Now Reading
ISihlalo singesabaphilayo nabafabengafi
Dark Light

ISihlalo singesabaphilayo nabafabengafi

Kulezi zinsuku kube kuningi ukukhuluma ngoBukhosi beNdlu kaZulu. Lokhu kukhuluma bekunomunyu kanye nentokozo. Umunyu ubugxile ekwebuzeni kweMbube yoMhlaba neSILO kanye neNdlovukazi, iGwalagwala. Okwenzekile kubashaqisile abenyama kepha kwaqondwa ngabafabengafi. Kwabenyama kuhambe abantu kanti kwabafabengafi kubuye abantu, kuhle. 

Ngakolunye uhlangothi kube nokuthokoza manxa kuphuma igama elithi selicoshakele ilahle, usekhonjiwe ozohlala eSihlalweni. Kulona obekwayo akuyona into engajatshulelwa kalula ngoba lapha uthwaliswe ijoka elinzima. Igama lakhe lisuke selisohlwini lwabangena emlandweni ngobuhle noma ngobubi. Uyoba ngumenzi wokuhle, okuphumelelayo noma isehluleki, umhlola nje.

Kepha okumele kuqondakale wukuthi lokhu kukhonjwa akwenziwa ngumuntu noma ngabantu. Futhi ukuthi akukona okomuntu noma abathile. Lokhu kokuthi umuntu akhonjwe eSihlalweni akukhona okwakhe, okomndeni wakhe kepha ngokwesizwe, abaphilayo nabafabengafi. 

Lokhu kumqoka ngoba kudinga ukucophelela ekutheni ukujabula lokhu ngokwabo bobabili; abaphilayo nalabo abafabengafi.

Ngesikhathi kwenziwa imigidi ngabaphilayo kuyobekwa oqokelwe oseSihlalweni kumele ngesikhathi esifanayo kulungiswe umsamo omkhulu wesizwe ukuze nakhona kuxokozele. 

See Also

Iphutha nje elincane kulokhu lingadala umonakalo weminyaka yikho kumqoka ukuthi nxa kwenziwa kuqikelelwe. Awufuneki umsindo omubi okuyizingxabano ngoba lokho kuxabana kusuka kwabaphilayo kwenabele nakwabafabengafi. Ngamafuphi kudingeka ukuthula ezweni, ukuthula emindenini kepha kakhulu kakhulu ukuthula kuyo iNdlunkulu nayilapho kuqhamuka khona iNkosana yesizwe.

Ekuthokozeleni kwethu ukucoshakala kwelahle emlotheni asizothe, singaxokozeli samukele lokho iZinyandezulu ezisibekele khona kungakhathaleki ukuthi wena ubufisa zikhombephi, okumqoka yikuthi sezikhombile.

Scroll To Top