Now Reading
Kunzima minxa yonke kuSwallows FC enkundleni nakumaholo
Dark Light

Kunzima minxa yonke kuSwallows FC enkundleni nakumaholo

Ihlaselwe yizinkinga zemali iSwallows FC egijima kuDSTV Premiership. Lezi zindaba zitshelwe elaboHlanga yizimpimpi zaleli phephandaba ezingaphakathi eZinyonini. IZinyoni zidonsa kanzima kule sizini. Zilwela ukuvika izembe.

“ISwallows ibhekene nenkinga yemali. Isimo sibi kakhulu. Kunabadlali abangazange bayithole imiholo yabo ngoZibandlela. Ngokujwayelekile abadlali bahola mhla zingama-28 noma zingama-29 ekupheleni kwazo zonke izinyanga. Nokho izikhulu zeqembu zathembisa abadlali ukuthi bazothola imiholo yabo ngemuva komdlalo wokugcina kuZibandlela. Okusho ukuthi kwakumele bahole zingama-23 kodwa lokho okwenzekanga,” kuhleba lo mthombo ongashayi eceleni.

ISwallows ayihlezi kahle kulogi yeDSTV Premierehip. Ngemuva kwemidlalo eli-18 isiqoqe amaphuzu ali-16. Ihlukaniswe amaphuzu amathathu neTS Galaxy ebambe ibhuleki.
“Abadlali balindile kwaze kwashaya umhla wama-28 nama-29 abajwayele ukuhola ngawo. Nakhona imiholo yabo ayizange ingene. Kunalokho ize yangena phakathi noMasingana. Nayo leyo miholo ingene ingaphelele. Ingene iwuhhafu,” kuqhuba lo mthombo.

IZinyoni zizoqeda isizini yesibili zinyukele esigabeni esikhulu. Kusukela kuqale isizini izinto azizihambeli kahle. Zisanda kuhlukana nomqeqeshi uBrandon Truter. Indawo yakhe ithathwe nguDaylon Kerr.
“UVuyo Mere usegijima kuTS Galaxy FC uhanjiswe iyona lendaba yemali. Nguyena obekhulumela abadlali njengomdlali osekhulile. Abadlali bebehlongoza isiteleka. UMere uze wabizelwa ekomidini eliqondisa ubugwegwe ngoba esolwa ngokuba ngubhongoza ekuhlohleni ozakwabo ukuthi bateleke. Ibuhlungu ngempela le nto eyenzeka kuSwallows ngoba abanye abadlali bakhokhela imizi, izimoto nezinye izikweletu ezibamba uma kuphela inyanga,” kuchaza lo mthombo.

Kuthintwa umengameli weSouth African Football Players Union, uThulaganyo Gaoshubelwe uvumile ukuthi udaba lweSwallows lusezithebeni zabo ngesikhathi ethintwa ngelaboHlanga. “Yebo, kunabadlali beSwallows abasithintile ngodaba lwamaholo. Ngempelasonto sihlanganile nabo salulalela udaba lwabo. Njengamanje sihlela ukuhlangana nabaphathi beqembu ukuze sithole isixazululo kulolu daba,” kubeka uGaoshubelwe exoxa nelaboHlanga.

Eminyakeni eyedlule iSwallows ike yabhekana nenkinga efanayo. Lokhu kwaholela ekutheni iqembu ligcine ligawulwe yizembe amasizini elandelana. Lagawulwa yizembe kuPremiership kwathi ngesizini elandelayo yaphindwa ngesifanayo kuGladAfrica Championship. ISwallows yagcina isizithola isigijima ku-ABC Motsepe League Gauteng. UDavid Mogashou nguyena ogcine ethathe isinqumo sokutakula iSwallows. Uthenge isitifiketi seMaccabi kuGladAfrica Championship. Ngemuva kwalokho iSwallows ikhale yemuka nesicoco kuGladAfrica Championship.

See Also

Ngesizini edlule ifike kwezwakala. Ike yadlala imidlalo eli-18 yeligi ingayazi induku ngaphambi kokuthi leli rekhodi lokungahlulwa liphulwe yiGalaxy eMbombela. IZinyoni ziqede kuTop 8 ngesizini yazo yokuqala zibuyele esigabeni esiphezulu. KuMTN8 zifinyelele kowandulela amanqamu kodwa zagcina zikhishwa yiCape Town City.

Kuthintwa iSikhulu Esiphezulu kuSwallows uSipho Xulu (osesithombeni) ngalolu daba akazange atholakale. Ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuyoshicilela.

Amaqembu agijima esigabeni esiphezulu ahlomula ngesibonelelo sezigidi ezimbili zinyanga zonke ukwenza isiqiniseko sokuthi amaqembu ayakwazi ukubhekana nezindleko. Njengamanje iZinyoni ayinabo abaxhasi abafaka izindodla zemali eqenjini. ISwallows ike yamataniswa nabakwaTelkom kodwa udaba lwakhona lwagcina lungaphumelelanga. Izikhulu zeqembu kumele zilulungise ngokushesha lolu daba njengoba iqembu lizama ukuvika izembe, kungenjalo lingazithola ishaywa yinduku efanayo neyaseminyakeni eyedlule.

Scroll To Top