UMvovo uthipha Amabhokobhoko ekuzidleleni ibhece kuRomania


Akakhathazekile nakancane ngendlela Amabhokobhoko aqale ngayo iNdebe yoMhlaba eqhubeka eFrance owayegijima kuleli qembu, uLwazi Mvovo.
Ompetha boMhlaba, Amabhokobhoko aqumbe phansi iScotland ngo 18-3 emdlalweni wokuqala wamaqoqo obuseStade Velodrome.
Kuyiwe ekhefini elakuleli lihamba phambili ngo 6-3. Abathandi bebhola lombhoxo bebebheke ukuthi ezikaSiya Kolisi zizigwazele ibhece noma ziziphuzele isobho kuma-Scottish kodwa aphaka impi enzima.
Ngesiwombe sesibili Amabhokobhoko abuye ngamandla ecacisela iScotland ukuthi awasibo ontanga.
Kowesibili asezogadulisana neRomania ngoSonto ngelesi-3 ntambama eNouveau Stade de Bordeaux.
“Emdlalweni wokuqala into emqoka kunayo yonke wukuqoqa amaphuzu agcwele. Amabhokobhoko aphumelele ukwenza lokho. Yebo, ngesiwombe sokuqala adlale ngenqwaba yamathuba okufaka ingcindezi eqenjini lesizwe laseScotland. Lokho akuzange kuthuse. Kulindelekile emdlalweni wokuqala. Amaphaphu asuke ephezulu kungekho ofuna ukwenza amaphutha. NeScotland besifuna ukuzibonakalisa sibhekene nompetha boMhlaba. Njengoba ngishilo okubaluleke kunakho konke wukuqoqa amaphuzu zibekwa emidlalweni yemiqhudelwano. Umgqigqo uwubamba ngendlela,” kuchaza uMvovo.
Amabhokobhoko agaqele isicoco sawo sesine emlandweni weNdebe yoMhlaba okuzokwenza abe yizwe eliphethe izicoco eziningi zeNdebe yoMhlaba.
Abe ngompetha ngowe-1995 engosokhaya, akhala emuka nesicoco kwelaseFrance ngowezi-2007 njengoba ekuphindile lokho eJapan ngowezi-2019.
Njengamanje abambene neNew Zealand nayo egabe ngezicoco ezintathu ezinqobe ngo-1987, 2011 nango-2015.
“IRomania akulona iqatha engibona lizosibinda. Ithwale kanzima ithelwa ngehlazo ibhekene ne-Ireland emdlalweni wokuqala. Ngibona Amabhokobhoko ezothela usawoti esilondeni kwelaseRomania. Igebe phakathi kwethu neRomania likhulu kakhulu. Angeke ilibone ngempela elidlalayo. Iqembu esinalo yiqembu elinesipiliyoni sokuba sezimeni ezifuze lezi. Angicabanga ukuthi bazoyithatha kancane iRomania. Kunalokho bazobona ithuba lokulungisa amaphutha abawenze emdlalweni wokuqala sibhekene neScotland. Kumele sifike ku-Ireland sesicijile,” kuqhuba uMvovo.
Amabhokobhoko ajaha omunye umlando wokuba yizwe lesibili ukuphakamisa iNdebe yoMhlaba amahlandla amabili elandelana.
Ama-All Black abe yiqembu lokuqala ukuvikela iNdebe yoMhlaba ngo-2015 kulandela ukuyinqoba ngo-2011.
“Angilindile ukuthi ithimba labaqeqeshi lenze inqwaba yezinguquko. Sidlale kahle kakhulu kowokuqala. Inkinga wukuthi asisebenzisanga amathuba. Ngakho ngibheke ukuthi sibuye ngeqembu elifanayo uma kungekho abathintekayo ejimini,” kusho uMvovo.
Ama-All Black aqale ngebatha eguqiswa yiFrance emdlalweni wokuvula iNdebe yoMhlaba ngoLwesihlanu.
“Angeke ngahlulele amazwe amaningi ngemidlalo yokuqala. Kusazoshuba kule Ndebe yoMhlaba. Okwamanje kuseva kakhulu. Amazwe asazama ukuthola imigqigqo. INingizimu Afrika yebo isethubeni lokuyinqoba iNdebe yoMhlaba kodwa namazwe afana no-England, France esingethe imidlalo, Australia noWales akumele siwabukele phansi. Yiwona wonke amazwe azofaka umbango oshubile kuMabhokobhoko.” kuphetha uMvovo.