Now Reading
Isiyalungiswa inkinga esiqiwini iHluhluwe /Mfolozi
Dark Light

Isiyalungiswa inkinga esiqiwini iHluhluwe /Mfolozi

Emuva kombiko welaboHlanga ngochungechunge lwezigameko zokuhlaselwa kweziqiwi kubulawe obhejane ngenhloso yokuthola izimpondo zabo, uhulumeni kuzwelonke usumemezele ukuthi zikhona izinhlelo esezivele zisebenza ukuqinisekisa ukuthi lesi sihlava siyanqandwa.

UNgqongqoshe Wezamahlathi Nmvelo uNkk uBarbara Creecy uthe iminyango ehlangene kahulumeni kuzwelonke ibeke eceleni imali eyizigidi ezi-4 ukulingisa ucingo olubiye esiqiwini iHluhluwe/Mfolozi Park.

Uthi lokhu abakwenzeli nje kuphela ukunqanda ukuzingelwa kwezinyamazane, kodwa nokuqinisekisa ukuthi umphakathi owakhele isiqiwi uphephile ngoba izilwane ziyeqa zibe uvanzi emphakathini.

Ubephendula emuva kwenkulumo eyenziwe iDemocratic Alliance ikhala ngokuthalalisa kukahulumeni ekukungiseni iziqiwi yize zenza enkulu imali futhi zifaka nomnotho ezweni ngenxa yezivakashi.

Ezinyangeni eziyisithupha ezedlule iKwaZulu-Natal silahlekelwe ngobhejane abali-143, uma kuqhathaniswa nabangama-42 ababulawa esiqiwini iKruger National Park eMpumalanga ngesikhathi esifanayo.

Kuthiwa akubona kuphela obhejane abawukudla kwezigebengu, kepha namabhubesi okuthiwa basuke befuna izinseka zabo ngenhloso yokwenza umuthi.

UNgqongqshe uCreecy uthi indlela abazingeli bezilwane abenza ngayo kukhombisa ukuthi sebesukile eKruger sebegxile KwaZulu-Natal eziqiwini zikahulumeni nezizimele.

See Also

Ngokusho kukaNgqongqoshe iNingizimu Afrika ilahlekelwe obhejane abangaphansi-231 phakathi kukaMasingana noNhlangulana.

Ngokwezifundazwe eLimpopo kubulawe abangama-20, eNorth West bahlanu, e-Eastern Cape bali-15 kwabulawa owodwa eWestern Cape. Lesi sibalo kuthiwa sehle ngobhejane abangama-28 ababulawa ngonyaka odlule kuzwelonke.

Ilungu leDemocratic Alliance esifundazweni elingumkhulumeli weqembu kwezokuVakasha Nemvelo uMnu uHeinz de Boer, uthi kumele kubhekwe emuva kwabe-Ezemvelo KZN Wildlife okuyibo ababhekele imvelo neziqiwi esifundazweni.

Scroll To Top