Akubuzwa ukuthi izoshintsha izinto iKiger


Ngesikhathi ifika kuleli ngoSepthemba nonyaka kwacaca zisuka nje ukuthi izojika izinto. Lapha sikhuluma ngeRenault eyafika isilindelwe ngabaningi. Uma uziyithi nhla ungaze udideke uzitshele ukuthi isesigabeni sezimoto eziphezulu ngenxa yezinto ezitholakala kuyo njengemalambu aphuma neLED akhanyisa ngendlela yokuthi ungakwazi ngisho ukucosha inaliti, amasondo angu 16 inch, yase idla ngokuphakama okungu 205 mm.
IKiger yakhiwa eNdiya ifike kuleli isingumumpu, kanti eNingizimu Afrika ithatha indawo yeRenault Stepway elihambile ibanga layo. Ingemuva layo lixoxa indaba njengamalambu awuphawu luka-C, ispoiler esithe chwa esengeza umuzwa wayo wokuba yisporty, kanye nama skip plate.
Emuva kokuhambela ukwethulwa kwayo eGoli ezinyangeni ezedlule, ngibe sengithola ithuba lokuyivivinya. Ngibe nenhlanhla yokuqondana naleyo esezingeni eliphezulu futhi abagadla ngayo kuzwele enenjini engu 1.0 litre turbocharged 3 cylinder esebenzisa uphethroli. Le njini ikhiqiza amandla afinyelela ku 74kW kanye netorque engu 160Nm isebenzisa ugearbox weCVT kanti idonsa ngamasondo angaphambili.
Angikusho ukuthi cishe njengeningi lezimoto zakwaRenault ukuyishayela akudingi mcikilisho futhi okuhle abakwenzile ukuthi zonke izinto bazenze zaba sobala, umshayeli akudengi nokuthi aze asuse amehlo emgwaqeni uma ebheka ibhathini elithile. Ungakwazi ukuyishayela ngezindlela ezintathu njengeNormal, Eco kuya kuSport Mode.
IKiger esesigabeni sama Crossover SUV ayidle ngabukhulu ngaphandle, kodwa ingaphakathi layo lingudedangendlale. Ekuyivivinyeni kwami, njengomuntu ohlale elandelwa yiviyo ngikwazile ukufaka kuyo izinsizwa ezondlekile impela ezinhlanu futhi zahlala ngokukhulu ukukhululeka. Okunye engikuqaphelile isikhala esikhulu esikhona phakathi komshayeli nephasenja ngaphambili.
Uma ubambe isiteringi akukho ukwesaba ukuthi iphasenja lingakuphazamisa ngokuthile ngoba niqhelelene impela. Ngingacishe ngivumelane nabakwaRenault uma bethi isikhala esikhona phakathi kwezihlalo zangaphambili nezangemuva singafinyelela ku-710mm
Ngiyayithanda indlela iCVT yabo eshaya ngayo uma uzoqhathanisa nezinye izimbangi zayo, akukho ukuthi ngesikhathi uyinyathela bese iqala ukuzwela iphenduke isindandanda. Ngiyizwe inamandla noma isika isika ezinye izimoto emgwaqeni kungakhathalekile ukuthi uyishayela ngayiphi indlela, kodwa iSport Mode yina engingathi ngiyasiphasisa uma usika.
Ngesikhathi yethulwa kwaRenault bathe ngebanga lika 100km icaphuma amalitha angu 5.4 kodwa ekuyivivinyeni kwami lokho kuthe ukwehluka imbijana ngoba kufinyelele ku 6.6 wamalitha ngebanga lika 100km. Njengoba kushiwo ukuthi alikho isoka elingenasici, nayo iRenault Kiger kukhona lapho ingangigculisanga khona njengoba ingenawo ama anti-roll barr kwi axle yangemuva.
Kwezokuphepha
Ngalapha abalenzanga iphutha ukuqinisekisa ukuphepha komshayeli nabagibeli ngoba iphuma netraction ne electronic stability control, i-ABS ehambisana ne electronic brake distribution kanye nama airbags amane. Okunye engikuthokozele ngayo ukuthi ikahle uma nihamba nibaningi okungaba umndeni noma abangani ngoba izindawo zokubeka izinto ziyinsada.
Ayinaso isizungu
Uhamba awuluzwa uma uzochitha isizungu ngescreen esingu 8 inch esisebenza ngokuthi usithinte kancane esihambisana nezipikha i-3D Arkamys okwazi ukuxhuma kuyi i-Android Auto ne- Apple CarPlay
Intengo: R289 900
Injini: 1,0-litre, three-cylinder, turbopetrol
Amandla: 74 kW at 5 000 r/min
Torque: 160 N.m at 3 500 r/min
Izinga likaphethroli: 5,4 L/100 km
Ugearbox: CVT
IService Plan: 3 years/45 000 km