Lingefe ngoMntwana Nangathi!



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Babevela kuwo onke amagumbi amane omhlaba. Kuyo yonke imikhakha yempilo. Bonke behlangene ngento efanayo,ukuzohlonipha uMntwana waKwaPhindangene obenguNdunankulu kaZulu kanye neSILO. Njengoba kwabe kulindelekile abantu babe ngangoZulu eya eMakheni bonke bezothi ndlelanhle kulesi sigomagoma sikaZulu nesesikhathi sethu.
Kwathi lapho amagumgedlela akuleli ngokulandela inqubo yohlobo lomngcwabo uShenge abe enikwe wona esemthatha emfaka enqoleni kwacaca ukuthi usehambile umfo KaMathole.
Lapho inqola lena idundubala iqonde KwaPhindangene nangesikhathi lisho icilongo lombutho umkhumbi kaShenge usuwehlela emgodini, wonke umuntu wancama ekuthini nembala kasisaphelelanga njengesizwe kasekho uNdunankulu.
Ubunye obubonakale lapha kwenze amathe abuyela kwasifuba kulabo okuthe kuzwakala izindaba zokudlula koMntwana bashiya abangalazi ngempilo yakhe yangaphambilini kwezepolitiki nakuhulumeni wakwaZulu.
Kwenzeka konke nje lokhu umbuzo osematheni kwabaningi ngothi engabe lokhu kusongwa kwesahluko esimqoka kangaka esizweni kusho ukuthini. Ngabe lokhu kusho ukushabalala kukaZulu?
Abanye bebekuphimisa lokhu bengasabi. Bekhona nabakhalela ISILO ekutheni engabe sizoba yini njengoba lokhu uShenge njengoNdunankulu wakhe abelihawu nomkhongi waso kokuningi.
Lokhu kugqame kakhulu enkulumweni yeNkosi yaseMahlayizeni nebikhulumela aMakhosi. Kube ngokufanayo ngesikhathi uMntwana wakwaFihlinqindi egameni leNdlunkulu ebabaza ngamathamelangozi azungeze iSihlalo.
Okube sobala kulezi zinkulumo wukuthi kukhona ukwesaba ukuthi hleze ngokugoduka koMntwana izitha zoBukhosi sezizochanasa.
Olunye udaba obelukhulunywa ngabatu phandle wudaba lomhlaba kaZulu. Kukhona umuzwa wokuthi ukusithela kukaMntwana kungahle kuvule imbobo lapho abaqoneli bomhlaba besikhathi sethu bengachanasa khona. Lomuzwa ungohlaka loBukhosi iNgonyama Trust nesanda kuba nezinguquko lapho kuphunyuzwe khona uSihlalo obenamava uMehluleli uNgwenya kwabe sekufakwa iNkosi yakwaMzimela. Akuyona imfihlo ukuthi uMntwana uhamba nje kayizwa eyeNkosi uMzimela nahambe emsola ngokuba lumbimbi nabantu abanezinhloso ezingezinhle ngeSihlalo.
UMntwana ubesakholelwa ekutheni uMehluleli uNgwenya nguye okumele aqhubeke ekubeni yisandla sokuphosa ezindabeni ezithinta umhlaba kaZulu ngaphansi kohlaka loBukhosi Ingonyama Trust Board.
Ayemi kukho uMntwana ukuthi uMtimande unomlando omude ngalolu hlaka nokuthi ukudepha kolwazi lwakhe kungalekelela kokuningi ekubhekaneni nezingqinamba ezizayo.
Akuyona imfihlo ukuthi loludaba seluhlukanise phakathi ngisho aMakhosi kulesi sifundazwe, kukhona okukholakala ukuthi ami noMntwana kulolu daba nalawo avumelana nezinguquko.
Lokhu kube sobala eziwombeni ezimbili, esokuqala kube ngesikhathi uMntwana ebize umhlangano waMakhosi neNdlunkulu nayilapho ayezobika khona ngalokho athi ukubona kuyingozi ecathamela iSihlalo noZulu.
Lapha aMakhosi avela esifundeni iKing Cetshwayo eza ngobuningi bawo. Ngobusuku obandulela lomhlangano kwavela izindaba zokuthi uSihlalo waMakhosi (iNdlu) iNkosi uShinga wabe esemkhankasweni wokunxenxa ukuba aMakhosi angayi kulomhlangano nokuyinto ayiphika.
