Now Reading
Kubanjwe umoya ngazogadulisana kowamanqamu kwiSasol League
Dark Light

Kubanjwe umoya ngazogadulisana kowamanqamu kwiSasol League

Lizoshona elangeSonto esaziwa amaqembu amabili azodlala umdlalo wamanqamu koweKwaZulu-Natal Sasol League, njengoba igoqwa imidlalo yale ligi kulempelasonto.

Le ligi ephakela amaqembu agijima kuHollywoodbets Super League okuyiligi enkulu kuleli, idlalwa ngamaqoqo amabili.

Iqembu eliqede phezulu eqoqweni libhekana naleli elisuke liqede phezulu kwelinye iqoqo. Kuthi iqembu elinqobile kumlenze yomubili, kube yilo elimela isifundazwe.

Kuqoqo B sekucacile ukuthi iLindelani Ladies iyona ezoqeda phezulu njengoba inamaphuzu angama-43, ilandelwa i-Unizulu ngamaphuzu angama-33.

ILindelani Ladies iqeda phezulu eqoqweni nje nangesizini edlule yaqeda phezulu, kwaze kwaba yiyo eyomela isifundazwe iKwaZulu-Natal kweyokuhlungela ukungena kwiHollywoodbets Super League.

Eqoqweni A ikhona lapho okushube khona kakhulu, njengoba amaqembu asembangweni ezotholana phezulu kowokugcina wamaphuzu.

Amaqembu asembangweni iNewcastle Ladies neSunflower WFC, womabili la maqembu anamphuzu angama-38 into ebahlukanisile amagoli kuphela. Kuyimanje iNewcastle Ladies iyona ehlezi phezulu kulogi.

La maqembu azotholana phezulu Osizweni Stadium, okuyinkundla yeNewcastle Ladies eqeqeshwa uThokozani Masondo.

Lo mdlalo kulindekele ukuthi kuguge utshani kuwona njengoba womabili amaqembu ezofuna amaphuzu aphelele.

Okunye okuzoshubisa lo mdlalo ukuthi iSunflower WFC eqeqeshwa uSiyabonga Malinga, izofuna ukuziphindiselela njengoba kumlenze wokuqala yaguqa ekhaya ngamabili kwelilodwa.

Kuphinde kube ukuthi iNewcastle Ladies ngeke ifuna ukuyeka leli thuba kwazise ihlezi ibhinxiselwa nxanye iyona iSunflower WFC.

Ngesizini edlule iNewcastle Ladies yalala endaweni yesibili eqoqweni yasala ngamaphuzu amabili kuyona iSunflower WFC.

IMenenja yeNewcastle Ladies uWesi Motsoalo ekhuluma nelaboHlanga, ubalule ukuthi bafuna ukuqeda ngokuzichanasela kweSunflower WFC.

“Ngesizini edlule salahla amaphuzu ngemizuzu yokugcina kwaba yiyo iSunflower WFC eqeda phezulu eqoqweni, naseminyakeni edlule iyona ehlezi yenza kahle. Kulokhu sifuna ukuthi singalenzi iphutha elifanayo. Siyazi inabadlali abasezingeni kakhulu, kodwa ngeke sivume ukuphucwa iqatha emlonyeni sidlala ekhaya” kusho uMotsoalo.

Utuse ukubambisana, ukuzimisela nokuhlonipha njengembangela yokuthi babe nesizini enhle kanjena.

Uphinde wabalula ukuthi, umdlali wabo uDineo Masitengi oneminyaka yobudala engama-40 kuyasiza kakhulu ukuba khona kwakhe ukulekela intsha kwazise iningi labadlali lincane.

Kumaqembu angase adliwe izembe kuqoqo A i-Ayaphila noma uMlazi Arsenal, kuthi kuqoqo B kube iSapphire Ladies noma iYoung Fighters.

Isiyonke imidlalo yeKZN Sasol League ihlelwe kanje:

Iqoqo A:

  iNewcastle Ladies neSunflower WFC Osizweni Stadium

See Also

  iDlala Ntombazane ne-Ayaphila WFC eFNB Wadley Stadium

  Umlazi Arsenal nePSG Amabhaca eMangosuthu Field

  iDUT neDUT Midlands eDUT Steve Biko

Iqoqo B

  iShooting Stars neLindelani Ladies eTara Reud

  iYoung Fighters neWestville Ladies eNkawini Sportfield

  iWhite City neDarnall FC Enricho Park

  iSapphire Ladies neMakhanisi FC eCator Manor

*Yonke le midlalo iqala ngehora lokuqala emini.

Scroll To Top