Ipolitiki yakuleli kuvuthondaba!


Iminyakazo yakamuva ebandakanya imibhikisho, ukunukana nobungede ikhomba ukuthi elakuleli selifana nawo onke awase-Afrika
EMINYAKENI eyevile kwengamashumi amahlanu izwekazi i-Afrika beliba nochoko lwezombusazwe nobeluphetha ngokuketulwa kohulumeni nababusi, ubukhona babaholi abangondlovukayiphikiswa ukungenelela kwamazwe angaphandle ekuxoveni izwe, ukwehla kokwethenjwa kosopolitiki kanye nezinhlaka zombuso kanye nezimpi zomkhaya. Konke lokhu bekuqala ngezinto ezincane nje nokuthe uma iBAYEDE yenza ucwaningo yathola ukuthi seziyenzeka naseNingizimu Afrika.
Ngokongoti bepolitiki kanye nenqubo yedemokhrasi, idemokhrasi ethuthukisiwe (consolidated democracy), “ingukuhleleka kwezombusazwe lapho idemokhrasi iwukuhleleka okunkimbinkimbi kwezikhungo, kwemithetho, futhi lapho okugqugquzelayo nokugxibhayo kungundabamlonyeni, okuyikhona kodwa okwenziwayo.” Kubuywe kuvezwe incazelo engenhla njengalokhu: okokuqala; akukho qembu elingagqamile elizama ukuketula izinhlelo zedemokhrasi. Okwesibili; ngokwesimomqondo, ngisho noma kunesimo esimazonzo kangakanani sezepolitiki yezomnotho, abantu abaningi bakholelwa ekutheni izinguquko kufanele ziqhamuke ngemigudu yedemokhrasi. Okwesithathu; ukuthi nokomthethosisekelo, bonke abathintekayo ekwakhiweni kombuso bagcinabekholelwe ekutheni ukungqubuzana ngokwezombusazwe kulelo lizwe kuzoxazululeka ngokwezimiso ezabekwa, ukungahambisani nalezi zimiso kungenzeka kungabi namthelela futhi kube nobungozi.
Kule minyaka engamashumi amabili bekukhona ukuvumelana kongoti ukuthi iNingizimu Afrika isemgudwini okahle lapho umbusazwe kanjalo nezinhlaka zakhona zisahamba kahle. Lokhu kuze kwalenzela igama elakuleli nasemazweni omhlaba. Ngenxa yalokhu kuningi elikuzuzile kusuka ekusingatheni imidlalo emikhulu kanye nemihlangano esezingeni lomhlaba. Nokho izinto zibukeka zesithanda ukuguquka kwezombusazwe kanye nendlela amalungu omphakathi aveza ngakho ukungenami kwawo ngalokhu akubona njengokugqoza kokuthunyelwa kwezidingo kubantu kanye nenkohlakalo ezindaweni ezithize.
Lokhu sekuqubule umbuzo othi ‘ngabe ipolitiki yakuleli isifinyelele kuvuthondaba yini?’ Lo mbuzo uvele kaningi nxa kubhekwa izigameko zangesonto eledlule lapho abafundi bakwaNgqondonkulu kulo lonke leli begcwale izitaladi nokugcine ngokuthi bazifikele mathupha ePhalamende eKapa kanye naseziNdlini zoMbuso ePitoli. Kuzona zombili lezi zindawo kube nezigameko zodlame, kungamaphoyisa esakaza isisi esichiphizisa izinyembezi kanti nabafundi bededela inhlalisuthi.
Yize bekukhona ukuvumelana kuzo zonke izinhlangothi ngobuqiniso kwalokho abafundi abebekhala ngakho, bambalwa abebecabanga ukuthi lokho kungaphetha sekukhona iziqubu zodlame njengalezi ezibonakale ePhalamende kanye nase-Union Building. Lokhu ngokusho kongoti kusho isiqalo sokukhulu okuzayo uma abaholi benganakile.
Ekhuluma neBAYEDE uDkt uBheki Mngomezulu waseNyuvesi YakwaZulu-Natal uthe abaholi kumele bazinuke amakhwapha ngalokhu okwenzakalayo. “Lokhu okwenzakalayo kuyizinkomba zokuthi sekukhona ukungaxhumani phakathi kwalabo abakhethiwe kanye nabavoti. Abaholi sebebukeka bekhohliwe ukuthi yini ababekhethelwe yona. Ukuklwebhana kwabo esikhundleni sokuqhamuka nezixazululo ezinkingeni ezikhungethe abantu kwenza uhulumeni kanye nepolitiki kwakuleli kwehlelwe yisithunzi. Abantu uma kunjalo baqhamuka nezinye izindlela zokuveza ukungenami kwabo.” kusho uDlakadla.
Uphinde wabasola abaholi ngokungafundi emaphutheni edlule: “Okubuhlungu wukuthi lokhu okwenzeka eNingizimu Afrika sikubukile kwamanye amazwe ase-Afrika. Kepha kasifundanga kuwo. Ukube nje leli lizwe lethu lingumuntu ngabe sithi yingane ethatha kancane ukufunda noma ekhubazekile okuthi ineminyaka engamashumi amabili kepha yehluleka ukuthi izihlele kangcono.” kuphetha uDkt uMngomezulu.
