabulo kungesona isikhali sikaZulu, yafika kanjani eSilweni? Yafikiswa yilenqubo yokuthi “kwamukelekile ngokwepolitiki” abathi ngesingisi “politically correct.” Bazokwazi abake basebenza eduze kweNgonyama. Kunosomathuba abahlala begade ukuthola isikhala sincane sokundlubulundela ukubona iNgonyama.

Abanye beza nezinto ezinhle ezakhayo; abanye beza nezinto ezingawulethi umqondo ophusile njengalodaba lweNsabuli.

Lowo owagcina ngokuphumelela ukuncoma eNgonyameni ukusebenzisa insabuli wasebenzisa lomqondo othi “ Kwamukelekile ngokwepolitiki.”

Kungenzeka loyo owancoma udaba lweNsabuli wayecabanga ukuthi uvikela iNgonyama ngokuthi isebenzise insabuli esikhundleni somkhonto ngoba uma Ingonyama yayizosebenzisa umkhonto, kwakuzokwakheka isithombe sokuthi iNgonyama ichemile ngokuqhakambisa umkhonto okuyisikhali esihambisana nezinkambiso zikaKhongolose. Isikhali Umkhonto sigqame kakhulu enhlanganweni kaKhongolose. Umkhonto awugcini nje ngokubonakala njengo phawu lukaKhongolose, ngisho uphiko lwempi yalo ubizwa ngawo uMkhonto. (The Spear of the Nation).

Iqiniso lithi umuntu ongazi umlando ukuthi ukuzaleka kukaKhongolose imbewu yakhona yatshaleka eNdlunkulu. Kungumlando futhi owaziwayo ukuthi umkhonto isikhali sisetshenziswe ngenkulu impumelelo ukuvikela umbuso kaZulu.

Cishe umfundi uzovumelana nami ukuthi njengoba ngiluhlaziya loludaba kukhanya kuthi bha ukuthi engikukhulekayo ukuthi iNgonyama ebusayo kufanele ikubuke njengomqondo ophusile ukuthi idlulisele eNkosini egcotshwayo ihawu kanye nomkhonto njengezinto ezingamagugu kuleli likaMthaniya nezasetshenziswa ngenkulu impumelelo mhla uZulu ehlabana empini yaseSandlwana ehlula amaNgisi. Ngeke ngisho ngithi phansi! ngeNsabuli Phansi! NgeNsabuli ngoba ngizobe sengifaka inhlansi yepolitiki endlunkulu, okungeyona inhloso yami.

Ngakho-ke ngokukhulu ukuzithoba ngiyanxusa eSilweni esibusayo ukuthi ngokuzayo uma kuba khona umcimbi wokugcoba iNkosi, insabuli ingabonakali kodwa kugqame ihawu kanye nomkhonto okuzimpawu noma imifanekiso oshaya khona ukuvikela umhlaba noma isizwe.

Kuzokhumbuleka lomqondo othi “kwamukelekile ngokwepolitiki” wasusa omkhulu umsindo ngesikhathi kuthatha isinqumo eThekwini sokwakhiwa kwemifanekiso (statues) zezinndlovu okusilwane esiwuphawu olutholakala eqenjini le Inkatha Freedom Party.

Siyasho isiqubulo seNkatha sithi: iyaphi iNdlovu? Iya phambili. Wasuka umsindo kwafakwana ezinkantolo ngempela ngempela singekho isidingo.

See Also

Lesigameko saze sathunaza isithunzi somqophi odumile nohlonishwayo emhlabeni uAndries Botha. Konke lokho kuxokozela kwakudalwa ipolitiki eshibhile yomqondo othi “kwamukelekile ngokwepolitiki” ukuphikisa into enomqondo ophusile, okungukuthi uma kukhulunywa amaqiniso ukuzigwaza ngokwakho.

Umfundi usengazicabangela ukuthi kube izikhathi zakudala amaphepha emali akhishwe ibhange elibekiwe (Reserve Bank) anezithombe zendlovu ezimataniswa neqembu leNkatha ngabe kwenzekalani.

Ngenhlanhla, futhi emuhle uNkulunkulu kubantu bakhe, ukuvuthwa ngokomqondo kwabantu ekunciphiseni ukuzimbandakanya ezintweni ezingathi shu, kwenza kugwemeke okuningi ngaphambilini okwakungadala uthuthuva.

  UDokotela Vusi Shongwe eMgungundlovu, kwisiFundazwe saKwaZulu-Natal

Scroll To Top