Onondweba basengakwazi ukuzilungisa bangabekwa amabala
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngingomunye wabantu eminyakeni edlule abayigxeka kakhulu indaba yokuthulwa kwe- Video Assistant Referee (VAR), ebholeni likanobhutshuzwayo.
Okwakwenza ngiyigxeke ingoba ngikholelwa ukuthi unobhutshuzwayo umdlalo wotsotsi. Kwesinye isikhathi usuke udinga bona ubutsotsi ukuze unqobe umdlalo.
Buka nje sinegoli emlandweni elinegama “Hand of God”, elashawa uDiego Maradona ngesikhathi i-Argentina idlala ne England kumqhudelwano weNdebe YoMhlaba ngowe-1986.
Ziningike ezinye izigameko ezenzela okuthi uma zibuyekezwa emva komdlalo kubonakale ukuthi ukube kwabe kukhona iVAR, maningi amagoli engabe acimeka.
Ngiyakuqonda ukuthi akuyona into encane ukuba kube khona iVAR lapha eNingizimu Afrika njengoba ukuze kube iVAR kumele iqembu neqembu libe nenkundla yalo. Manjeke mancane amaqembu okuthiwa anezinkundla zawo. Ngibona sesikhona isizathu sokuthi ibe khona manje iVAR kuleli ngoba izinqumo ezithathwa ngonompempe, azingigculisi nhlobo. Akukapheli isikhathi esingakanani isizini ka-2023/24 yeDStv Premiership iqalile kodwa sekukhona izigameko ezenzakalalile. Kwaqala emdlalweni lapho ompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns yayibhekene khona neKaizer Chiefs, kuningi okwabe kuphambene okwenziwa onompempe.
Kubuhlunguke ngoba kulabo onompempe kukhona noqokwe njengovelele ngesizini edlule u-Abongile Tom, lapho ayelekelelwa uZakhele Siwela ophuma kwiNdebe YoMhlaba ebingonyaka odlule noKhumusi Razwumisani. Isinqumo esithathwe iPSL ukuthi laba bobathathu bahlawuliswe amasonto amane bengadlalisi.
Unompempe uSiyabonga Nkomo nomsizi wakhe uKgara Mokoena, namanje ngisazibuza ukuthi bakufundelaphi ukudlalisa. Angibathathi kancane kodwa kwangixaka ukuthi balibala kanjani igoli, elagcina linikeza iSwallows FC amaphuzu amathathu ibhekene neSekhukhune United.
UDumisani Zuma weSwallows FC wagoba ibhola uBandra Sangare ongunozinti weSekhukhune United walibamba ibhola kwafika uGabadinho Mhango wamphusha wangena nebhola phakathi labalwa njengegoli.
Ngokomthetho unozinti umake wamthinta ebhokisini ibhola libekwa phansi kuthiwe iFree Kick, ngoba konke okwenzeka kulona ibhokisi kusuke kuvuna yena unozinti.
Angiyisoli iPSL ngokubamisa amasonto ali-16. Kusasekuseni kakhulu onompempe abashintshe ukwenza, amaqembu awangahlulwa ngamaphutha abo.