INkatha Yenkululeko seyiyophila kuze kube sekugcineni kwesikhathi



UHlabisa nguMengameli we-Inkatha Freedom Party.
Leso naleso sizukulwane siyaphiwa uhlobo lwabaholi abaqotho nabanombono ojulileyo. Isizukulwane sethu sinikwe INkosi uMangosuthu Buthelezi, uMntwana waKwaPhindangene. Nakuba wazalelwa endaweni yasemakhaya kubantu nje phaqa, lapho okwabe kungalindelwe okutheni khona, ukhule waba yisibani esikhanyisele wonke umuntu , abancane nabadala nezinhlanga zonke.
Kube ngalesi sizathu uma kuvela imibiko yokuthi uMntwana akasekho emhlabeni akubanga wumndeni wakhe wepolitiki Inkatha Freedom Party (IFP) owakhungatheka ngalezi zindaba. Kwaba nomunyu esizweni sonke. Njengenhlangano sithole imiyalezo ebivela kuwo wonke amagumbi amane omhlaba. Yonke lemiyalezo ibisho ngazwi linye ukuthi mhlaba kawunoni.
Nokho ekukhungathekeni kwethu sonke sibe nokubonga uMdali ngempilo ende ayiphe uMntwana phakathi kwethu. Siyi-IFP sibonga kasiphezi kuqala emndenini wakwaButhelezi ngokusiboleka uMntwana yonke leminyaka. Siyawazi amazondo ebeniphila ngaphansi kwawo njengezingane zoMntwana – icala lenu kwabe kuwukuzalwa yilendoda ebiyisishabasheki sokulungileyo.
Sibonga isizwe sakwaButhelezi okuthe kuyo yonke leminyaka yabelana nathi njengeqembu isikhathi soMntwana. Siyazi ukuthi ngenxa yemisebenzi yeqembu ezinye izinto zesizwe bezima nse. Obekufike kusihlabe umxhwele ukuthi noma enathi kepha belingapheli olimini lwakhe igama lesizwe sakwaButhelezi. Lena bekuyingane yenu, umholi, neNkosi yenu.
Ngosuku ehla ngalo njengoMengameli weqembu ngoNcwaba ngowezi-2019, uMntwana wasicela into emqoka njengabaholi namalungu e-IFP. Wathi asivikele abantu besifazane nezingane. Kwabesifazane eqenjini lethu nasezweni lonke siyazibophezela ekutheni lokhu sizokwenza, sizolwisana nabo bonke labo abahlukumeza bebulale abesifazane nezingane. Kubo bonke abesifazane nezingane kuleli hlalani nazi ukuthi njengokomlayelo woMntwana wakwaPhindangene, Iqembu Lenkatha Yenkululeko liyisihlangu senu.
Izwe lapho izingane nabesifazane bevikelekile khona ngaso sonke isikhathi bekuyiphupho likaMntwana . Leli phupho lizofezeka ngaphansi kobuholi namalungu e-IFP nangaphansi kukahulumeni we-IFP ozayo.
Kumalungu eqembu ngiyazi ukuthi okusehlele akulingani nalutho kwesike sakubona noma kwasehlela. Asikaze sikuphuphe ukuthi siyoke silale sivuke uMntwana engasekho phakathi kwethu. Asikaze sizizwe siphawula ngegama lakhe njengo ngasekho. Njengoba iSihlangu seSILO siwile nje kithi kuwe insinka uqobo. UMntwana ubenguthisha, engumzali, engumholi nomvikeli wethu njengamalungu nabaholi. Esikhathini lapho kunemibuzo ekutheni engabe ngokuhamba kukaMntwana lenhlangano ayisungulayo izoba yini kulezi zivunguvungu ezilapha phandle, njengoMengameli weqembu, ngenza isifungo kini nakwiNingizimu Afrika sokuthi Iqembu elasungulwa uMntwana wakwaPhindangene, ngeke liwe noma lishabalale ngaphansi kwesikhathi sesizukulwane sethu. Mina kanye nobuholi UMntwana waKwaPhindangene adlulisela kubo izintambo zokuhola iqembu, siyazibophezela phezu kukaShenge, umholi wethu, nobaba wethu ukuthi sizoqhubekela phambili ukufeza iphupho lakhe.
Beliyini iphupho likaMntwana?
UMntwana wakwaPhindangene, umholi wethu ubenephupho elijulileyo leNingizimu ne-Africa ekhululekile, enobulungiswa, nenamathuba alinganayo kwizakhamuzi zaseNingizimu ne-Afrika. Ubenephupho lobunye bezwe laseNingizimu ne-Afrika. NjengoNdunankulu weSILO noZulu ubenephupho lobunye bukaZulu ngaphansi kobuholi beSILO. Ubenephupho loBukhosi obunamandla, obuhloniphayo nobuzihloniphayo.
Iphupho loMntwana bekuyizwe nohulumeni ohlonipha uBukhosi nezinhlaka zoBukhosi. Lelo phupho njenge-IFP sizoqinisekisa ukuthi nakanjani liyafezeka. Sizoqhubeka nokuba yiphela endlebeni kuhulumeni okhona, siphinde siqinisekise ukuthi uma sesisemandleni uBukhosi ezweni lonke sibubeka endaweni okuyifanele.
Elinye iphupho loMntwana wukunikezwa kwelungelo lomhlaba kubantu bakithi abansundu. Lokhu wukubonakalisa ngomthetho Ingonyama Trust Land. Sizoqhubeka nokulwela ukuvikeleka komhlaba kaZulu nowoBukhosi jikelele.
Njenge-IFP siyolwa kunqamuke izandla noma yikuphi lapho sinomuzwa wokuthi kukhona abadlavuza nabathatha umhlaba kaZulu. Sizoqhubeka nokuba ngabavikeli nabalweli bomhlaba noBukhosi ezingeni likazwelonke ukuze abantu bakithi bathole inkululeko epheleleyo.
Yebo ngokwenyama uMntwana akasekho phakathi kwethu kepha ngokomoya uzakuba nathi ungunaphakade. Inkatha izoba nguye ngezenzo njengoba konke ukwenza kwethu kuyobe kungukuhlonipha lendodana yase- Afrika. Siyamthembisa uShenge ukuba ngeke siyeke izwe lethu lingene obhukwini lwenkohlakalo sikhona.
Abantu bakithi ngeke sivume ukuba bahlale ngaphansi kwenhlupheko sikhona. Siyazibophezela ezimfundisweni zakhe zokuba ngabaholi abaqotho, abanobuntu nabazoqhubeka bathenjwe ngabantu njengoba bekwenzeka esephakathi kwethu. Sizoqhubeka nokulwela inkululeko epheleleyo kwezomnotho, inhlalakahle ezweni eliphephile kuze kube abantu bakithi banikezwa amalungelo obunini bomhlaba apheleleyo.
I-IFP yasungulwa uShenge ukuba ibe isixazululo sezwe laseNingizimu ne-Afrika futhi iyohlala iyixazululo sabantu baseNingizimu ne-Afrika kuze kube ngunaphakade.
UMhlonishwa uHlabisa ungumengameli we-Inkatha Freedom Party