AmaProteas azoya eNdiya enengcindezi yokuzibonakalisa
Ubeke amathemba akhe kubadlali abayizithenjwa kumaProteas azobhekisa amabombo kwelaseNdiya ukuyodlala
iNdebe yoMhlaba, uJustin Kemp (osesithombeni) owazakhela igama kwelesizwe.
AmaProteas asanda kubhuquziswa yi-Australia ngo 3-0 kuchungechunge lwemidlalo yeT20 ebidlalelwa eHollywoodbets Kingsmead ngeviki eledlule.
Kulolu chungechunge elakuleli beliphumuze izithenjwa ezifana noQuinton De Kock, David Miller, Kagiso “KG” Rabada, Anrich Nortje noHeinrich Klaasen.
Njengamanje amaProteas asezobhekana ne-Australia kuchungechunge lwemidlalo emihlanu yosuku olulodwa.
Lolu chungechunge luyingxenye yamalungiselelo eNdebe yoMhlaba ezobanjelwa eNdiya ngenyanga ezayo.
UKemp owayekhona amaProteas edlala iNdebe yoMhlaba ngo-2007 kwelaseWest Indies utshele elaboHlanga ukuthi impumelelo yamaProteas izoncika kubadlali abayizithenjwa zeqembu lesizwe.
“INingizimu Afrika ingayinqoba iNdebe yoMhlaba into eyidingayo wukuthi abadlali abamqoka eqenjini bacokamise izinga. Uma abadlali abafana noDe Kock,
Aiden Markram, Klaasen noMilller bengabhetha kahle sisethubeni elihle lokuqeda ishobolo kweyeNdebe yoMhlaba. Ngibheke ukuthi basekwe ngoRabada, Nortje noKeshav Maharaj. Amazwe amaningi anqobe iNdebs yoMhlaba eminyakeni eyedlule yingoba abadllali abayizithenjwa bebesefomini. Kwenzekile
ngoBen Stokes iqembu lesizwe lase-England liba ngompetha. I-Australia ikwenzile ngabadlali abafana noRicky Pointing noGlenn McGrath. ElaseNdiya likwenzile ngoSachin Tendulkar noVirat Kohli,” kuchaza uKemp.
AmaProteas awakaze ayinqobe iNdebe yoMhlaba selokhu elakuleli labuyiselwa emidlalweni yamazwe ngowe-1992.
Sekuphele iminyaka engama-31 lihlulwa wukunqoba iNdebe yoMhlaba yize lithathwa njengesikhondlakhondla emdlalweni wekhilikithi.
“AmaProteas enze kahle kakhulu emidlalweni yosuku olulodwa kulezi zinyanga ezisiyishiyagalombili ezedlule. Adlale namazwe ahlonishwayo, athole imiphumela emihle. Ngibheke ukuthi aqhubeke nomgqigqo ofanayo uma esebhekene ne-Australia kulolu chungechunge lwemidlalo emihlanu yosuku olulodwa,” kuqhuba uKemp.
INdebe yoMhlaba ibophele amazwe afana neNdiya engosokhaya, Pakistan, Bangladesh, New Zealand, Australia, Afghanistan, Sri Lanka, Holland, Bangladesh, amaNgisi namaProteas.
Amaqembu amane aqede esicongweni azodlulela kweyandulela kweyamanqamu.
“Amaspinner nawo azoba ngukhiye ekutheni sihamba ibanga elinakanani. Kweminye imidlalo ngeke ngithuke uma sidlalisa uMaharaj noShamsi (Tabraiz) kanye kanye. UMarkram ngibheke ukuthi asinike ama-over angaphezu kwamahlanu njengomshibi wethu wesithupha. Uyadlondlobala njengespinner,” kubeka uKemp.
AmaProteas asanda kuqumba phansi i-England ngo-2-1, iHolland ngo-2-1 ase ebambana neWest Indies ngo-1-1.
“Angililahlile ithemba. INingizimu Afrika iyogcina iyinqobile iNdebe yoMhlaba. Sike
sacishe sayinqoba ngowe-1992, 1999, 2007 nangowezi-2015. Ngenxa yamabhadi ahambisana nesimo sezulu sigcine siphoxeka. Isikwati esisibophele manje sakhiwe ngabadlali abanesipiliyoni. Abadlali asebeyibambe eqenjini lesizwe isikhathi eside. Iningi labo lizobe lingaqali ukudlala kweyeNdebe yoMhlaba. Phezu kwalokho lidlala ku-Indian Premier League (IPL). Lokhu kuzokwenza basheshe bathole uzinzo kwelaseNdiya. Yebo, asizona izimfivilithi kodwa sibophele iqembu elingakwazi ukusiwinela iNdebe yoMhlaba. Mhlawumbe kuyisibusiso ukuthi asizona izimfivilithi. Eminyakeni eyedlule besibhekisa amabombo kweyoMhlaba sithwelwe ngeqoma. Besifika sihluleke wukumelana naleyo ngcindezi,” kuchaza uKem