Umqeqeshi weBafana Bafana uphawula ngebutho lakhe



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IBafana isekhempini lapho izilungiselela ukuqala umkhankaso wayo wokuhlungela ukuzibekisela Indawo kwiNdebe yoMhlaba eseMelika, Canada naseMexico ngowezi-2026.
IBafana izodlala imidlalo emibili, owokuqala uzokuba ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngehora lesi-3 ntambama bese kuthi kowesibili idudulane neRwanda ngoLwesibili eHuye Stadium ngehora lesi-3 ntambama.
“Ikhempu yethu ingehlukile ngoba kumele siziqeqeshe ngendlela ehlukile, sizokhumbula ukuthi kunabadlali beMamelodi Sundowns kumasonto ayisithupha edlule bebedlala imidlalo njalo emva kwezinsuku ezimbili. Bengagcini lapho bebephinde behambe amazwe ase-Africa, okuyinto ekhathazayo. Nabe Orlando Pirates bekuyisimo esicishe sifane,” kusho uBroos esithangamini sabezindaba eTuks High Performance Centre ePitoli izolo.
Mayiqeda ukudlala ngoMgqibelo iBafana Bafana izobe isibhekisa amabombo eRwanda, lapho izodlala khona ngoLwesibili.
“Indlela yokuziqeqesha ngeke ivimbe izimfuno esinazo ngale mdlalo emibili esizoyidlala. Sifuna ukuthi sibe nesiqalo esihle kule midlalo yokuhlunga. Lokho kuzoqala ngokuthi sinqobe ekhaya, sobe sesiqhamuka neqhinga lokuthi senza njani ukubuya namaphuzu amathathu ekuhambeni. Siyabazi ubunzima bokudlala e-Africa, esikwatini sethu sinabadlali abakwaziyo lokho,” kusho uBroos.
Lo mqeqeshi uthe ufuna ukuqeda ishobolo leminyaka iBafana yagcina ukuba yingxenye yeNdebe YoMhlaba.
UBroos uthe nakanjani iBafana izoya kweyangowezi-2026 iNdebe yoMhlaba.
“Abantu baseNingizimu Afrika bagcina ukubona izwe labo lidlala kweyoMhlaba eminyakeni eli-12 edlule ngowezi-2010, nakhona ingoba yiyo eyayisingethe umqhudelwano. Yagcina ukungena ngowezi-2002, okusho ukuthi eminyakeni engama-21 edlule. Ukuqala kwethu kahle kuzoba isikhuthazi ukuthi indawo sizibekele yona,” kusho uBroos.
IBafana Bafana iseqoqweni C lapho iboshelwe neNigeria, iZimbabwe, iBenin, iLesotho neRwanda.
“Kumele siye kule midlalo sizithemba kakhulu kwazise emidlalweni yethu edlule sidlale kahle kakhulu. Buka nje cishe eminyakeni emibili nohhafu, sihlulwe cishe kathathu. Sidlale kahle kowobungani ne-Ivory Coast ekuhambeni. Ngiyathemba le midlalo yombili sizoyinqoba” kusho uBroos.
Ubalule ukuthi balinde oDokotela ngokuthinteka kukaGrant Kekana noThapelo Maseko.
Uphinde wabongela iSundowns ngokunqoba umqhudelwano i-African Football League (AFL).
“Siyayibongela iSundowns ngokudlala kahle yanqoba umqhudelwano we-AFL yaphakamisa ifulegi lalapha eNingizimu Afrika,” kusonga uBroos.