Now Reading
Uzimisele ngokufaka uMkhambathi eqoqweni leNedbank Cup
Dark Light

Uzimisele ngokufaka uMkhambathi eqoqweni leNedbank Cup

Umqeqeshi weqembu eligijima kwiSafa ABC Motsepe League uMkhambathi FC uMondli Ntinga uzithwese ijoka lokuthi ufuna ukubeka leli qembu kuLast 32 yeNedbank Cup.

Ngesizini edlule leli qembu laseMkhambathini, lijike kuyona iLast 32 yeNedbank Cup nalapho elakhishwa khona iqembu eligijima kuMotsepe Foundation Championship iCasric Stars.

Isizini yakhe yokuqala ezokuba ngumqeqeshi ngokugcwele kulesi sigaba kusukela aqala ukuqeqesha. Kumasizini amabili edlule leli qembu lifike kulesi sigaba ubeyisekela  likaSihle Mdluli.

UMkhambathi FC usihlalo walo okunguSanele Mngwengwe, wangena kwiSafa ABC Motsepe League ngokuthenga isitifiketi seG Millionaire yaseMzimkhulu.

NgeSonto kuzoqala imidlalo yokuhlungela ukungena kuLast 32 yayo iNedbank Cup, lapho kuzohadulisana wonke amaqembu adlala kuSafa ABC Motsepe League kulesifundazwe.

“Sizimisele ukuphinde singene kwiLast 32 yeNedbank Cup, silungise amaphutha esawenza ngesikhathi singenile ngesizini edlule sikhishwa iCasric Stars ekuseni. Isikwati esinaso siningi futhi sinabadlali abaningi abanekhono engikholelwa ukuthi sikulungele ukwenza kahle emdlaweni yokuhlunga, siphinde sidlulele phambili bese singene kwiLast 32” kusho uNtinga.

UMkhambathi FC ngeledlule uhlulekile ukunqoba umqhudelwano womkhumulajezi iSafa ABC Motsepe Primo Cup, njengoba uphume kumaQuarter-Final ukhishwa iMidlands Wanderers FC okungomkhaya bawo.

“Yize singawunqobanga umqhudelwano iPrimo Cup, kodwa kukhona okuningi esikufundile. Sisebenzise abadlali ngokuhlukana ngenhloso yokubanikeza ithuba lokudlala ngaphambi kokuqala kwesizini. Isikwati sethu sidlala kakhulu sesikulindele ukuqala kwemidlalo yeNedbank Cup kanye neyeligi” kubeka uNtinga odabuka eMkhambathini kwaXimba.

Leli qembu eliteketiswa ngokuthi iThe Rural Boys liseqoqweni B, lapho lizodlala umdlalo wokuvula neDlangezwa Hellenic FC. Amanye amaqembu akuleli qoqo iSwayimane United, i-Oyzn Academy neSummerfield Dynamos le midlalo izodlalelwa kwaMsane Sport Complex.

Iqembu elizonqoba kuleli qoqo lizobe selidlala neqembu elinqobe kuqoqo A lapho kukhona uMkhumbane Classic, uMtuba All Stars, iStone Breakers, iNewcastle All Stars neFriends le midlalo izodlalelwa eSJ Smith Stadium.

“Umdlalo wethu neHellenic uzoba ngodhubile kakhulu, sesidlale nayo kabili sayihlula kuyona yomubili imidlalo. Ngalokho izoza kuthina ifuna ukuzolwela ukungaphindwa induku eyodwa, iyiqembu elidlala kahle, abaqeqeshi bayo bayawazi umsebenzi wabo ingakho ngithi silindele umdlalo onzima. Kodwa njengoba sibheke iLast 32 yeNedbank kumele sinqobile” kusho uNtinga oneziqu zika-C Licence.

See Also

Uthe kumjabulisile ukuthi uzosebenza nabaqeqeshi abalaziyo usiko lweqembu okunguLunga Ngwane oyisekela lakhe  noCothoza Gwala oqeqesha onozinti.

Ephawula ngeligi ezoqala maduze uthe: “Ukuba kuLast 32 yeNedbank Cup into esiyifunayo kodwa esikufuna kakhulu ukumela isifundazwe iKwaZulu-Natal kweyokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship. Ngesizini edlule eqoqweni B, sisale ngamaphuzu amabili kuMsinga United okuyiwo ogcine umele isifundazwe. Namanje ngisasho ukuthi iqembu ngendlela elithakwe ngayo kulesizini sizokwenza kahle kakhulu. Ngifuna ukujabulisa isikhulu seqembu esibambisene kahle naso, kwazise singumuntu ozithobile” kuphetha uNtinga.

Kuqoqo C khona kukhona iMidlands Wanderers FC, i-Ethekwini Coastal, iDrakensberg FC neNjampela FC le midlalo izodlalelwa eHarry Gwala Stadium.

Kuqoqo D kukhona uMvoti FC, uMsinga United, iMuzi King Masters neChess FC kuzodlalelwa eKing Edward Soccer Field.

Imidlalo izobe isiqhubeka ngesonto elizayo lapho kuzobe sekusele amaqembu amane azotholana kowamanqamu, nomdlalo wamanqamu. Iqembu elizonqoba lizobe selibhekana nelidlala kuSAB League.

Scroll To Top