Now Reading
Ukulethwa koMhlanga eSigodlweni eNyokeni
Dark Light

Ukulethwa koMhlanga eSigodlweni eNyokeni

Izintombi zithutheleka esigodlweni seNgonyama ngoLwesihlanu uMkhosi WoMhlanga uzoba ngakusasa. Ekufikeni kwezintombi ngoLwesihlanu, abaNtwana baseNdlunkulu, abasuke bona sebevele bamukelwe yiNgonyama bayaphuma esigodlweni bazozibingelela bazamukele izintombi. AbaNtwana babe sebefundisa izintombi ezifikayo amahubo amasha. Phela lapha kusuke kukhona izintombi eziqalayo ukufika eMkhosini woMhlanga ngakho namahubo lawo zisuke zingawazi. Emva kokwamukelwa izintombi zithola ithuba lokugida zithole neziyalo zeMbube.

Ngakusasa ngoMgqibelo omame abahamba nezintombi futhi okuyibo beziqaphile bazivusa ngovivi ziyogeza emfuleni zibuye sezivunule. Ngenxa yobuningi bazo ukusuka emfuleni sezibheke esigodlweni kungathatha ihora nengxenye nangaphezulu. Ziyothi zingafika esigodlweni zikleliswe ngendlela eyiyo ehambisana nokuvunula kwazo izintombi.

Phambili kuma abaNtwana beSILO nabaNtwana baseNdlunkulu bese kuthi ngemuva kwabo kume ithimba lezintombi elibhince imitsha. Leli yithimba elingamatshitshi ngemuva kwalo okulandela elibhince umgcabha noma ivukusi okuyithimba lamaqhikiza wodwa. Noma yiluphi uhlobo lokubhinca kumele ngaphezulu kwalo lwembathwe wumutsha ongubufakazi bokuthi lezi yizintombi nto, izimbali zikaZulu.

Kungama konke ngomumo umhlanga wokuqala uthathwa yiNkosazane eqokwe oNgangezwe Lakhe nokuyileyo esuke iwugawule kuqala eMfuleni uMhlathuze. Ngemuva kweNkosazane kuthatha abanye abaNtwana bese kulandela izintombi. IMbube esuke isivunule ilinde esigodlweni ngenhla kwesibaya ikanye nezimenywa, ngaphambi kokwamukela umhlanga eNkosazaneni iqala ngokwephula owangonyaka owedlule eyayiwamukele eNkosazaneni eyayiqokwe nguye Ongangezwe Lakhe. Lo mhlanga iMbube ewephulayo usuke usuncikiswe othangweni olwahlukanisa isigodlo nesibaya.

See Also

IMbube iwephula umhlanga kusasele amagxathu ambalwa kanduba iNkosazane ifike kuyo bese iwuhudulela eceleni lona esiwephulile. Kanjalo newemukele kulo nyaka umhlanga iMbube iyowenzenjalo ngonyaka ozayo. Uma iNkosazane isiwubekile umhlanga koNgangezwe
Lakhe kulandela abanye abaNtwana kugcine izintombi. Akunamgomo wehubo okumele lihaywe ngesikhathi izintombi ziyokwethula umhlanga koNgangezwe Lakhe kodwa alisali elithi: “Uyamemez’ okaNdaba, uyiNkosi yoHlanga…”

Uma sekuqediwe, iNgonyama iphuma ngehubo ilandele izintombi kuyiwe enkundleni lapho Ongangezwe Lakhe eyokwethula khona inkulumo yakhe yosuku.

Scroll To Top