Now Reading
Usuphenduke ugoqanyawo wabesifazane uMthwalume
Dark Light

Usuphenduke ugoqanyawo wabesifazane uMthwalume

Uhlalele ovalweni umphakathi waseMthwalume ogwini oluseningizimu yesifundazwe iKwaZulu-Natal ngenxa yezigigaba zokutholakala kwabantu besifazane ezigangeni bebulewe ngesihluku iningi labo begwaziwe abanye becwiywe izitho zomzimba. 

Kule ndawo okungacatshangwa ukuthi abantu bakuyo bathobela umthetho noma imigomo yokuvalwa kwezwe kanti akunjalo besaba ukubulawa umalugaju okubikwa ukuthi ubulala ephindelela endaweni, bakhetha ukuzivalela ezindlini.

Itwetwe likhushulwe ukunyuka kwesibalo sabantu besifazane ababulawayo kuleya ndawo njengoba sekuphinde kwatholakala abanye ababili benamanxeba okugwazwa esifubeni ezindaweni ezingaqhelelene. 

Omunye utholwe emhosheni eMnafu kanti omunye ngasezitolo kwaSmith okuyindawo eseduze kwenye lapho omunye naye egwazwe esifubeni lapho kutholakale ukuthi uvulwe isifuba ngesikhali kwafakwa isikhindi sakhe sangaphansi. Kuphinde kwavela ukuthi ubeklinywe ngesikhafu. 

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uColonel uThembeka Mbhele unxenxe amalungu omphakathi ukuthi angesabi ukuya emaphoyiseni uma kukhona akutholayo. 

Uthe okwamanje ngeke baqiniseke ukuthi kunomalugaju endaweni owenza lo mkhuba yize indlela okubulawa ngayo laba besifazane ithanda ukufana.

“Lokhu kubukeka sekuyinhlalayenza njengoba sesingenelele siyisifundazwe noHulumeni kazwelonke kwazise sesiyazi ukuthi kunabanye abatholakele phambilini kusukela ngoNdasa njengoba isibalo sesifike kwabayisithupha,” kusho uCol Mbhele. 

Udalule ukuthi kunowatholakala khona endaweni ngoNtulikazi mhlaka ziyisi-7 kanye nabanye ababili abayizelamani abatholakala ngomhla zingama-23 kuMbasa emuva kokubikwa ngokulahleka kwabo ngoNdasa. 

“Okwamanje asikwazi ukuveza ukuthi laba ababili abasanda kutholakala badlwenguliwe noma cha ngoba sisalindele imiphumela yokuhlolwa kwezidumbu zabo,” kusho uCol Mbhele. 

UMnu uSibongiseni Khambule ongumfowabo kaNks uZama Khambule otholwe ebulewe ngoLwesibili uthe besekuphele inyanga udadewabo enyamalele. 

“Wadukelana nengane yakhe ezitolo ayehambe nayo eyoyiholela isibonelelo sikaHulumeni,” usho kanje. 

Uthe bathintwe umakhelwane wabo ethi uzwe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kunomuntu otholwe ebulewe emhosheni. 

“Kubuhlungu ukusishiya kwakhe ngale ndlela ngoba kasinawo ngisho umasingcwabisane, besisahlela ukuwuthatha futhi nengane yakhe isencane,” kubalisa uKhambule. 

Esinye isisulu isidumbu saso esitholwe ngoLwesithathu sesonakele kubikwa ukuthi sishiye amawele asemancane.  

IMeya yendawo uNkk uLondolo Zungu nayo iyakhala ngobugebengu endaweni kangangoba ithi ubunzima ababhekena nabo ukuthi kabakwazi ukuqhuba izinhlelo abanqobe ngazo ubugebengu phambilini ngoba kusenokhuvethe nemiyalelo engakuvumi ukuhlangana kwabantu. 

“Sibhekene nokubulawa kwabesifazane ngokugwazwa nje sisanda kuphuma kolunye utaku lokubulawa kwabo ngesibhamu” kusho iMeya uZungu. 

Ithe phambilini bekunomkhuba wokuhlaselwa kwabesifazane ezindlini zabo abantu abangaziwa bafike bafune imali emuva kwalokho babadubule bababulale. 

See Also

“Noma kunjalo sakwazi ukukunqoba lokho ngoba kwagcina kufike uNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele kwaboshwa abantu abangaphezulu kweshumi,” isho kanje. 

IMeya ithe baphatheke kabi ngalezi zigameko ngoba akukaboshwa muntu. 

“Asisalali ngenxa yetwetwe esibanalo uma kushona ilanga lapho kufanele ukuthi siphumule, siyesaba ukuthi kuyosa sithole ziphi izindaba,” kusho iMeya. 

Ithe sebeqaphele ukuthi liphezulu izinga lokusetshenziswa kwezidakamizwa endaweni lapho kuneziphaza zabantu bokufika okwenziwa sengathi kuyadayiswa kuzo kanti ngale kwazo kushushumbiswa izidakamizwa. 

“Kunzima ukugxila kulokho ngoba sisabela ukuthi kungaphinde kuqubuke udlame olubhekiswe kwabokufika yingakho sifuna ukuthi siluhlalela kahle phansi lolu daba kodwa bayaziwa abenza lokho endaweni,” kubeka iMeya. 

Iqhube yathi bazoxhumana neziphathimandla balekelelwe ukuze abomthetho bahlasele le ndawo ngoba ngeke baphumule bengakatholakali abasolwa. 

“Khona kubuhlungu ngoba lezi zigameko zenzeka kakhulu ngenyanga yokubungazwa kwabesifazane lapho kubukeka sengathi kunabesilisa abaphikisana kumbe abaqhudelana ngokubulala abesifazane,” kusho iMeya. 

Ukuhambela kukaMphathiswa Wezokuphepha kulesi sifundazwe, uMnu uBheki Ntuli, kule ndawo kuhlehliselwe kusasa ngoMgqibelo njengoba kuye kwabonakala ukuthi kufanele alinde noma afike ehambisana noNgqongqoshe Wamaphoyisa kuzwelonke uCele. Sekukhishwe umehlokaboni wezi-R20 000 kwabangaba nolwazi ngalezi zigameko.

Scroll To Top