Isikhulu seCape Town City sithi izibabuli zayo kaziyindawo
Sibhoka siyakhahlela isikhulu selinye lamaqembu ahlonishwayo kuleli . Lokhu kuvele ngesikhathi usihlalo we Cape Town City, uJohn Comitis exoxa nelaboHlanga ngezinhlelo zakhe zokugcina izintandokazi zabadlali beqembu lakhe abashelwa yizikhondlakhondla zaseGauteng.
Amaqembu amakhulu azinze eGauteng afuna uthuli abadlali abafana noThabo Nodada, Taariq Fielies noMduduzi Mdatsane. UNodada noMdatsane bebecathanyelwa iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns kanti uFielies ubegaqelwe yi-Orlando Pirates.
“Ukukhuluma iqiniso besikade sizivulile izandla emaqenjini abegaqele abadlali bethu abamqoka kodwa konke lokho sekushintshile manje. Sinolunye uhlelo manje. Kuzoba nzima kakhulu manje ukuthi sibadedele la badlali ngoba kuzophazamisa izinhlelo zethu. Asikwazi ukushintsha umqondo ngemizuzu yokugcina. Njengamanje sengikubeke kwacaca ukuthi alikho iqembu elizosijika umqondo ekutheni sidedele uThabo Nodada, uTarra noMdatsane. La badlali bangumgogodla weqembu. Sineme ngokuthi basayingxenye yeqembu. Phela laba ngabadlali beqophelo eliphezulu,” kusho uComitis.
UNodada sekuphele iminyaka efunwa amaqembu amakhulu.
“Ukubagcina kuzokwenza isikwati sethu siqine. Ukuhlala kwabo eqenjini kuchaza nokuthi singalindela imiphumela emihle yodwa eqenjini,” kuqhuba lesi sikhulu.
ICity isanda kumemezela ukuthi inkampani i-DirectAxis njengabaxhasi bayo abasha.
“Inkontileka yethu neSportsPesa iphelile. Basazoqhubeka nokubambisana neqembu kodwa abakwaDirectAxis yibona asebezoba phambili ejezini lethu,” kucacisa uComitis.
ukhuvethe lwenza kubeyinkiyankiya emaqenjini akuleli ekutheni athole abaxhasi.
“Kunzima ukuthola abaxhasi kodwa kumqoka ukwakha ubudlelwano nabo noma kungathiwa ubudlelwano buncane kangakanani. Uma iqembu lenza izinto ngendlela efanelekile enkundleni nangaphandle kwenkundla kubalula ukuthola abaxhasi. Umgqigqo nawo umqoka uma ufuna ukuheha abaxhasi. Awukwazi ukwenza kahle namuhla bese kuthi ngesizini ezayo wehlise izinga. Umgqigqo umqoka kakhulu. Iqembu lethu lenza izinto ngendlela eqondile futhi asinazo izimfihlo. Lokhu kwenza kubelula ukuthi nabaxhasi bazihlanganise nathi,” kusho uComitis.
Lesi sikhulu siphinde savula isifuba ngephupho laso lokuba nenkundla yasekhaya ezoba ngaphansi kwegama leCity.
“Ngiphansi phezulu ngizama ukulungisa indaba yenkundla yethu yasekhaya. Okwamanje ngisasezingxoxweni zokuthola itayiteli leminyaka ethe xaxa ngoba angikwazi ukusebenzisa izigidi ngendawo ekubeni itayiteli linginika iminyaka emincane. Ngikhulumile neMeya, ithimba lami labasebenzi ngale ndaba. Ake silinde sibone kuzokwenzekani. Kubukeka sengathi sizokwakha ubudlelwano obuqinile neCape Town Stadium. Sizokwenza isimemezelo emasontweni azayo ngobudlelwano bethu,” kubeka uComitis.
Eminyakeni emihlanu eyedlule ama-Citizen asehlabane ngezicoco ezimbili (eseTelkom Knockout neMTN8).
“Ngeneme ngegxathu eselithathwe yiqembu kusukela lisunguliwe. Iqembu lisacathula. Phela leli qembu lisungulwe eminyakeni emihlanu eyedlule kodwa sekuyacaca lapho sibheke khona. Kule minyaka emihlanu sikwazile ukuhlabana ngezicoco ezimbili. Sihamba ngomzila ofanele. Abaxhasi nabo siyabathola. Seneme ngegxathu esesilithathile,” kusho uComitis.
NgoMgqibelo ngehora lesi-5 ntambama iCity izodudulana neSuperSport United eCape Town Stadium emdlalweni wokuqala weligi.
“Okwenza izinto zisebenze yindlela esithaka ngayo iqembu. Noma kubakhona abadlali esibadedelayo kodwa senza isiqiniseko sokuthi izikhala zabo sizivala ngabadlali abaseqophelweni eliphezulu. Isipiliyoni engisithole ebholeni eminyakeni eyedlule naso siyangisiza. Amaphutha siyawenza njengeqembu. Baningi abadlali bangaphandle esibasayanisile kodwa bafike bangenza lokhu ebesikulindele kubona. Bakhona abanye abafike benza kahle. Ibhola linjalo-ke. Ufunda zonke izinsuku. Thina sifuna ukubalwa namaqembu amane ahamba phambili” kuphetha uComitis.

