Now Reading
UNxesi usakhala ngokugqoza kohlelo lokuphucula abasebenzi
Dark Light

UNxesi usakhala ngokugqoza kohlelo lokuphucula abasebenzi

UNgqongqoshe Wezokuqashwa Nezabasebenzi, uThulas Nxesi, uthi nakuba ukusebenza kweNedlac kuye kwaba ngcono onyakeni wezimali wezi-2022-23, inqubekelaphambili ekuguqulweni kwemakethe yezabasebenzi isahamba kancane.

UNxesi uthi ngemuva kokuthi osomabhizinisi, abasebenzi kanye nohulumeni bethule iziphakamiso zokuthi kubuyekezwe umthetho wezabasebenzi ngowezi-2021, lolu daba alukalungiswa.

Uthe ezinye zezichibiyelo eziphakanyiswe yizinhlangano zihlanganisa ukuthuthukisa ukusebenza kweNkantolo Yezabasebenzi kanye nezingxoxo ezihlangene ukuze kusizwe abasebenzi kangcono.

Ubekhuluma nezithunywa engqungqutheleni yeNedlac yama-28 eGallagher Convention Centre eMidrand.

See Also

“Udaba lokusalela emuva eNkantolo Yezabasebenzi selubeke engozini inqwaba yabasebenzi. Udaba olukhona ngabehluleli ambalwa asebenziswa ngokweqile eNkantolo Yezabasebenzi; wudaba olubucayi engicabanga ukuthi kudala siluxoxa. Ngaphandle uma sengeza abehluleli, sizobeka abasebenzi abaningi engozini. Kunamacala aseqhubeke iminyaka emithathu kuya kwemine,” kuphetha uNgqongqoshe.

Scroll To Top