Ingwazi ebholeni lakuleli ifuna abaqeqeshi babuyele edeskini
UMcCarthy ubona abaqeqeshi bokufika beqashwa kalula ngenxa yezicucu
Ingwazi yomdlali weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns uFabian McCarthy isiphonsele inselelo iPremier Soccer League (PSL) ukuthi iqinise isandla kubaqeqeshi abangenazo izicucu ezifanele zokulolonga ezingeni eliphezulu.
UMcCarthy uphansi phezulu wenza iziqu zeCaf A Licence eGaborone, eBotswana. Exoxa nelaboHlanga uthe iPSL kumele ishaye umthetho omusha ovimbela abaqeqeshi abangenazo izicucu ukuthi baqeqeshi ezingeni elikhokhelayo.
“Ngifunda lukhulu njengoba ngenza iziqu zami zokuqeqesha. Angizisoli nakancane ngesinqumo sami. Uma sifuna ukubanga nabaqeqeshi baphesheya kwezilwandle kuyasiphoqa ukuthi nathi sikhulise ulwazi lwethu ngokuya esikoleni. Iyona indlela esizokwazi ukuvala ngayo igebe phakathi kwethu nabaqeqeshi baphesheya kwezilwandle. Yingakho nePSL kumele iqale ishaye umthetho wokuthi abaqeqeshi abangenawo uCaf A Licence bangavunyelwa ukuqeqesha ezingeni elikhokhelayo. Lo mthethu uzobamba elikhulu iqhaza ekukhuliseni ibhola lethu,” kuchaza uMcCarthy.
UFabian McCarthy
Ihlangano yebhola e-Afrika, iConfederation of Africa Football (Caf) isanda kushaya umthetho omusha ngabaqeqeshi abangenazo izicucu.
Lo mthetho uphoqa wonke amaqembu adlala emiqhudelwaneni yeCaf ukuthi abe nabaqeqeshi abaneCaf A Licence. Umqeqeshi ongenazo leziqu akavunyelwe ukuhlala ebhentshini.
“Mina ngike ngafaka isicelo somsebenzi kuGaborone United yalapha eBotswana. Bangitshele eziqwini zamehlo ukuthi isicelo sami ngeke basamukele ngoba anginawo uCaf A Licence. Ngokwezinga singaphezulu kweBotswana kodwa indlela abenza ngayo izinto ikhomba ukuthi banentshisekelo yokuvala igebe phakathi kwabo namanye amazwe amakhulu ebholeni e-Afrika. NePSL kumele isike iphetheni eligini yaseBotswana,” kuqhuba yena.
Izifundo zeCaf A Licence eziqhubeka eBotswana zizophothulwa ngoZibandlela. Abaqeqeshi abayingxenye yalezi zifundo bavakasha kanye ngenyanga eBotswana bafike bachithe iviki beseklasini.
USimo Dladla oyiphini likaZipho Dlangalala kuMaritzburg United naye wenza lezi zifundo. “Ibhola lishintshile. Ngeke sithembele kuphela kulwazi esilithole sisengabadlali. Indlela yokuzithuthukisa nokukhula yikona ukuthi senze iziqu zokuqeqesha. Okwamanje bengisafake isicelo kuKaizer Chiefs nakuMamelodi Sundowns ukuthi ngiyoqeqesha khona njengomyalelo kaCaf A Licence. Kunombiko okumele siwenze ngemuva kokusebenza nelinye lamaqembu adlala esigabeni esikhokhelayo. Okwamanje bengisalinde izimpendulo,” kulandisa uMcCarthy.
UBenni McCarthy oshaya ngeziqu zika-Uefa Pro Licence ucija abagadli kuManchester United egijima ku-EPL kanti uPitso Mosimane ophethe iziqu zeCaf Pro Licence uqeqesha e-United Arab Emirates (UAE).
“Uma sike sathuthukisa izinga labaqeqeshi angingabazi ukuthi nezinga leligi yethu lizothuthuka. Kumqoka ukuthi nasemazingeni aphansi sibe nabaqeqeshi abaneziqu. Ngaleyo ndlela sizokwazi ukukhiqiza abadlali beqophelo eliphezulu. Abadlali abazogijima kumaligi ahlonishwayo emhlabeni. Amazwe afana noGermany, Spain ne- England badle ngalokho. Yingakho bengasokoli ukukhiqiza abadlali abasezingeni eliphezulu minyaka yonke,” kubeka uMcCarthy.