UmaMthembu ufisa usizo lokudayisa naseMoses Mabhida
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umsebenzi wokudayisa yiwona aziphilisa ngawo kusuka esemncane
Uma ungumuntu ojwayele ukuhambela imiqhudelwano kanobhutshuzwayo ezinkundleni ezehlukahlukene esifundazweni iKwaZulu-Natal, kwala kancane ungayiboni intokazi igama layo uSibusisiwe Mbali Praiseworth Mthembu.
Le ntokazi isuke idayisa okuyinto leyo esiziphilise ngayo iminyaka. Izwa ngendaba ukuthi obani abasuke benqobile, ngoba ayihlali phansi izungeza inkundla lize liyoshona ilanga.
Ngesikhathi inengxoxo ekhethekile nelaboHlanga uSibusisiwe odume ngoMaMthembu noneminyaka yobudala engama-26, ukucacise ngokusobala ukuthi akanamahloni njengoba edayisa.
Abathandi bakanobhutshuzwayo, abamazi kangcono bahlezi bemuchaza njengowesifazane onomusa, ohloniphayo.
“Ngaqala ukudayisa ngineminyaka yobudala eyisikhombisa ngilekelela umama kwaze kwaba uyadlula emhlabeni ngineminyaka eli- 12. Ngibe sengisuka ngayohlala nomama omdala naye oziphilisa ngokudayisa, ngaqhubeka ngadayisa naye. Ngangiphinde ngizidayisele naseskoleni, kwazise bengingaphumi ekhaya elinakho konke,” kusho uSibusisiwe.
Ubalule ukuthi kusukela eneminyaka eli-17 esehlala eMlazi, ubedayisa esitimeleni nasezindaweni zakhona eMlazi.
“Angikhethi ngihambela zonke izinkundla, ngibuya ngisho Olundi, iseShowe okuyizindawo lezo ezike zisingathe imiqhudelwano ehlabahlosile. Ngigibela itekisini nazo izimpahla engizidayisayo, ngenhlanhla uma sengibuya kukhona abake bangithathe ngezimoto zabo” kulandisa uSibusisiwe othe ungumlandeli wawo wonke amaqembu aKwaZulu-Natal adlala kuPremier Soccer League (PSL).
Le ntokazi ingumuntu ekhula izifela ngonobhutshuzwayo, ingakho kwathi makuqala ukubheda kwezitimela yabe isiyodayisa eKing Zwelithini Stadium ngaleso sikhathi le nkundla yayisetshenziswa AmaZulu FC.
Imali enkulu eke iyenze ngosuku, uma kudayiseke kahle izinkulungwane ezine, okuyimali ngisho abasebenza kahle abangayenzi ngosuku.
“Kubuhlungu ukuthi ngidayisa zonke izinkundla zaKwaZulu- Natal ngaphandle kwaseMoses Mabhida Stadium. UMasipala weTheku okanye iPSL akekho ofuna ukungisiza ngokuthola incwadi yokudayisa kule nkundla. Sengize ngaphela amandla ngoba side isikhathi ngizama. Kodwa makukhona ongangisiza ngiyacela angilekelele. Le nkundla inokusingatha imidlalo eminingi emikhulu, ngalokho ngingenza imali engcono kakhulu,” usho kanje.
Uma uSibusisiwe engadayisi ezinkundleni udayisa eWorkshop, kumabhasi aya eMlazi nakweminye imicimbi okungeyona unobhutshuzwayo.
“Indlala inhlupheko nokukhula kanzima, umama engasekho kwangivula umqondo wokuthi ekhaya imina ngedwa omele ikhaya futhi nginomntwana obheke mina nabanye abathembele kimi nokuzinanakela mina nje Ngiyakuthanda kusebenza ngabantu akuyona inkinga ukuba phakathi nabo. Ukube ukhuvethe alufikanga ngabe ngikude nempilo ngoba,” kuphetha uSibusisiwe ngomoya ophansi.