Now Reading
Umvuzo wokuzikhandla wenze isikole saTholokuhle kwezemidlalo
Dark Light

Umvuzo wokuzikhandla wenze isikole saTholokuhle kwezemidlalo

Uma kukhulunywa ngezikole ezenza kahle esifundazweni iKwaZulu-Natal kwezemidlalo kakhulukazi ebholeni lomnqakiswano, iTholokuhle Secondary School nayo igama layo liyavela.

Lesi sikole esaseNseleni Township, eRichards Bay, ngaphansi kwesiFunda iKing Cetshwayo. Senza kahle kakhulu kwabaneminyaka engaphansi kweli-15 neli-16.

Iqembu labaneminyaka engaphansi kweli-15 libe ngompetha beKay Motsepe ezikoleni zaseRichards Bay, ezaseKing Cetshwayo District neKwaZulu-Natal yonke. Elabaneminyaka engaphansi kweli-16 nalo lenze okufanayo.

Muva nje kumqhudelwano obumhlazane ziyi-9 kuya mhla zili-10 kuNcwaba koweSchools Championship obuseBoksburg lesikole sibuye negolide sabe sesikeliswa kunombolo-1 ezweni lonke.

ElaboHlanga likhulume noNomusa Buthelezi oyiMenenja yesikole, obedalula ukuthi kungani lesi sikole senze kahle kanjena.

“Akukho esikwenzayo okungumlingo ukuze siphumelele, siyazimisela, siziqeqesha ngokukhulu ukuzikhandla, siyahloniphana, siyalekelelana bese singenela imincintiswano ekhokhayo nengakhokhi ukuzigcina sisezingeni lokudlala” kusho uNomusa.

Lesi sikole siqeqeshwa uqweqwe lo mqeqeshi uJabulani Vilane, ophinde abe ngumqeqeshi weqembu lesizwe labesilisa elibuye nendondo yesiliva eJamaica nyakenye emdlalweni yamazwe. Sikhiqize uNozipho Ntshangase oseke wagijima kwiKingdom Stars okuliqembu elikhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal elidlala kuTelkom Netball League (TNL) naseqenjini lesizwe iSpar Proteas.

ITholokuhle Secondary School emva kokunqoba eminye umqhudelwano.

UNomusa uthe yize senza kahle lesikole kodwa zikhona izinqinamba, ababhekana nazo.

“Sisebenza emphakathini oswele okunzima ukucela imali kubazali uma kumele siphume singena iminyango sicela uxhaso kosomabhizinisi, ukuba besisize ngemali yokugibela masiya kwezinye izindawo. Kumele sithole

izindawo zokulala, ukudla kanti nezinsiza zokudlala ziyashoda. Yize kunjalo siyaqhubeka nokwenza kahle, ngoba siphokophele phambili”.

ITholokuhle Secondary School ayigcini ngokwenza
kahle ebholeni lomnqakiswano nakunobhutshuzwayo esifanayo. Iqembu labesifazane lingompetha besifunda saseKing Cetshwayo koweCAF Cup, abesilisa ompetha besifunda kwiKay Motsepe nakumqhudelwano kaSiyabonga Sangweni.

UMoses Mthembu ongumdlali weRichards Bay FC, ufunde kusona lesikole.

See Also

Lesikole nasekuculeni sihamba phambili njengoba besihlezi sizidlela amahlandla kwimiqhudelwano, ngaphambi kokufika kokhuvethe.

“Isikole sethu singesinye sezikole ezenza kahle kwezemfundo sizizuzele izindebe nezitifiketi ngokukhiqiza imiphumela emihle ethumela

abafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme. Othisha nabafundi basebenza kanzima kunama, singena ekuseni ngaphambi kwesikhathise sesikole nantamba sifunde futhi. Ngezimpelasonto nangamaholidi senza okufanayo.

Isikole simema nothisha abavelele ezifundweni ezihlukene ukuzohlanganyela neskole ukuqinisekisa ukuthi abantwana benza kahle kakhulu.

Isikole sigqugquzela ukuthi abafundi bebanga leshumi nambili bangalibambi iqhaza kwezemidlalo bebhekane nezincwadi” kusho uNomusa.

Nyakenye lesikole siphumelele ngo-81%, abafundi abangama-132 baphumelele nge-Bachelor bathola oDistinctions abali-180.

Scroll To Top