Kungenzeka yini ukuthi isibukelwa phansi i-United Nations General Assembly
UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
Kulenyanga, iGeneral Assembly okungenye yezinhlaka ezibalulekile ze United Nations (UN) ivule umhlangano wayo wonyaka nokuvame ukuthi uhanjelwe oMengameli noNdunankulu bamazwe omhlaba behola amathimba abo ukuze kudingidwe izingqinamba ezahlukene okubhekenwe nazo emhlabeni jikelele. Umhlangano walonyaka we General Assembly, ubanjwe ngaphansi kwengqikithi ethi: “ukwakha kabusha nokuvuselela ubumbano emhlabeni wonke: ukuphakamisa izinyawo nge 2030 Agenda kanye Nezinjongo zayo Zokuthuthukiswa Okusimeme ezibhekise ekwakheni ukuthula, ukuchuma, inqubekela phambili, nokusimama kwawo wonke umuntu”. Lena yingqikithi ebalulekili kakhulu ngoba i2030 Agenda iqukethe uhla lwezinhlelo amazwe omhlaba ayevumelene phambilini ukuthi yizo okumele zifezwe ukuze kwakheke futhi kuqiniswe ukuthula nentuthuko emhlabeni.
Lomhlangano kulindeleke ube yinkundla lapho amalungu eUN ezeneziphakamiso futhi avuselele izibophezelo zawo ekufezeni i2030 Agenda. Kepha awamaningi amathemba okuthi lomhlangano uzoqhamuka neziphakamiso ezizoba nohlonze ngenxa yezizathu ezahlukene. Okokuqala okumele sikusho, lomhlangano ubanjwa ngesikhathi lapho kucace kamhlophe ukuthi uNobhala Jikelele we UN uMnu Guterres uzalelwe yinja endlini.
Mhlazane ethatha lesikhundla ngowe-2017 amazwe omhlaba ayengabhekene nezingqinamba ezibeka engcupheni indima iUN eyayisungulelwe ukuthi iyihlakule. Kukhulunywa nje amazwe amane kwayisihlanu okubalwa iUnited Kingdom, iPeople’s Republic of China, iFrance kanye ne Russia, okuyiwo anezwi kwizinqumo zeUN – ngoba enezihlalo ezingunaphakade kwi United Nations Security Council (UNSC) – aqome ukungathumeli amathimba aholwa oMengameli noma oNdunankulu bawo kulomhlangano. Lokhu kudale ukuthi uMnu Biden onguMengameli wase United States of America kube nguye kuphela ilungu le UNSC ohambele lomhlangano. Noma zehlukene izizathu zalamazwe amane okuthi angawuhambeli lomhlangano ukungabi khona kwabaholi bawo kukhombisa ukudlondlobala kokungaboni ngaso linye kumalungu aphezulu eUN. Umholi wase Russia uMnu Putin singamxolela ngoba ubevele engeke akwazi ukuwuhambela lomhlangano ngenxa yesinqumo seInternational Criminal Court (ICC) sokuthi kumele afakwe ozankonsi ngezenzo asolwa ngazo kwimpi neUkraine. Njengoba kwenzeka kwiNgqungquthela ye BRICS eNingizimu Afrika, bekungeke kubelula ukuthi okaPutin abe seUnited States of America engaphansi kwalengcindezi. UMengameli uMacron wase France udalule ukuthi loMhlangano we UNGA uqondane nokuthi elase France lizobe lihanjelwe iNkosi yase Great Britain uCharles III. Okumangaze kakhulu yisinqumo sika Ndunankulu we United Kingdom – uMnu Sunak – nobekuzoba okokuqala emveni kokwenyulwa kwakhe ukuba ahambele iUNGA. Okuxakayo ke wukuthi womabili lamazwe abamba iqhaza elikhulu elusunguleni iUN ngowe-1945 ngaleyo ndlela kuhlale kulindeleke ukuba akhombise ngakho konke ukuthi asayihlonipha.
Izenzo zabaholi balamazwe ikakhulukazi abase UK ne France – yizo ezijivaza ukuvelela kwe UN ziphinde ziqinise imibono ethi sekufike isikhathi lapho amanye amazwe omhlaba akhe ubudlelwane obehlukile ngokusebenzisa ezinye izinhlaka ezikhona emhlabeni ukuze kuqhutshekwe nemizamo yokudala ukuthula, ukudlondlobala, nobudlelwane obunobulungiswa. Akusafani neminyaka yaphambilini lapho kwakungamazwe ayidlanzana ikakhulukazi awaseNyakatho – ayenesiqiniseko sokuthi kukhala esawo isicathulo kwizindaba zamazwe omhlaba. Namuhla amazwe amaningi angakwazi ukuzithathela izinqumo, angakhetha ukuqinisa Umbutho Ongachemile (Non-Aligned Movement), angakhetha ukusebenzisana ne iBRICS+, angakhetha ukuvuselela iG77+China neqeda ukuhlangana ngesonto eledlule; angakhetha ukusimamisa lezinhlangano ukuze angenelele ngazo kwimizamo yokwahla ubulungiswa emhlabeni.
Asiqondile ukusikaza iUN ngejozi ngalokhu esikushoyo kodwa siphawula ngemibono ekhona nedalwa ukufiphala kwesineke samazwe amaningi ngokwehluleka kwaleNhlangano ukumelena ngqo nezintshisekelo eyasungulelwa ukuthi izifeze. Lokwehluleka kwayo, umakucujungulwa kahle, kudalwa kakhulukazi yilamazwe ambalwa asazithatha njengezikhondlakhondla emhlabeni jikelele.