Omunye uzakwabo ongungoti kupolitiki yamazwe ngamazwe uMnu uSakhile Hadebe uthe: “Lokhu esikubonayo kuyizinkomba zokuthi iqembu elalizihola emzabalazweni lingaphansi kwegcindezi engenasidingo. Kanti ngakolunye uhlangothi kuvela isithombe esithi kawekho amaqembu aphikisayo akwazi ukungcwekisa iqembu elibusayo nokwenza abafundi nabanye abantu babone ukuthi kabezenzele, bazibumbe ngale kwamaqembu abo.” kuphetha uHadebe.
Umkhamkaso wabafundi ubunezinto ezimbalwa eziqaphelekayo nesezike zabonakala emazweni amaningi e-Afrika lapho izwe selifike kuvuthondaba. Kulo mkhankaso wabafundi bekunobunye kungekho iqembu eliqhakanjiswayo nokuyinto evame ukuphumelelisa umzabalazo noma umkhankaso osuke uqhutshwa ngaleso sikhathi. Kubonakale okungajwayelekile lapho amalungu eqembu elibusayo kuyiwo athi uNgqogqoshe oyingxenye yawo akehle esikhundleni akuso.
Kanti esinye isigameko kube yilapho iqembu i-Economic Freedom Fighters (EFF) ligasela emahhovisi eBhangengodla nayilapho ethule khona uhlu lwezikhalo ezingama-23. Kulolu luhlu kukhona phakathi kokunye izimfuno ngodaba lwezemfundo, amathuba emisebenzi, uhlelo lwezempilo kuwo wonke umuntu, imfundo yamahhala kanye nesidingo soguquko kwezezimali kuleli. Abe-EFF bathembise ukubuya emveni kwezinsuku ezingamashumi amathathu uma ngabe kabaphendulwa. Okwenziwe yileli qembu kubukeka kufana nemikhankaso eyenzeka eMelika ebizwa ngeWE ARE 99% lapho kwakuqhakanjiswa khona ukungabi nabulungiswa komkhakha wezezimali kuleliya lizwe. Lo mkhankaso njengaloyo owake waba seGermany wabafundi ababefuna imfundo yamahhala waletha izinguquko ezinqala.
Okwenzeke kuleli ngeledlule kubukeka kuseyisiqalo nje. Umbuzo uthi ‘ngabe lokhu kuzogcina kuyimikhankaso efana naleyo eyabonwa eGibhithe naseTunisia na?’ Ngabe sekukhona yini abangasebenzisa leli thuba ukushishibeza uhulumeni okhona, kungalandelwa umthetho? Lona kubukeka kuwumbuzo ongaphendulwa yisikhathi.
Ukunukana kwezingede yinto yakhona kuvuthondaba
OKUNYE okwenzekayo uma izwe seliya kuvuthondaba wukwanda kokunukana kwezinhlaka zisolana ngokuthi kukhona oyingede. Lokhu kwenziwa nguhulumeni kanye nezimbangi emaqenjini ezepolitiki. ENingizimu Afrika sekuqalile njengoba abaholi sebeqalile ukukhombana ngeminwe. Muva nje kuvele izinsolo zokuthi uMvikeli WoMphakathi u-Advocate uThuli Mandonsela, umholi we-EFF uMhlonishwa uJuilius Malema kanye nalowo owayengumholi weDemocratic Alliance ePhalamende uNks uLindiwe Mazibuko kanye noMnu uJoseph Mathunjwa ongumholi wenyunyana i-AMCU bayizingede zamaMelikana basebenza nenhlangano yeCIA. Nokho lezi zinsolo kazinaso isisekelo njengoba nabo abasolwa bathi zingamawongowongo.
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnu uProtus Madlala ukuqinisekisile ukuthi zikhona izinhlelo zokuqumba phansi ohulumeni basezwenikazi i-Afrika eziqhutshwa ngezobunhloli baseMelika.
“Esikhathini esiningi iCIA ukuqhuba lo mkhankaso wayo isebenzisa izinhlangano ezingenzi nzuzo, amaNGO. Yingakho uMengameli waseZimbabwe uMhlonishwa uRobert Mugabe engawafuni nokuwabona amaNGO ezweni lakhe. Ngisho ne-ANC ngesikhathi ithatha izintambo ibingawanambithisisi kahle amaNGO ngoba iyazi nayo ukuthi ngezikhathi zomzabalazo ibisebenzisa wona ukulwisana nohulumeni wobandlululo. Manje bayazi ukuthi asengaphinde asentshenziswe ukulwisana nayo.’’ kusho uMnu uMadlala.
UMnu uMadlala uqhube wathi: “Phela abantu kumele bazi ukuthi ekubusweni kwezwe kukhona abalihola becashile bese kuba khona abaholi esibabonayo. Labo abasuke belihola ebumnyameni yibo kanye abathatha izinqumo ngokumele kwenziwe kulelo lizwe,’’
UMnu uMadlala uqhube wathi lokhu akhuluma ngakho ngemikhuba eyenziwa ngamaNGO yinto ayaziyo ngoba naye ngezikhathi zomzabalazo wenkululeko uke wawaphatha amanye amaNGO abe lekelela ekulwisaneni nohulumeni wobandlululo.
“Impela kuzomele uhulumeni wakuleli avuke emaqandeni ngoba kungekudala sizovuka izwe libheke phezulu ngenxa yemikhankaso yezwe laseMelika.