Now Reading
Bafuna kubuyiswe abafuduka ngenxa yezimpi ezweni
Dark Light

Bafuna kubuyiswe abafuduka ngenxa yezimpi ezweni

Izinkulungwane zabantu zibhikishe ngoLwesibili esifundeni esisenyakatho ne-Ethiopia, iTigray zifuna ukubuyiswa kwabantu abaxoshwa yimpi yeminyaka emibili lapho kanye nokuhoxiswa kwamasosha angaphandle asele selokhu kwaphela ingxabano.

Impi phakathi kwamasosha kahulumeni namadlelandawonye awo avela endaweni engumakhelwane i-Eritrea kanye nesifunda sase-Amhara ngakolunye uhlangothi namabutho aseTigray ngakolunye yaphetha ngokuthula ngoLwezi odlule ngemva kokuthatha amashumi ezinkulungwane zabantu.

Izigidi zaphoqwa ukuba zisuke ezindlini zazo, okuhlanganisa namakhulu ezinkulungwane ezivela emhlabeni obangwa uTigray no-Amhara, abombutho wabo wezokuphepha namasosha aqhubeka nokuhlala kule ndawo.

Amasosha ase-Eritrea nawo asahleli endaweni yase-Ethiopia emadolobheni amaningana asemngceleni, ngokusho kwezisebenzi zosizo. Uhulumeni wayo wenqabile ukuphawula ngalolu daba.

Ababhikishi bahlangane ngokuthula ngoLwesibili emadolobheni amakhulu amaningi, okuhlanganisa nenhloko-dolobha yesifunda iMekelle, Adigrat kanye neShire. Babephethe izingqembe ezineziqubulo ezinjengokuthi “abahlaseli kumele balishiye izwe lakithi”, ngokusho kwevidiyo esakazwa kuTigrai TV, elawulwa iqembu eliphethe iTigray.

UHenok Hiluf, obeyingxenye yombhikisho eMekelle, utshele abeReuters ukuthi babalelwa ku-3 500 kuya ku-4 000 abebebhikisha lapho.

See Also

Isivumelwano sokuthula sibekhona kusukela ngoLwezi, izinhlangothi zombili zazisa inqubekelaphambili ekusetshenzisweni kwezimiso ezibalulekile. Amasosha aseTigray aseqalile ukukhulula izikhali, uhulumeni wesikhashana usumisiwe futhi nezinsiza eziningi eziyisisekelo sezibuyiselwe.

Kodwa iziphathimandla zaseTigrayan zikhala ngokuqhubeka nokuba khona kwamasosha angaphandle. Ngesonto eledlule, uGetachew Reda, ohola uhulumeni wesikhashana wakulesi sifunda, uthe amasosha ase-Eritrea asanda kuvimbela ithimba eliqapha ukuqaliswa kwesivumelwano sokuthula ekwenzeni umsebenzi walo.

Abakhulumela uhulumeni wase-Eritrea no-Ethiopia kanye nabaphathi besifunda sase-Amhara abazange baphendule ngokushesha izicelo zokuthi baphawule.

Scroll To Top