Yona qobo iNkosi uShinga kayiphumelelanga kulomhlangano. Isigameko sesibili kube yilapho kuba yiNkosi uBiyela (yaseMahlayizeni) eyethula inkulumo egameni laMakhosi akwaZulu ekubeni ekhona usihlalo.
Umbuzo uthi ngabe lokhu kungaboni ngasolinye kuyolanyulwa ngubani njengoba noMntwana engasekho?
Izinhlaka zoBukhosi
Okunye okushiye imibuzo kwabanye wukuhleleka kwezinhlaka zoBukhosi jikelele ngaphandle koMntwana nangaphansi kweNdlulamithi.
Izinduna ziluhlaka olumqoka KwaZulu nokungaba yinhlekelele uma ngahle ukusebenza kwazo kungaphazamiseka. Ugoduka nje uMntwana bese kukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kwezinye izinduna namakhosi nokwabe kudalwa phakathi kokunye yimihlomulo. Nalapha umbuzo uthi kuyoba yini uBukhosi kuya phambili uma loluhlaka olumqoka kangaka luxhuga engekho noNdunankulu.
Ngakolunye uhlangothi abantu bakwaZulu baluhlaka olumqoka. Ugoduka nje uNdunankulu akumfihlo ukuthi ngenxa yezinto zaseNdlunkulu isizwe sihlephuke phakathi, kukhona abathi selaphuma ilanga bese kuba khona abathi qha akunjalo.
Lolu daba ngentwasa ezayo luzobe lusezithebeni zeNkantolo eNkulu ePitoli. Lesi simo nakanjani sizonezela kwisimo esivele singesihle.
Ikhalisana nabakwaButhelezi iNdlulamithi ngoMsombuluko ithe, akukho ukungabaza ekutheni izwi loMntwana lithule ngesikhathi iNingizimu Afrika neNdlunkulu kaZulu isalomele kwavusa neminjunju eNdlunkulu.
“UMntwana ubelikhonco nesithako esimqoka eNdlunkulu, eBukhosini kanye naseNingizimu Afrika. Ukukhuluma okumqoka bekungapheleli uma ilaka lakhe nezwi lakhe lingatholakalanga. UMntwana waKwaPhindangene akakaze esabe ukuveza umbono wakhe, akakaze esabe ukuma yedwa inqobo uma ekholwa ukuthi lokho akumele kuzoyisa isizwe nezwe phambili. Okunye engikufunde kuye yisineke sokukwazi ukungayeki ukunxenxa labo ongaboni ngasolinye nabo.” Kububula iBhubesi
Lokhu okushiwo ngoMdala ngoShenge kukhomba uhlobo lomholi odingekayo ukuhola uZulu. Umholi onamava, onesibindi nokumelayo akusho ngayizolo. Kepha okukhulu kakhulu ngumuntu ohlonishwa hayi ngaMakhosi nezinhlaka zoBukhosi kepha nohlonishwa ngabantu bonke.
Umholi oyokwazi ukukhuza aMakhosi, amabutho okungumkhumbi wempi kaZulu, iNdlunkulu kepha okumqoka ukubonisa oMdala.
Zonke lezi zaqheqhe ezabe zibekwa ngabantu ngoShenge kungenzeka ukuba kazisekho ngoba yena engasekho kepha iqiniso elimileyo wukuthi ayeyikho yonke leminyaka kubukeka kungeyona nje kuphela inomfi eyabe ibumbe uZulu ngaphansi kweNgonyama kepha kube kuyisithako esabe siyiso ekuvikeleni uphawu elinguZulu, iNgonyama noBukhosi jikele.
Iqiniso lithi uMntwana kasekho. Libuye lithi ugoduke namava akhe. Lokhu kusho izinguquko kuZulu naseNdlunkulu nakuso isikhundla sokuba nguNdunankulu. Umbuzo omileyo ngothi engabe lezi zinguquko ezilethwe yimvelo zisho ukuthini.
Ngabe zisho okuhle okuzayo noma zikhonga inhlekelele engaguqisa uZulu ungunaphakade? Isikhathi yiso kuphela esiyoba ngumehluleli kulokhu njengoba uZulu nesihlalo bekuvuthondaba.