Now Reading
Ubuciko buyaba ngumduduzi nomalamulela kokhubazekile emoyeni
Dark Light

Ubuciko buyaba ngumduduzi nomalamulela kokhubazekile emoyeni

Siphila ezikhathini ezinzima. Ngalesi sikhathi ukungena nje komyalezo nocingo sekuyethusa. Angikhulumi-ke uma uthe ushayela ucingo umuntu omaziyo bese ucingo lungakhali luthi nje shiya umyalezo. Uthuka wome ngoba kawazi ukuthi engabe sekwenzenjani kwazise siphila ezikhathini zokhuvethe.

Uma sithathela emilandweni eyedlule sithatha sikholwe ukuthi nalokhu kuzokwedlula. Abanye lokhu bakudlulisa ngokulandela inkolo ethize. Abanye bathembele kuso isikhathi ukuthi yiso esiyokwenza konke kwedlule. Kepha kukhona enye indlela endala okubukeka iphumelela ukududuza abantu uma begubuzelwe yisimo sokulahlekelwa.

Ubuciko bokuhuba noma ukucula busetshenziswa yizizwe nezizukulwane ezahlukene ekwedluleni osozini. Endulo imizi yabe inamahubo ahlukene kusuka ekuzalweni kwengane, ukuganiselana, awempi kanjalo nawokuphelezela loyo olilungu lomndeni osuke eyolondolozwa. Le ndlela itholakala kuyo yonke imiphakathi yaboHlanga.

Kuhambe kwahamba ngokuxhumana kwaboHlanga nenkolo yobuKhrestu kwabe sekuvela ukuthi kanti nabo bakhalela kubo ubuciko bokucula ukwedlulisa imizwa nokulila. Lapha emiphakathini yaboHlanga kuze kuvele sekuxutshiwe, uma sekuzwakele nje ukuthi kwasibanibani selibalahlile, uzwe amakhosikazi endawo engaphoqwe muntu esephikelela khona namatshali.

Athi engena nje lapho kuqhuma khona isililo asibhule ngokuhlabelela. Athi angenza njalo uzwe kwehla, kwehla kuze kuphele ukuhayiza. Kuyoba njalo-ke kuze kube kuyathunwa ongenayo ungena ngehubo noma isihlabelelo.

Ngomlindelo-ke kube sengathi kuyabukiswa ngoba impendulo kumphefumulo odangele kuba yikho ukucula. Ngosuku lomngcwabo kushetshwa ngayo ingoma lapho abantu belanda ngomlando kamufi. Lapha kuyehluka, abanye kuba ngamahubo ayo inkonzo umufi abekuyo, abanye kuphoselwe wona umphakathi wabazili ukuba uqhulule. Kweminye imizi kuqashwa ngisho imizwilili ukuze izoduduza ngamaphimbo ayo. Akukho okungcono kunokunye ngoba konke kunenhloso eyodwa- ukududuza umuntu ososizini ingani isuke nengoma isho ithi: “Ukuhlabelela kuyamthokozisa odabukileyo”.

See Also

Phezu komculo sekukhona ubuciko obunye osebanda uma kungcwatshwa. Abantu sebeba nenkondlo efundwayo ebhekiswe kuye umufi. Njengakuwo amahubo nokuhlabelela izinkondlo lezi ziyehluka. Kukhona abacaphuna osekwake kwashiwo ngabanye ngoba kuhambisana nesimo abakuso.

Bese kuba khona abavukwa wugqozi baqophe imizwa yabo ababe sebeyethula njengenkondlo. Izinkondlo emingcwabeni zande kakhulu uma kufihla labo ababeyizigomagoma zomzabalazo ngoba bezinika ithemba ekutheni ukufa kothile akukhona ukuphela komzabalazo, uzwe bekhondloza befunga bethi: “Umkhonto wesosha uwile bazowuthatha baqhubeke nomzabalazo”.

Kokubili ukuhlabelela nenkondlo kubukeka kuseyiwo umuthi owelapha umphefumulo futhi kusazoba njalo iminyaka.

Scroll To Top