Kuyenyukela kwabacija kuPSL ngejoka lokuqoqa izicoco zokuqala
Njengoba wonke amaqembu evutha akekho ofuna ukukhubeka
Babhekene nejoka elinzima abaqeqeshi abathungatha izicoco zabo zokuqala ezingeni elikhokhelayo.
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki noSteve Barker opheka iStellenbosch bangaphansi kwenkulu ingcindezi. Bobabili basathungatha izicoco zabo zokuqala ezingeni elikhokhelayo njengabaqeqeshi.
Amakhosi azodudulana neMamelodi Sundowns evutha ingabaselwe kuDSTV Premiership kusasa ngo-3 ntambama eFNB Stadium, eSoweto, eGoli emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela amanqamu eMTN8.
UNtseki onyamanambana kubalandeli beChiefs uyaqala ukucija kuDSTV Premiership. Unikwe umthwalo wokulolonga Amakhosi ekuqaleni kwesizini. Uthathe indawo ka-Arthur Zwane oseyiphini lakhe.
Izimpofana sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili ziphikwa yizicoco. Wonke amathemba alele kuNtseki ekutheni aqede ishobolo. IChiefs selokhu yagcina ukuphakamisainkomishi ngo-2014/15 kusakhona uStuart Baxter.
UMolefi Ntseki noSteve Barker
USteve Komphela, Giovani Sonalis, Ernst Middendorp noGavin Hunt bonke bahlulekile wokuletha impumelelo.
UKomphela wafinyelela kowamanqamu ngo-2015 kodwa wakhala ngaphansi edliwa yi-Ajax Cape Town kuMTN8 kwifayineli yeTelkom Knockout wathelwa othulini yiMamelodi Sundowns ngo 3-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngo-2019, iChiefs ingene ehlazweni igilwa yiTS Galaxy FC kowamanqamu weNedbank Cup. IRockets yabhuquzisa Amakhosi ngo 1-0 wegoli likaZakhele Lepasa eMabhida. Kusukela ngo-2019,
Izimpofana azikaze ziphinde zidlale kowamanqamu. UNtseki ubhekene nejoka lokuphendula amatafula.
IChiefs yize idonsa ngodizili kodwa iyona ephethe inqwaba yezicoco zeMTN8. Isinqobe izicoco ezingu-15 zeMTN8 kusukela yasungulwa.
Nokho isimo sayo sifana nokuqwala intaba iKhilimanjalo ngenxa yokuthi iSundowns ayingayelwa mphako ngaphansi kobuholi bukaRhulani Mokwena opheka iqembu.
ISundowns ayiyazi induku selokhu kuqale isizini. Isinqobe imidlalo eyisikhombisa kuyo yonke imiqhudelwano. Isobozela kwasani olubhayizela phambi kwayo.
IChiefs cishe ilwazi kahle udaba kwazise la maqembu aseke ahlangana kweyeligi. ISundowns inqobe ngo 2-1. UMokwena usezinqobe zonke izicoco ezimqoka kuSundowns kodwa usashoda ngeseMTN8 njengomqeqeshi ozimele. Ngesizini edlule
unqobe isicoco seligi kuphela njengomqeqeshi ozimele.
Ngakolunye uhlangothi uBarker ololonga iStellie usenkingeni ethi ayicishe ifane nekaNtseki.
Uqale isizini ngebatha. Iqembu lakhe selidliwe imidlalo emibili kwemine yeligi. Ngaphandle kwalokho naye usathungatha isicoco sakhe sokuqala.
Ngowezu-2009, uke wafinyelela kowamanqamu kodwa wagilwa yiSwallowa kwifayineli yeNedbank Cup.
Ngaleso sikhathi wayepheka i-University of Pretoria yodumo lo- Andile “Gattuso” Jali, Mthokozisi “Diski Dance” Yende, noWarren Bisoph.
Usethubeni lokuqopha umlando neStellenbosch ngokuba ngumqeqeshi wokuqala emlandweni waleli qembu ukulifaka kowamanqamu.
IStellies izokwamukela eZimnyama eDanie Craven Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.
Umqeqeshi wePirates uJose Riviero akakaze ashaywe emdlalweni womkhumulajezi kusukela afika eNingizimu Afrika.
Useyinqobe yonke imiqhudelwano yemikhumulajezi asadlale ngaphansi kwayo.
Ukhale wemuka nesicoco seMTN8 equmba phansi AmaZulu kowamanqamu ngo 1-0 wegoli likaMonnapule Saleng eMabhida.
Kuthe kusabatshazwa lokho wathela othulini iSekhukhune United eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli kowamanqamu weNedbank Cup.
Emzuliswaneni wokuqala ukhiphe yona iSekhukhune. UBarker ubhekene nenselelo yokuqeda ngerekhodi elihle likaRiveiro ebese ezifaka emlandweni.
Lo mqeqeshi useke wayishaya iPirates ngo 1-0 kule sizini emdlalweni weligi. Ngempelasonto uzobe ebheke ukuphinda okufanayo.