Now Reading
Umobara ubona ubungozi kwiity yize ibukeka ixuga
Dark Light

Umobara ubona ubungozi kwiity yize ibukeka ixuga

Emva kwemidlalo emithathu ayidlale ekhaya kule sizini AmaZulu FC adlale ngokulingana kwemibili anqoba owodwa ebhekene neTS Galaxy. Ukuthola induku edlala ekhaya agcina mhla zili-14 kuMfumfu ebhekene neRichards FC.

Kule mpelasonto azotholana phezulu neCape Town City, kumdlalo ozokuba ngeSonto ngele-17:30 eMoses Mabhida Stadium.

“Kuyathokozisa ngasosonke isikhathi ukudlalela ekhaya, ngoba usuke unomdlali we-12 okwabalandeli. Kuhlezi kuyinjabulo njalo ukubona abalandeli bethu bejabule enkundleni. NangeSonto sifuna ukuqhubeka nokubajabulisa ngokuthi sithole amaphuzu agcwele okuyindlela yokubabonga ngokusiseka ngazo zonke izikhathi,” kusho uMobara.

Umlando waMaZulu FC neCape Town City uveza ukuthi izinto zivuna Usuthu.

Emidlalweni emihlanu lama qembu etholana phezulu, Usuthu lunqobe emithathu okubalwa noweMTN 8 base badlala ngokulingana kwemibili.

 “Iqembu neqembu esidlala nalo ngilithatha njengesitha, ngoba ngisuke ngilwela iqembu engidlala kulona ngaleso sikhathi. Ngeke ngithi ngizongena nomqondo ohlukile, wonke umdlalo uyafana kumina,” kusho uMobara

Ubalule ukuthi yize bezobhekana neCape Town City esihlulwe emdlalweni emine kulandelana kodwa lokho ngeke bakuthathe kancane, ngoba uyazi iyiqembu elibekezelayo kuze kube uyaphela umdlalo.

Mayelana newindi leFifa ukuthi libasize kangakanani uthe: “Akukho okungako esikwenzile kodwa umqeqeshi usikhumbuzile indlela yokuvala emumva njengoba sisangenelwe amagoli amathathu nangena emdlalweni owodwa sibhekene neKaizer Chiefs. Kuphinde kwakhulunywa kakhulu nabadlali abadlali ezinhlangothi phambili ukuthi, kumele basilekelele kanjani uma siya phambili noma sekumele bebuye bezosimakisa. Uma kungalungisa bona ngithemba ukuthi sizowathola amagoli,” kusho uMobara.

See Also

Ukuqhubeka kwemidlalo yePremier Soccer League (PSL) kuzoqhubeka yize iNingizimu Africa yonke igubukelwe ifu elimnyama, okuwukudlula emhlabeni komsunguli we-Inkatha Freedom Party (IFP) nobenguNdunankulu wakaZulu iNkosi Mangosuthu Buthelezi.

Yize izoqhubeka imidlalo kodwa iPSL ayisalanga ngaphandle ekutheni ihlonipheni uMntwana wakwaPhindangene, nokukhalisana nomndeni ngokudlula kwakhe emhlabeni.

“Umuntu omkhulu uwile! IPSL izwakalisa ukudabuka okukhulu ngokudlula emhlabeni kweNkosi uMangosuthu Buthelezi. Inkosi Buthelezi izenzele igama ngendlela ehloniphekile. Kuzoba khona imizuzwana yokuthula kuhlonishwe yena uShenge ngaphambi kwemidlalo yeDStv Premiership, eyeMotsepe Foundation Championship neyeDStv Diski Challenge. I-PSL idlulisa ukuzwelana nomndeni wakwaButhelezi nesizwe sonke samaZulu. Ulale ngoxolo,” kusho isitatimende sePSL.

Scroll To Top