Now Reading
Umlimi “wenkosi yokudla” ubona ingozi ngentengo kaphethroli
Dark Light

Umlimi “wenkosi yokudla” ubona ingozi ngentengo kaphethroli

Umlimi wamazambane eLimpopo uthi ukunyuka kukaphethroli kwakamuva kungase kwenze abalimi banyuse intengo yomkhiqizo wabo. Omunye wabalimi abakhulu bamazambane endaweni yaseVivo, enyakatho ntshonalanga yePolokwane, uTshianeo Mathidi, uthe maningi amathuba okuthi anyuke amanani kanye nokunciphisa abasebenzi bakhe.

“Ngicabanga ukuthi okubalulekile wukuthi thina kwezokulima siqhuba ibhizinisi futhi amanani entengo ancike ezindlekweni esezingenile futhi ngoba ukubiza kukaphethroli kuzosenza sinyuse amanani. Kusho ukuthi sizokhokhisa nina bathengi. Lungiselani ukukhokha imali ethe xaxa ngomkhiqizo owawungabizi kakhulu ngaphambilini.”

Khonamanjalo, abanye abadayisi basePolokwane eLimpopo, abasebenzisa amazambane ebhizinisini labo lokudla bazwakalise ukukhathazeka ngokunyuka kwentengo yamazambane.

See Also

“Kumanje kuyasiphazamisa kakhulu, amanani amazambane alokhu enyuka futhi nebhizinisi lethu leKota alihambi kahle. Uma amazambane ebiza, sigcina sesithenga amazambane asezingeni eliphansi kanye namancane futhi asisatholi nzuzo ebhizinisini lethu. Sizolahlekelwa ngamakhasimende ethu ngoba amanye awo awasebenzi futhi ancike ngesibonelelo sikahulumeni.”

Scroll To Top