Now Reading
Asikaqedwa isililo sikathekwane ngobuhle
Dark Light

Asikaqedwa isililo sikathekwane ngobuhle

Yeka isililo esalilwa nguthekwane ezibuka emanzini ethi: “Wawumuhle thekwane. Kodwa woniwa yilokhu, nalokhu — isidlodlo!”

Uthekwane wayemuhle kuqala engakoniwa yisidlodlo. Kwathi lapho ezibuka emanzini, wafica ukuthi amanzi amtshela ukuthi usemubi, futhi usoniwe yisidlodlo.

Waqala lapho-ke uthekwane ukuba athande ukuyozibuka njalo emanzini ecabanga ukuthi ngelinye ilanga uzozifica esemuhle futhi, kodwa phinde, waba eyilokhu ekhala isililo sokufuna ukuzenza abemuhle. Sekungumsebenzi nje impela onzima nojulukisayo ukuzenza muhle.

Sekuphenduke kwaba ukuhweba okunenzuzo enkulu yemali ukuqeda isililo esalilwa uthekwane kubantu abafuna ukuzenza babebahle.

Sekunezimboni ezinkulu ezikhanda imikhemisi yokwenza isikhumba esimnyama sibe nebala eligqamile, nemikhemisi eyenza izinwele zomuntu zeluleke zithwishileke zifane nenkoza yommbila. Kukhona nemikhemisi ezenza zibemnyama bhuqe kuhle okomule.

Lezimboni zenza imikhemisi ezinhlobonhlobo ezosetshenziswa ngabantu abazisola njengothekwane owazibuka emanzini maqede wazibona ukuthi lokho ayikho kokuba yena angafani nezinye izinyoni njengezincwincwi, amasakabuli, nezimpangele ngisho nezimpigogo imbala, ezinhle ebusweni ngisho nokuvatha kwazo imbala, ezize zigabise ngakho, nangezimpaphe ezimbalabala kuhle okothingo lwenkosazana, ngoba yona phela igabisa ngawo amabala ayo.

Nabo-ke lababantu kuthi uma bezibuka ezibukweni, nasezingilazini zezitolo, baphawule okuthile ngabo, bethi, ukuba amabala obuso babo ayekhanya futhi egqamile ngabe kuhle lokho, ukuba izinwele zabo zinde futhi zinjengenkoza yommbila ngabe kuhle futhi nalokho, ukuba namashiya abo amnyama bhuqe, futhi abe ngamagqikolo, ngabe kuhle nje futhi nalokho.

Babala izinto eziningi abathi ukuba banazo ngabe kuhle. Ubuhle buthandwa ngabesifazane ikakhulu, kulokho-ke akukho noyedwa ongabasola. Yimvelo esegazini labo eyenza ukuba bathande ukuba bahle.

Bathanda ukubukeka bebahle emakhanda, ebusweni, ezifubeni, ezinkalweni, ezithweni ngisho nasezingalweni nasezinyaweni.

See Also

Ekhanda uzofica bethwele imihangakazi yezigqoko ezidle ngokuba nezimpaphe zentinginono njengezihlonywa ngamakhosi oselwa, uma lezozigqoko zisemfashinini.

Abakhathali noma wonke umhlaba ungazithwala, uma nje zisemfashinini, zilungile. Ungafica bethwele amaduku, bewabophe ngokuwabopha. Abanye bawenza zona izidlodlo zikathekwane ngaphambili, abanye bawathi nko, bese bewathi ngqi ngefindokazi elikhulu.

Abanye bawathi nje bhu emakhanda bese bewathi nsi ngefindo ngezansi kwesilevu.

– Iyaqhubeka ngesonto elizayo.

Scroll To Top